Ukusondelana kwamaZulu nenkomo kujulile
USol uNxumalo ngungoti wolimi nomhlali wezincwadi ezahlukene.
Abantu bakwaZulu basondelene nenkomo ngendlela ebanzi ngokungeze kwalinganiseka. Futhi akulula nokubalula ukuthi ukusimama komuntu enkomeni kuqala kuphi. Uma kukhulunywa ngofuduko lolibo lukaNtu, ezala uMnguni, kuhambe kuze kube khona amaZulu iyaphathwa kakhulu indaba yemfuyo. Ukukhalipha kokhokho bakaZulu ekwakheni isizwe kwenza ukuba bakhele ubuhlakani obukhulu nasenkomeni. Ukuhleleka kukaZulu, ukuganana, ukukhulisa izingane, ukuxazulula izinkinga, ubulungiswa, ukuphana, ubuholi, izisekelo zenhlonipho, impilo engaphesheya kwalena esiyiphila manje, (ngale kwethuna), kufezwa ngenkomo.
Inselelo enkulu e-Afrika
Izizwe zase-Afrika ezagcina ziphangwe yizizwe zokuhamba, kulukhuni ukuba zikhululeke emqondweni ngenxa yalezi zizathu. Kwaphumelela ukufaka kuzo imfundisoze yokuthi ukwazi okungatholakalanga ezikhungweni zabo, nabangakwazi bona, buyimfeketho. Ngokuba bafika nezinye izindlela zokukhuluma ngobuhlakani, zokwenza izinto, zokuxhumana, basifunza sakholwa ukuthi nempela okwethu kwakusezingeni eliphansi. Lokhu kwenzeka phezu kokuba bazi kahle ukuthi umcebo wethu wenjingakwazi wawuxhumene nobuhlakani baseGibhithe. Kunesiqiniseko ukuthi aboHlanga baxubana ngokwegazi nabantu baseMediterranean Sea kwadaleka amaGibhithe. AmaGibhithe ahlakanipha ngokuba izimfihlo zobuhlakani bawo angazidaluli kwabezizwe.
Inhlakanipho uZulu anayo (ngeke ngizikhulumele ezinye izizwe zaboHlanga) bunezezelwe yimibhalo yamaGibhithe eyaqoqwa yabizwa ngokuthi yiCorpus Hermeticum. Yabhalwa nguHermes Trismegistus. Ingqikithi yale mibhalo kuthiwa yaphuma emnyombeni ababewazi njengonkulunkulu owakhuluma kubo ngePoimandres. IPoimandres yathathwa njengoMqondozime ozimele.
Isikweletu sokwamukela abezizwe
Akusona ngokungako ukwemukela abezizwe ngoba noma ungabemukelanga unokuba ubabone sebekhona. Bangafika bemsulwa futhi bekhuluma kahle kanti bazokuvukela esiswini njengotshwala. Ukwemukela abezizwe kuhambelana nesiko lethu lokuthi isihambi siphathwa kahle, ihlonipha lapho ingeyukwendela khona, unyawo kalunampumulo.
Kodwa okuyishwa ukuthi abaqala ukuthintana nabezizwe, baze bafundiswe yibo, imvamisa bayakukhohlwa okungamagugu abo futhi bayalahlekelwa umkhondo wokubheka esikweni ukuthi lokhu okuthiwa kungcono, thina sasingakwenzi yini nakangcono kunalokho, kwehluke indlela esasenza ngayo. Ngakho-ke ukufundiswa kwabomsinsi bezwe, akubi yinzuzo uma bezothatheka bacabange ukuthi bebesogwaduleni noma esigangeni kanti besemvundweni ngokwamasiko nangosikompilo, futhi besezindlini.
