Now Reading
Ivume wethu?
Dark Light

Ivume wethu?

Ngabe sekuyisikhathi sokuba uMsholozi amukele ukuthi umthetho awukho ngasohlangothini lwakhe noma aqhubeke alwele ubulungiswa?


Kukhona ongeke ukuthathe kuye. Ukuthi ungomunye wosopolitiki abaziwayo emzabalazweni kanye nakuhulumeni. Loyo nguMnu uGedleyihlekisa Jacob Zuma owayengumholi weqembu elibusayo kanye nomengameli wezwe amahlandla amabili.

Igama lakhe lihlukanisa izwe nemibono, kukhona abathi ungumholi oqotho, osezingeni labantu. Kolunye uhlangothi abanye bathi yisigebengu esathengisa leli kubahlobo bakhe bakwaGupta. Kulaba kukhona nabamsola ngezibhelu ezaba khona kuleli ngoNtulikazi wezi-2021.

Ngokombiko kahulumeni abantu abangama -354 bafa kwathi ababalelwa ezi-5 500 baboshwa emacaleni abe eyamaniswa nezibhelu.

Sekungumlando ukuthi uZuma nalabo abamesekayo bayaziqhelelanisa nokuthi uyimbangela yezibhelu kunalokho bathi lokhu kwaba yinhlanganisela yokunengwa kwabantu ngezinto abathi zabe zingahambi kahle ngasohlangothini lukahulumeni.
Ukwedlula bonke omengameli beqembu nezwe, uZuma uhamba phambili ukubizelwa ezinkantolo nokuphikisana nezinqumo zezinkantolo ezahlukene kusuka engakabi ngisho umengameli wezwe neqembu. Igama lakhe laqala ukuphatheka ecaleni elabe lithinta owagcina eboshiwe uMnu uShabir Shaik.

Kuleli cala yize uZuma aphatheka kwizethulo kepha wabe engeyena umumangalelwa. Kuleli cala elaziwa nge- S v Shaik and Others (CCT 86/06) [2007] ZACC 19; 2008 (2) SA 208 (CC); 2007 (12) BCLR 1360 (CC); 2008 (1) SACR 1 (CC) (2 October 2007), umumangalelwa uShaik wagwetshwa nguMehluleli uSquires iminyaka eli-15 kwala ngisho eseledlulisa icala abehluleli abahlanu ababeholwa nguMehluleli uCraig Howie bamchitha.

Kwabaningi lesi kwaba yisiqalo sikaZuma sezinkinga zomthetho. Babodwa abathi ubufakazi babukhomba ukuthi naye kwakumele aboshwe kanti abanye bathi icala nesinqumo sabe siyihlaba inxeba eyakwaDakudunuse bese beyilandela, beyininda ngobende ukuze ngomuso bayibhudubeze.

Wenzeni uZuma?
Namuhla uMsholozi ungena ephuma ezinkantolo. Elakamuva nje icala limlahlile esicelweni sakhe sokushushisa oyintatheli uNks uMaughan kanye nomshushisi ecaleni lakhe u-Advocate uDowner. Kusinqumo sayo inkantolo imchithile yamvimbela ukuthi aqhubeke nokuthatha noma yiziphi izinyathelo zomthetho noma ngabe ezangasese ukushushisa uDowner noMaughan, inkantolo ibe isinquma ukuba uZuma akhokhe zonke izindleko zecala.

Akuphelanga mahora amangaki uZuma waveza ukuthi lesi sinqumo uzosicela inselele. Ngomlomo kaMnu uMzwanele Manyi othe: “Lapho simi khona njengenhlangano iZuma Foundation, umthetho ucacile kulolu daba. USection 41 Womthetho iNPA uphendukezelwe futhi asiqondi ukuthi kungani inkantolo ingathatha isinqumo esinjengalesi” UManyi uthe uZuma uzosiphonsela inselelo lesi sinqumo.

Konke lokhu kushiya imibuzo ekutheni konke lokhu kuzogcinaphi. Nonyaka uZuma uneminyaka engama- 81 kanti uma kuya ngalokhu osekwenzekile kubukeka eze de njalo lapho ebona ukuthi akanelisekile aye enkantolo. Khona lapho kukhona inkinga yezimali njengoba kumele akhokhele abameli bakhe kanye nalabo asuke edudulana nabo uma ehluliwe njengoba kwenzekile muva. Ngokwenqubo kahulumeni njengoba ake aba ngumengameli wezwe kukhona akucoshayo okungumholo / upoyinande kanti futhi njengoba ake aba yilungu lesishayamthetho sesifundazwe nomengameli kukhona okuwumhlomulo. Konke lokhu kungeke kumelane nezindleko zenkantolo.

Embuzweni othi ngabe ushushiswa nje wenzeni novame ukubuzwa yilaba abamesekayo uZuma ubukeka enayo impendulo. Enza isethulo kuKhomishana kaZondo lokhu kwaba sobala, “Sengikhulunywe ezweni ngaphezu kweminyaka eyishumi, ngihlaziwe, Kuthiwa yimina inkosi yabantu abakhohlakele, futhi nginenkohlakalo enkulu. Nganikwa wonke amagama kodwa angikaze ngiphendule kulokho ngoba ngikholelwa ukuthi kubalulekile ukuhloniphana. Lena yindlela engakhula ngayo, ngajoyina i-ANC ngisemncane. Ngaphezu kokufundiswa lapho ngakhulela khona nasemndenini ngafundiswa naku-ANC ukuziphatha ngendlela ethile.

