Now Reading
Iyavuthwa indlela ka-Aubaas ebheke kweziMnyama
Dark Light

Iyavuthwa indlela ka-Aubaas ebheke kweziMnyama

ElaboHlanga lihabule lezi zindaba ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi izingxoxo phakathi kweTS Galaxy Football Club ne-Orlando Pirates ngoBathusi Aubaas sezikuvuthondaba.

U-Aubaas uphenduke intandokazi yabalandeli beZimnyama kulandela ukushaya into ecokeme ngesikhathi iBafana Bafana ithela othulini iMorocco ngo 2-1 eFNB Stadium ngenyanga edlule kowokuhlungela ukuzibekisela indawo ku-Africa Cup of Nations (Afcon).

“IPirates sekunesikhathi icathamela u-Aubaas. Isifakile isicelo sokuqala kodwa usihlalo weqembu uTim Sukazi wasichitha. Baphinde bafaka esesibili kodwa naso sachithwa. Ngeledlule izikhulu zePirates zibuye nesicelo sesithathu. Njengamanje iziphathimandla zeTS Galaxy zisasidingida lesi sicelo. Sona angifuni ukuqamba amanga yisicelo esiconcisa amathe,” kuchaza umthombo.

U-Auabaas usasalelwe yiminyaka emithathu kuRockets. Uvuselele inkontileka yakhe ngesizini edlule.

“IPirates akuyisona kuphela efuna u-Aubaas kodwa okwamanje iyona ezihola phambili emaqenjini asekhombise intshisekelo yokumsayinisa. Phakathi kwamaqembu asembangweni ka-Aubaas kukhona iCape Town City neSekhukhune United. Womabili la maqembu aseke azithumela izicelo zayo kuTS Galaxy,” kucacisa umthombo.

IGalaxy ike yabhekana nezinkinga zemali ekuqaleni kwesizini. Abasebenzi nabadlali badonse izinyanga ezimbili bengaholi.

Kuvela ukuthi uhambo lwaphesheya kwezilwandle yilona olugqobhoze iqembu amaphakethe.

Lokhu sekuholele ekutheni lidayise abadlali bali abamqoka ukuze likwazi ukwenza inzuzo.

See Also

“ITS Galaxy yenze u-R8 million ngokudayisa uGiven Msimango kuKaizer Chiefs yase ihlomula u-R9 million ngoMelusi Buthelezi osayine kuPirates. ICape Town City ikhokhe u-R4 million ngoTshegofatso Nyama. Njengamanje ifuna u-R11 million ngo-Aubaas. Iqembu kungase kuvalwe iwindi selenze imali engaphezu kuka-R30 million ngokudayisa abadlali abanohlonze. Lokhu kuzokwenza omuhle umehluko emabhukwini eqembu,” kubeka umthombo. ITS Galaxy ivele isidedele u-Ebrahim Seedat, Masilake Phohlongo, Xola Mlambo no-Aphelele Teto othengwe yiLivingstone yaseScotland.

“Njengamanje iqembu limatasa lizama ukuvala izikhala zalabadlali abahambile kwazise bebewumgogodla weqembu ngesizini edlule,” kuchaza umthombo.

IGalaxy iqede isizini ngaphandle kweTop 8. Okwamanje iqembu belingakamemezeli abadlali abasha

Scroll To Top