Kwenanele nezwekazi ngoShaka iLembe ebukwe yizigidi zakuleli
Zisuka nje ebhandeni umdlalo owuchungechunge o ngempilo yeLembe, iShaka iLembe uthakaselwe yizigidi zababukeli eNingizimu Afrika kwaze kwananela namazwe omhlaba.
Isiqephu sokuqala esikhonjiswe ngesonto eledlule esiteshini esikhokhelwayo iDStv sithanyelwe ababukeli abayizigidi ezi-3.6. Lokhu kuthakaselwe kakhulu ngabakwa Multichoice.
Akugcinanga lapho kodwa nasezinkundleni zokuxhumana isasasa libonakake lilikhulu abantu bebonga benconcoza kubakhiqizi balo mdlalo okuyiBomb Production, nobuchule obusetshenzisiwe ukuqoka abalingisi abanohlonze. Indawo yeLembe idlalwa uLemogang Tsipa kuthi eyeNdlovukazi uNandi ilingiswe uNomzamo Mbatha.
Ngosuku lokuqala lokhukhonjiswa kwawo lo mdlalo uphinde wananelwa nasezwenikazi kusuka eZambia, eZimbabwe, eBotswana, eNamibia namanye amazwe enhla nezwekazi. Ezinkundleni zokuxhumana imibono kubantu ibihlukene kepha okuhlalukile ukuthi umlingisi uNomzamo Mbatha, uKhabonina Qhubeka olingisa indawo yeNdlovukazi uNtombazi, uWiseman Mncube olingisa indawo kaZwide kaLanga yibo abathath kakhulu izinhliziyo zababukeli. Ephawula enkundleni iTwitter uSenzo Mzila ozibiza ngoThe Stars uthe, “ Akukho okuyoma endleleni kaZulu nama Afrika wonke uma ebumbene. Kuningi okuhle esingakwazi ngeLembe okwahlanakezelwa ngabaqoneli.”
UTsepo Msimang, uphawule manje,”Halala Zulu Omnyama, cha kodwa intokazi yakwaMbatha bayiqoke ngakhona.”. Esika kwelijikayo ngendlela umdlalo owamukelwe ngayo esiqeshini sokuqala oyiSikhulu Esiphezulu kwaMultichoice Kwezikaqedisizungu uNks uNomsa Piliso uthe, okwabe kuyinhlosi yabo ngalo mdlalo wukuxoxa udaba ngomdlalo wase-Afrika ngokusebenzisa indlela ebanzi futhi ejulile.
Uthe indlela ababukeli abaphendule ngayo kulokho iyakufakazela lokho nabo abakuqondayo kokulangazelela lolu hlobo lwemidlalo kubabukeli. Umyalezo wakhe kubabukeli ukuthi bangatatazeli ngoba kuningi abasozokubona eziqeshini ezilandelayo okusazobageza igilo.