See Also

“Kuningi engikwenzile ngiku-ANC njengokuboshwa iminyaka eyishumi ngaphumela ngaphandle ezweni. Muningi umsebenzi i-ANC enginike yona ngaze ngazithola sengihola inhlangano. Isizathu esenza ngiqale lapha sihlalo yingoba ngesikhathi kwenziwa izincomo zokuthi kumele ngisungule iKhomishini nguMvikeli Womphakathi, kunezinto enganginganeme ngendlela ezaziphethwe ngayo. Esinye isizathu esenza ngibe lapha nokuthi kungani ngizithola sengilapha namhlanje umlando engizowuveza , futhi ngokwazi kwami le Khomishini yayakhelwe ukuthi kube yimina engiza kuyo nokuthola izinto ngami. Ngenxa yokuthi i-ANC yanginika imisebenzi, empeleni kwakumele ngazi izinto abanye abantu abangazazi nababengeke bazazi nokuthi ziphathwa kanjani. Yingakho emlandweni engizowunika ngizocacisa ngokuthile” kusho uMsholozi.

UZuma waqhubeka wathi: “Kunomkhankaso wokungisusa ngiphele emehlweni abantu, kunesifiso sokuthi kumele kuphele ngami, futhi ngizochaza nokuthi lokho kusukaphi. Lento yasuka emsebenzini wami ku-ANC nangokuthi ngingubani. Leli tulo elalibhekiswe kimi lalulwa ngaso sonke isikhathi uma kunezinto okumele zenziwe. Laqhamuka ngezindlela ezehlukene yingakho kunabantu abathi nginendlela yokuzama ukubalekela izinto. Kwakuzoba nohlelo oluzoqala ngowe-1990 lokuqeda ngesithunzi sikaZuma. Izinhlangano ezimbili zaziphuma emazweni amakhulu angaphandle enye iphuma ngaphakathi ezweni.” Kusho uZuma. Kuqoshiwe lapho ethi ngelinye ilanga uyokhuluma ‘ amaqiniso’ ngakho konke lokhu.

Okungaba yizizathu nemibuzo
Akulukhuni ukuqonda ukuthi kungani uZuma ephikelela. Bambalwa abantu abangafisa umlando wabo osuphenduke ifagugu ukuba uguquke ekubeni muhle bese uba mubi. UZuma uyakholwa ukuthi wakwenza konke enzela lelizwe. Walwela labo abamthandayo nabangamthandiyo.

Umlando wakhe ngowendoda esuka phansi kobantu, engafundile kepha eyazifukula yaze yaba ngundabamlonyeni ezweni. Kuyisifiso sakhe sokuba manxa elala, izibongo zakhe zisale zibadabula ngokuhle. Amacala nezinsolo ngaye zingakuguqula konke lokhu kumbeke njengeqola noma umlweli wenkululeko owathengisa ngomzabalazo kubahlobo bakhe abangamaqola. Uyakholwa futhi uZuma ukuthi ezobulungiswa kuleli ziyasetshenziswa ukuba zimdicilele phansi, lokhu kuyaphikwa ngabamele izinhlaka zokushushisa.

Kubukeka sekuyiso isikhathi sokuba uZuma ageqe amagula njengesethembiso sakhe. Ekwenzeni njalo mhlawumbe lokhu akulunguzisa kuZondo mayelana namazondo netulo lokuba anyundelwe kuyoba sobala. Kungumsebenzi kaMsholozi ukuba axwayise noma adalulele izwe izigilamkhuba. Uma kuqhubeka kungezwakali ukuthi uveza nini amaqiniso kuzokwekhula ukukhuluma kokuthi lenkulumo yokuthi usazokhuluma yabe ilishoba lokuziphingela.
Ngakolunye uhlangothi uma eqinisile kulokhu akushoyo ukuthi nezobulungiswa zibolile kunengozi yokuthi wonke umholi ngale kukaZuma onenkinga nabathile izinkantolo ziyosetshenziswa njengomjezisi. Uma ubheka amacala asewahambile wehlulwa kuwo, yize ekhona amancane lapho ephumelele khona kepha iningi lalawo amqoka ukhale ngaphansi. Lokhu ke kushiya umbuzo ukuthi aqhubeke yini azihlaze , aye koma kubantu abanye abasola ngokuba yingxenye yetulo lokumnyundela nokuqeda ngaye noma ayeke ngoba vele mhlawumbe ngeke aphumelele. Okunye wukuthi ukuyeka kusho ukuthini kusithunzi nefagugu lakhe, khona uma eyeka labo abasola ngokugila imikhuba bangemile imisila bakhule babe namandla okwenza okufanaye kwabanye ngesikhathi esizayo? Lona ngumbuzo oyophendulwa yisikhathi.

Scroll To Top