Now Reading
Abahlukunyezwa izikhukhula bazibona sebeyophelela kolindela  ngenxa yepolitiki
Dark Light

Abahlukunyezwa izikhukhula bazibona sebeyophelela kolindela  ngenxa yepolitiki

Basakhala nangokuthi kubuyiselwe emuva izigidi okwakumele zibatakule osizini


Emuva konyaka nezinyanga ezimbili iKwaZulu-Natal yahlaselwa izikhukhula ezashiya kukhalwa, kusenemindeni esalindele usizo olwaluthenjiswe nguhulumeni.

Ingxenye yemindeni isagobe amadlangala ezindaweni zesikhashana ezaziwa ngolindela, ngethemba lokuthi iyogcina ihlaliswe endaweni ephephile, okanye yakhelwe ezinye izindlu.

Kwabanye olindela babona sekuyibo amakhaya abo angunaphakade. Kuleli sonto umholi weDemocrati Alliance (DA) uNkk uHelen Zille uhambele eNewlands East eThekwini lapho ehlangene khona nabanye abakhahlanyezwa izikhukhula.

Enkulumweni yakhe ugxeke ubuholi be-ANC kuMasipala iTheku ngokubuyisela emuva imali engama-R300 million kumgcinimafa kuzwelonke eyayibekwe eceleni ukusiza abakhahlanyezwa izikhukhula.

Ezinyangeni ezimbili ezedlule elaboHlanga labika ngosizi olukhungethe laba bantu emuva kokuhambela kolindela eSiphingo, eMalukazi nasehholo laseMolweni lapho izikhukhula zashiya khona kukhalwa.

Njengoba kulezi zinsuku amakhaza ekubuza ukuthi ungubongaki, le mindeni ibonga kusile kwazise ungqoqwane uphelela kuyo.

Okukhalisa kakhulu umphakathi ukuthi sekufike abaphathiswa abehlukene bezokuhlaliswa kwabantu esifundazweni babathembise ukuthi bazokhishwa lapho behlala khona batholelwe izindawo ezingcono, kepha zonke lezo zethembiso zibuye ziphelele emoyeni.

“Siyabona ukuthi ukushintshwa kwabaphethe lo mnyango kunomthelela omkhulu ekutheni isimo sethu singalungi. Iqiniso nje ukuthi ipolitiki le abayidlalayo isigcina ngokushaya lapha kithina emazingeni aphansi. Sesize sidideke ukuthi konje manje ngubani ophethe uMnyango ngoba bashintshiswa okwezingubo zangaphansi (esho ezidalula ngebanga),” kuzikhalela uMnu uMboniseni Nxumalo ohlala kolindela eSiphingo.

Ukushintshwa kwabaphathiswa

Kusuka ngonyaka odlule uMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu usuphathwe abahlonishwa abathathu esifundazweni.

Phambilini ubuphethwe uMnu uJomo Sibiya, uNdunankulu kusenguMnu uSihle Zikalala. Emuva  kwengqungquthela yokukhetha ubuholi esifundazweni, unikezwe uDkt uNtuthuko Mahlaba kulandela ukuhlulwa kukaZikalala esikhundleni sikaSihlalo, kwathatha uMnu uSboniso Duma. Kuthe kusenjalo kwaphinde kwaba nokushintshwa kwesigungu esikhulu kwaqokwa uMnu uSipho Nkosi njengoMphathiswa omusha.

See Also

UNxumalo uthi yilowo nalowo ufika kubona abatshele lokho okuzohambisana naye ngaleso sikhathi maqede ashaye achithe. Ekhuluma ngesonto eledlule uNkosi uvumile ukuthi kusenenqwaba yemindeni esakhoseliswe ezindlini zesikhashana eyakhahlanyezwa izikhukhula.

Uthe zikhona izinhlelo abanazo zokulekelela imindeni. “UHulumeni ufuna ukwenza isiqinisekiso sokuthi imizi emisha azoyakha ingeyezinga eliphezulu, futhi izokwazi ukumelana nanoma yisiphi isimo sokuguquguquka kwezulu.”

Uthe akafuni ukuzinqumela ogodweni ngoba ukuguquka kwesimo sezulu yinto engabuye yenzeka noma kunini. Uqhube wathi ingaphezulu kwe-2 700  imindeni ecuphe kolindela nasemafulethini kahulumeni indaba yayo esabhekelelwa.

Umphakathi ohlala koLindela uphonsela inselelo uHulumeni wesifundazwe ukuba kuthi noma kwenziwa ushintsho kubaphathiswa, kepha izinhlelo ezikhona zentuthuko zingaphazanyiswa.

Bathi ukushintshashintsha kuyogcina kudale ukuthi baphelele kolindela impilo yabo yonke. Kukhona ukukhuluma okuthi uNkosi hleze afike noshintsho njengoba kulo leli sonto ebophezele umnyango wakhe ekulungiseni zonke izinhlelo zezindlu ezimisiwe. Eqhulwini kuzoba izindlu zaseThubalethu eMelmoth ezizoqedelwa osekuphele iminyaka kwama ukusebenza ngenxa yombango phakathi kwe-IFP ne-ANC kuMasipala uMthonjaneni.

Scroll To Top