Kasibuyeleni enkomeni
Indlela uZulu athintana ngayo nenkomo, ikhombisa ukudepha nobubanzi obumangalisayo. Inkomo noMzulu yizithupha ziya ogwayini. Inzika namachopho empilo yoMzulu athintana nenkomo. Ake sithinte nje kancane kulo mkhakha wokubiza izinkomo ngamagama. Yileyo nayelo nkomo inegama layo ebizwa ngalo ingasuka nje ematholeni. Nanka amanye amagama ezinkomo: uLomesi, uLayland, uVerwoerd, uKlabishi, uMadlwayizela, uJamludi, uBheyivuli, uWaterval, uKhafland, uHlangfeli, iNdindayi, uMalane, uHlangiseli, uSokheniki, uMotokari, uNdibilishi, uNtombemhlophe, uNgangembuzi, uMpefu, uFosimani, uMthotshana, uMaswelindlebe, iNkunz’ ebomvu, uSkhuvethe.
Amagama aphethe umlando wesibaya noma wezinkomo zalapha ekhaya kanye nomlando wekhaya ezikulo. UWaterval yinkomo eyathengwa eWaterval. Kanjalo neyaseJozini yathengwa khona. UNdibilishi yayibomvu sakuba mdaka njengendibilishi (isenti ngesimanje). USikhuvethe wayejwayele ukuzenwaya. UVerwoerd wayehlanya, ehlupha engezwa. Maningi amakhaya ayenezinkomo ezazingoVerwoerd. Kodwa ungeke njalo uye ngencazelo ozicabangela yona, noma esuselwa ekusetshenzisweni amagama ngendlela ejwayelekile.
Kwakuke kube khona nokufihlekile emagameni njengoba kwenzeka nakwawabantu. Umthotshana wayemhlophe efana nenyoni ilanda. Vele abanye le nyoni bayibiza ngomthotshana kanti abanye bajwayele elithi ilanda. Intombi emhlophe yayimnyama. Yayiluthwa ngokuthi imhlophe!
Izisho nezaga eziphathelene nenkomo
Sagcina sikhulume ngokuthi kunezisho nezaga eziphathele nenkomo nokwenzeka kuyo. Nazi eziyingcosana ukuba yinkomo (ukwehlulwa wukudlala ibhola); inkomo ingazala umuntu (ngeke kwenzeke), inkomo edla yodwana, izinkomo zemali, inkomo ehambayo kayiqedi tshani, inkomo kayimithi ingaphindwanga, inkomo iwe ngophondo, kakwaziwa ukuthi iyozala nkomoni.
Izitho zenkomo
Kasibuyele laphaya njengoba sake sakhuluma ngokuhlinzwa kwenkomo. Indlela izitho zonke ezinamagama ngayo ikhombisa ubuhlakani nomthamo woqoqomagama omkhulu ulimi olucaphuna kulo. Nazi izitho ezikhishwayo futhi zinabanini bazo ongeke wena mnininkomo uthi eyakho uzokwenza ngokwehlukile. Kakuvunyiwe. Wonke umuntu uyiphoyisa lalokho noma ungesatshwa kangakanani bayokutshela ukuthi akwenziwa okuhlukile. Akulutho futhi ukuthi inkomo ngeyakho, umthetho wesizwe uthi uzokwenza njengoba kunqunyiwe. Ngeke uthi emadodeni inhloko uyinike amakhosikazi noma uyithengisile wenzela izindleko zomfana owelusayo!
Seziyakhishwa nabazidlayo
Ezangaphakathi:
- Ubende – lunamethela esiswini. Ludliwa ngabafana, kwesulwa ngalo futhi inkomo encwadini yediphu.
- Ubhedu – yinhliziyo. Ludliwa ngabafana entabeni balwe kubonakale ingqwele. Luhambisana nebhakubha, iphaphu.
- Ilulu – Ithumbu elisikwa kwamancane amhlophe. Lidliwa nguyise wendoda ehlabile.
- Uluntu – uthwethwesi olwemboze amathumbu. Ludliwa ngomame, luhambisane nomhlubulo.
- Amathumbu – kukhona amakhulu namancane, amnyama namhlophe. Adliwa ngomama.
- Impundu – isikwa esibindini exhumene naso. Idliwa yizalukazi.
- Imvali – ixhumene nesisu, iyisakana. Isikwa isuswe oswini. Idliwa ngumfana ovala esangweni lezinkomo.

