Now Reading
Iqhingasu likaMalema lokusondeza osaziwayo lenza iqembu libe nesibunge entsheni
Dark Light

Iqhingasu likaMalema lokusondeza osaziwayo lenza iqembu libe nesibunge entsheni

Ezikhungweni eziningi zemfundo ephakeme ukwesekwa kwe-EFF kukhula nxa zonke


Eminyakeni elishumi eyedlule kwaba kuncane ukucabanga ukuthi ngesikhathi uMnu uJulius Malema ememezela ukuzalwa kwe-Economic Freedom Fighters (EFF), emuva kokukhonjwa indlela kuKhongolose wabe esungula iqembu elalizophenduka ikhaya kubaculi nosaziwayo. Ngaphansi kwesimo esejwayelekile, ipolitiki kosaziwayo indla beyiphika ingasaphathwa ke eyokuphumela eshashalazini uzibandakanye neqembu elithile.

Ukuzalwa kwe-EFF kufike kwasishintsha lesi sithombe. Osaziwayo bangena belakanyana kuleli qembu kungabi ndaba zalutho.

Kukhona ukukhuluma okuthi ukujoyinwa kwaleli qembu ngosaziwayo, yiqhingasu likaMalema lokudoba intsha okuyiyo engabalandeli abakhulu bosaziwayo. Uma kuya ngalokhu kukhuluma, kubonakala kumsebenzela uMalema. Ezikhungweni zemfundo ephakeme i-Economic Freedom Fighters Student Command yiyo ehamba phambili. Nalapho leli qembu lisuke libambe khona imibuthano emnyango kusuke kuvalwe ngentsha. Owaba ivulandlela kosaziwayo abazihlanganisa ne-EFF kwaba nguFana Mokoena owayelingisa emdlalweni owuchungechunge iGenerations enguDkt uMandla Sithole.

Ngaleso sikhathi leli qembu lase livele linosaziwayo wommeli uMnu uDali Mpofu.

Ngonyaka wezi-2019 kwaba nokukhuluma okwehlukene ngesikhathi intandokazi yomculi uRingo Madlingozi wodumo lwengoma iSondela, efungiswa njengelungu lePhalamende le-Economic Freedom Fighters. Sekungumlando ukuthi uRingo usebizwa ngoMhlonishwa uMadlingozi.

Uma ulandela ikhasi lakhe kuTwitter nakwezinye izinkundla zokuxhumana, kuyavela ukuthi akasemandla emculweni. NgoLwesithathu  kufungiswe omunye usaziwayo emculweni u-Eugene Mthethwa wodumo lweqembu lesipansula iTrompies kanye nosaziwayo kwezokuxhumana uMnu uMzwanele Manyi.

OkukaMthethwa kudala kwahlaluka obala ukuthi yize ebeyilungu le-African National Congress (ANC), kepha ubekhombisa ukusondela nokuzwelana kakhulu ne-Economic Freedom Fighters.

Nguye uMthethwa owaba ngowokuqala ukukhuza ibhadi ebabaza ubudlova kumalungu e-ANC ashiya angalazi kuRingo ngesikhathi efungiswa njengelungu lePhalamende. Umhlaziyi wezepolitiki uSolwazi uBheki Mngomezulu ukholwa ukuthi leli qembu kumele libheke nxa zonke.

Uthi akumele ligxile kakhulu ekusondezeni intsha eduze ngoba liyabadinga nabantu asebekhulile abazoletha uzinzo. “Esikhathini esiningi uma intsha ifuna izikhundla isebenzisa amandla, okugcina sekuphuma esandleni lokho okusuke kuwumongo wezikhalo zayo. Uma kukhona nabantu abadala  lapha nalaphaya usungasho ukuthi sekukhona ukulingana ngoba abancane baqhamuka namacebo amasha futhi esikhathi samanje, kuthi abadala balethe uzinzo. Yibo abadala ababuyisela intsha emgqeni ngokuyiluleka ekutheni noma uhamba ngendlela ekahle futhi namaphuzu owabekayo ezwakala, kepha kunendlela okumele udlulise ngayo lowo myalezo.”

See Also

Emikhandlwini eminingi lapho i-EFF imelwe khona, kunamakhansela angaphansi kweminyaka engama-35. Emuva kokhetho lowe-2016 loHulumeni Bezindawo yayinamakhansela angama-64 esifundazweni.

Kulesi sibalo angama-45 kwakuyintsha. Okhethweni lwangowezi-2021 loHulumeni Bezindawo isibalo samakhansela aleli qembu sanyuka safika kuma-164, amakhansela angama-110 kwabe kuyintsha. Nasokhethweni lwangonyaka ozayo lukazwelonke, uMalema akakufihli ukuthi umkhankaso wabo uzogxila kakhulu entsheni ngoba yiyo edunguza oswini. 

Uyavuma ukuthi iqhingasu labo libaphumelelisile ekuqedeni ngophiko lwentsha lwe-ANC. Ilungu-le-EFF Student Command oPhikweni leNyuvesi yaKwaZulu-Natal i-Edgewood Campus uS’celo Nyathikazi uthi bakhule bazi ukuthi uKhongolose kuphela oyizwi labafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme. “Siyabonga ngokusungulwa kwe-EFF ngoba kusinike ithuba lokufunda nokwazi ipolitiki eyehlukile, sabona nokuthi akudingi ukuthi uze ube mpunga noma ushaye ngomkhaba ukuze ube ikhansela noma ilungu lephalamende.”

UNyathikazi uthi bazimisele ngokuqhubeka nokweseka i-EFF nangokhetho lwangonyaka ozayo ngoba okwamanje kuseyilona qembu elikhuluma ulimu olubhekwe yintsha okungukwakha amathuba emisebenzi.

Scroll To Top