Now Reading
Uphiko olubhekela ukusebenza kwamaphoyisa luyashushwa
Dark Light

Uphiko olubhekela ukusebenza kwamaphoyisa luyashushwa


Noma kukhona ababonakala belunyathela udaba lwepulazi lukaMengameli kepha abanye bayaluvusa


Uphiko oluphenya amacala athinta amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) luthi alukakanqumi ukuthi luzoqhubeka yini nophenyo mayelana nokuziphatha kwamaphoyisa ngezinsolo zokuthi kufihlwa ukwebiwa epulazini likaMengameli uCyril Ramaphosa ePhala Phala.

I-African Transformation Movement (ATM) ibhalele amaphoyisa ukuze aphenye ngezinsolo zokuthi amaphoyisa asifihla lesi sigameko. Owayengumphathi wezinhloli u-Arthur Fraser, uvulele uMengameli icala lobugebengu ethi kwakunemizamo yokufihla ukwebiwa kwezigidi zamadola ase-USA epulazini lakhe eliseLimpopo. UFraser usole uMengameli ngokuthumba, ukugwazisa, ukushushumbisa imali kanye nokufihla ubugebengu. URamaphosa ukuphikile ukuthi kukhona akwenzile.

Okhulumela i-IPID uLizzy Suping uthe kumele baqinisekise ukuthi isikhalo singaphansi kwegunya labo. “ISigaba 28/1.8 sihlinzeka nge-IPID ukuthi ikwazi ukuphenya amacala adluliselwa kithina ngenxa yesinqumo soMqondisi Omkhulu we-IPID noma uNgqongqoshe. Ngakho incwadi esiyithole ivela ku-ATM asikafinyelelwa ngokugcwele ngenxa yokuthi ulwazi oluqukethwe kuleyo ncwadi lwalulinganiselwe kakhulu. Sicele omele i-ATM ukuthi asisize ukuze sibe nengxoxo futhi sithole isitatimende esisemthethweni kubo. Uma sesitholile leso sitatimende, sizobe sesihlola ukuthi kufanele yini sisiphenye ngokugcwele isikhalo sabo noma cha.”

Isigameko esingahle sihlehlisele iqembu emuva 

NgoLwesibili, uSihlalo osanda kukhethwa eGauteng we-African National Congress (ANC), uPanyaza Lesufi, uchaze isigameko sepulazi iPhala Phala elihlobene noMengameli njengesibuyisela emuva kakhulu iqembu elibusayo.

See Also

ULesufi uthi lokhu kungase kubuyisele emuva inqubekelaphambili eseyenziwe ekulweni nenkohlakalo. “Kuyiphutha elikhulu. Ngicabanga ukuthi noMengameli wethu uyazi ukuthi besisendleleni efanele yokulwa nenkohlakalo. Besisendleleni efanele yokuveza uMengameli wethu njengomuntu ozoyisa leli lizwe phambili. Besisendleleni efanele ukusho ukuthi uMengameli wethu usekhombisile ukuthi uzimisele ukusebenzela leli lizwe. Ngakho-ke, ukulimala kwePhala Phala kuyisithiyo esikhulu. Kusithathe cishe amagxathu ali-19 ukuhlehla, kodwa ngihlalele ethembeni lokuthi uMengameli uzobhekana nakho. Kodwa ngiyajabula ukuthi uMengameli uzinikele ezinqubweni zokugcinwa komthetho.”

ULesufi wengeza ngokuthi akekho umuntu onelungelo lokunquma kusengaphambili ukuthi uMengameli Ramaphosa kufanele ashenxe noma cha njengokusho kwenqubomgomo ye-ANC. Uthi lokhu kumele kulinde isinqumo seziphathimandla mayelana nokuthi bazowavula yini amacala.

Scroll To Top