Now Reading
Wonke amaqembu akuDStv Premiership awabe neqembu labesifazane-Maluleka 
Dark Light

Wonke amaqembu akuDStv Premiership awabe neqembu labesifazane-Maluleka 

Injini yaMaZulu FC uGeorge Maluleka unxusa ukuba wonke amaqembu adlala kuDStv Premiership abe namaqembu abesifazane.

UMaluleka usho lokho ngesikhathi kuthulwa ngokusemthethweni imidlalo yaminyaka yonke i-Engen Knockout Challenge eHoy Park. Le midlalo izoqala mhla zingama-30 kwephezulu isongwe mhla zimbili kuNtulikazi, izodlalelwa eHoy Park naseTills Cresent Sport Ground.

Okwenze lenjini yoSuthu yanxusa amaqembu akuDStv Premiership, ingoba income abaka-Engen ngokuthi kulo mqhudelwano bafake namaqembu ali-16 abesifazane. Nonyaka le midlalo izoqeda iminyaka engama-21 yasungulwa. 

“Njengoba umthetho weCAF usuthi iqembu neqembu eliyingxenye yalo mqhudelwano kumele libe neqembu labesifazane, ngikubona lokho kuyinto enhle kakhulu. Ngalokho ngiyafisa wonke amaqembu akuDStv asungule abe nalo elabesifazane. Kuliqiniso ukuthi iqembu lesizwe iBanyana Banyana lenza kahle ngokwanda kwamaqembu kungasiza kakhulu leli qembu lenze kahle kakhulu. Buka nje esifundazweni esisodwa sikwazi ukuba namaqembu ali-16 ayingxenye ye-Engen, lokho kuchaza ukuthi maningi amantombazane azimisele” kusho uMaluleka oyinxusa lakhona ka-Engen.  

Kumaqembu adlala kuDStv Premiership anamaqembu abesifazane kukhona iTS Galaxy, iMalelodi Sundowns Ladies neRoyal AM. I-Orlando Pirates njengoba izoba yingxenye yeCAF, kubukeka izogcina yenza ubudlelwano ne-UJ okuyiqembu eliyibamba kuHollywoodbets Super League. 

Nyakenye lo mqhudelwano esifundazweni iKwaZulu-Natal kwabesifazane unqotshwe iSunflower WFC, yahamba yayomela isifundazwe koweChamp of Champs eGoli. 

“Kuyajabulisa ukubona le midlalo ikhula iminyaka yonke. Ngilapho engikhona kungenxa yayo. Okuhle ngayo minyaka yonke iyaqhubeka nokukhiqiza abadlali abancane abenza kahle. Nginxusa abazali beze kule midlalo bezokweseka izingane zabo, ayikho into edlulwa ukwesekwa umzali” kubeka uMaluleka. 

See Also

Ekhuluma ngeqembu agijima kulo uMaluleka uthe kuningi okuhle okumele bakwenze ngesizini ezayo.

“Asenzanga kahle kule sizini ephelile njengoba siqede endaweni ye-13, kuningi okuhle ekumele sikwenzele abalandeli bethu ukuze bejabule. Njengoba sibuyela ejimini ngesonto elizayo kumele siqale sisebenze kanzima. Sinabadlali abangenza kangcono, kukhona nabazofika engikholwa ukuthi bazosilekelela kakhulu” kusho uMaluleka.

AmaZulu FC kusavele ukuthi asayinise uCelimpilo Ngema osuka kuMarumo Gallants. Asamatasa athungatha umqeqeshi omusha njengoba engambuyisanga u-Ayanda “Cobra” Dlamini oqede isizini edlule ehlezi ebhentshini kuleli qembu njengomqeqeshi. 

Scroll To Top