Now Reading
Abezikhukhula bahlukunyezwa ukushintshwa kwabaphathiswa
Dark Light

Abezikhukhula bahlukunyezwa ukushintshwa kwabaphathiswa

Bathi ezinyangeni ezika-17 uMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu usuphathwe ngabantu abathathu


Imindeni eyakhahlanyezwa izikhukhula ngoMbasa wonyaka odlule esagobe amadlangala kolindela KwaZulu-Natal ithi izibona isiphendulwe ibhola lomnqakiswano losopolitiki ngenxa yesimo ebhekene naso. 

Njengoba kulezi zinsuku amakhaza ekubuza ukuthi ungubongaki, le mindeni ibonga kusile kwazise ungqoqwane uphelela kuyo. 

Ezinyangeni ezimbili ezedlule elaboHlanga labika ngosizi olukhungethe laba bantu emuva kokuhambela kolindela eSiphingo, eMalukazi nasehholo laseMolweni lapho izikhukhula ezashiya khona kukhalwa. 

Okukhalisa kakhulu umphakathi ukuthi sekufike abaphathiswa abehlukene bezokuhlaliswa kwabantu esifundazweni babathembise ukuthi bazokhishwa lapho behlala khona batholelwe izindawo ezingcono, kepha zonke lezo zethembiso zibuye ziphelele emoyeni.

“Siyabona ukuthi ukushintshwa kwabaphethe lo mnyango kunomthelela omkhulu ekutheni isimo sethu singalungi. Iqiniso nje ukuthi ipolitiki le abayidlalayo isigcina ngokushaya lapha kithina emazingeni aphansi. Sesize sidideke ukuthi konje manje ngubani ophethe uMnyango ngoba bashintshiswa okwezingubo zangaphansi (esho ezidalula ngebanga),” kuzikhalela uMnu uMboniseni Nxumalo ohlala kolindela eSiphingo.

Kusuka ngonyaka odlule uMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu usuphathwe abahlonishwa abathathu esifundazweni. 

Phambilini ubuphethwe uMnu uJomo Sibiya, uNdunankulu kusenguMnu uSihle Zikalala. Emuva  kwengqungquthela yokukhetha ubuholi esifundazweni, unikezwe uDkt uNtuthuko Mahlaba kulandela ukuhlulwa kukaZikalala esikhundleni sikaSihlalo, kwathatha uMnu uSboniso Duma. Kuthe kusenjalo kwaphinde kwaba nokushintshwa kwesigungu esikhulu kwaqokwa uMnu uSipho Nkosi njengoMphathiswa omusha. 

UNxumalo uthi yilowo nalowo ufika kubona abatshele lokho okuzohambisana naye ngaleso sikhathi maqede ashaye achithe. Kuleli sonto uNkosi uvumile ukuthi kusenenqwaba yemindeni esakhoseliswe ezindlini zesikhashana eyakhahlanyezwa izikhukhula.

See Also

UNkosi uthe zikhona izinhlelo abanazo zokulekelela imindeni. “Uhulumeni ufuna ukwenza isiqinisekiso sokuthi imizi emisha azoyakha ingeyezinga eliphezulu, futhi izokwazi ukumelana nanoma yisiphi isimo sokuguquguquka kwezulu.”

Uthe akafuni ukuzinqumela ogodweni ngoba ukuguquka kwesimo sezulu yinto engabuye yenzeka noma kunini. Uqhube wathi ingaphezulu kwe-2 700  imindeni ecuphe kolindela nasemafulethini kahulumeni indaba yayo esabhekelelwa.

Umphakathi ohlala kolindela uphonsela inselelo uHulumeni wesifundazwe ukuba kuthi noma kwenziwa ushintsho kubaphathiswa, kepha izinhlelo ezikhona zentuthuko zingaphazanyiswa.

Bathi ukushintshashintsha kuyogcina kudale ukuthi baphelele kolindela impilo yabo yonke.

Scroll To Top