Ngokomthetho sekufanele uKhongolose ukhiphe amarekhodi: Steenhuisen



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IDemocratic Alliance (DA) ithi i-African National Congress (ANC) manje sekumele ngokomthetho ikhiphe amarekhodi ayo okujutshwa kwabathize beqembu ezikhundleni (Cadre Deployment). Lokhu kuza ngemuva kokuthi iNkantolo eNkulu yaseGoli isichithile isicelo se-ANC sokudlulisa isinqumo saphambilini, esayalela le nhlangano ukuthi ikhiphe amarekhodi okutshalwa kwabathize beqembu ezikhundleni kusukela ngowezi-2013.
Umholi weDA uJohn Steenhuisen uthe, “Akukho abangakwenza. Kuyinqubo yokwahlulela kanye nomyalelo wenkantolo. Uma kwenzeka behluleka ukufeza umyalelo wenkantolo, kuzodingeka sibuyele enkantolo siyothola umyalelo wokubaphoqa ukuthi bawenze. Kodwa sebevele bazifaka ekhoneni manje futhi kuyintshisekelo yabo, futhi okuthakazelisa umphakathi, ukuthi leyo mibhalo manje yenziwe itholakale ukuze siqonde konke ngokugwamandwa kwaMandla Ombuso kanye nokufakwa kwabantu ngenxa yobuqembu ezikhundleni futhi singaqinisekisa ukuthi lokhu kukonke akuphinde kwenzeke kulelizwe.”
Khonamanjalo, ilungu le-DA ePhalamende, u-Leon Schreiber utshele i-SABC News ukuthi inkantolo ithole ukuthi “awekho amathuba azwakalayo okuphumelela ekudlulisweni kwesinqumo”.
I-ANC ayizange itholakale ukuthi iphawule ngaloludaba.
Amabhizinisi kahulumeni
NgoNhlolanja, uNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo, uRonald Lamola, watshela i-DA ukuthi i-ANC izoqhubeka nokutshala amalungu eqembu ezikhundleni njengoba leliqembu lithi lakha kabusha izinhlaka zikahulumeni. ULamola wathi ukutshwalwa kwamulungu eqembu ezikhundleni kuke kwasebenza kwa-Eskom nakwaSouth African Revenue Services (SARS). Wayesebenzise lowo owayeyisikhulu sakwa-Eskom uThulani Gcabashe nowayenguKhomishana wakwaSARS uPravin Gordhan njengezibonelo ezimbili.