Sekuyisikhathi sokuthi njengama-Afrika nathi siqhakambise okungokwethu
Ngamanye amazwi siyoze sikuphakamise nini ngempela okwase-Afrika njengoba kwenza abaseChina naseJapan ababekade belawula ngabelumbi njenge-Afrika. Njengoba abakulamazwe, abaseChina naseJapana sebengabalelwa kwayisihlanu amazwe anentuthuko ngokobubona edidiyelwe neyakwamanye amazwe. Sazithola singaboHlanga abasesaba abelumbi, abamhlophe.
Asingazikhohlisi singaboHlanga ekubeni sazi ukuthi ukuzimela kwaboHlanga, inkululeko yaboHlanga yangempela yaphela noma konke kwaphela mzukwana sifunda imfundo ngokwasentshonalanga, sizalwa sekusetshenziswa imali ngokwasentshonalanga kwazoba ukukholwa kwaboHlanga ngokobuKhrestu esithi siyikho ngokwasentshonalanga. Ilapho abanye boHlanga bazibona ukubamba kwembungulu uma sebezuze imfundo, imali, bamukela ubuKhrestu ngakolunye uhlangothi bafa bephila noma safa siphila sesigconana nokwethu kwemimoya emihle yaboHlanga ngokwase-Afrika.
Sazitshela ukuthi sesingabelumbi noma sesingabamhlophe, ekubeni abelumbi, abelungu babevele bazi ukuthi siyoqhela kokwethu uma sesingabafundile, ngabenemali, ngabangamaKhrestu. Siyofiphala ingqondo nemiqondo yethu singaboHlanga, sisizitshela ukuthi asifiphele ngoba sesinolwazi kokwaseNtshonalanga ukwedlula okwase-Afrika nemimoya yayo emihle.
Silibele ukubhekisa phansi okwase-Afrika kobu-Afrika bentuthuko abasendulelayo ababeyikho, ababezimele gelekeqe ngokwenkolo yokuqonda ngoMdali, ngamathongo, ngezimo zentuthuko eyehlukene ngokuyibona abantu abamnyama bengakathithibezwa ingqondo, nomqondo ezintweni zabo ezinhle nentuthuko eyehlukene.
Kuzomshiya edideke kakhulu omunye wethu ikakhulukazi uma ekhulile, ingasaphathwa kosemncane ozobe elangazelele ukucobelela nokucobelelwa ngongaphezu kwakhe ngokweminyaka uma engavamisile ukuphenya, ukufunda okwehlukene ngisho nokuphikisana naye.
Kuyasiza lokho ukuba uzinuke amakhwapha ubheke neminwe emithathu ukuthi ikhombe wena hhayi emibili ekhombe abaneye nje kwaphela. Sesavilapha kudala singaboHlanga ukuphakamisa okwase-Afrika ngokwemimoya yethu yobu-Afrika kodwa salibala ukunwephwana nokudwephulana ngokwase-Europe namanje.Sigxekana ngokungakhi, ngokungavulani imiqondo yethu nezingqondo zethu, sicobelelane ubuchopho, siphenyaphenye kabanzi amaphuzu, hhayi ukuvukelwa yimimoya engenantuthuko. Sigolozelana sodwa singaboHlanga size sixabane ngenxa yokwehluleka kwethu ukucubungula nokubhekisisa.
Asigcwele izimbenge nezinkamba kwisikompilo lase-Europe futhi sibe singagcwele njalo nakwelabantu abamnyama isikompilo, njengokusho nangokuzichaza kwethu sithi silandela amasiko.Kwazibani ukuthi asigcwele izimbenge nezinkamba ngisho kokwasekhaya, ngokolibofuzo nenhlalakahle.
Esikwenzayo ukuvikela okunye sengathi nakukona sigcwele phama izimbenge nezinkamba.Engabe sibheka emuva, sihlehle ngokwemiqondo ukuthi okwenzeka manje kwake kwenzeka noma kwenziwa phambilini kwabanye uma sesikubona sekwenzeka kwabanye ngaleyonkathi.Sesingaqala sibeke, siphawule siqhathanise lokho.
Esikubonayo umchilo wesidwaba, ukufakana, ukunyundelana, ukukhiphana ngokuhlanganyela kwamaqembu epolitiki ngokukahulumeni nakomasipala ikakhulukazi kwawaboHlanga sengathi abakwenzayo kungokwemimoyamqondo yabo abayenzayo leyo, yingakho behluleka ukunaka abantu kepha izihlalo zobupolitiki abazinakile nokusimbisa iqanda lenjelane. Sibe sibuka ngokwesintshonalanga nesi-Europe sizikhohlisa, maqede zazibona sigcwele phama izimbenge nezinkamba ngokwabelumbi, ngokwabamhlophe base-Europe, base-United States of America namanye amazwe.
Empeleni siyiziceke nenkeshezane nje engasho lutho ngokukaMdali, ngokwamathongo obu-Afrika. Okugqamayo okungamagama amakhulu esingisi esiwakhulumayo, sibalula inkululeko yokuzimela kwabantu abamnyama, kwaboHlanga,sithi kwakulwelwa ukuba aboHlanga ukuba bakhululeke. Esikubonayo inkululeko yezikhundla, yokweba nabusela nhlangothi zonke.
Kube ukuqophisana, nobumbano lwabamaqembu epolitiki aboHlanga, olungamzuzisi owoHlanga osezingeni eliphansi. Asithi lapho singaboHlanga sigxeka kodwa singagxeki sengathi izimo moyamqondo ngokwasentshonalanga, ngokwabelungu asisenzi kodwa senza ngokwezimo moyamqondo zase-Afrika, zasemakhaya, zabantu abamnyama, kungagudluki emiqondweni yethu ukuthi isintshonalanga sisasibambe phansi.
Sekuwumlando ukuthi kwasuka umsindo ezindaweni eziningi, mayelana nokugcotshwa ngamafutha kweNgonyama uMisuzulu, Sinqobile kaZwelithini, egcothswa ngabefundisi bamaKhrestu, emva kokunikezwa isitifiketi ngumengameli wezwe uCyril Ramaphosa, osukwini lwangoMgqibelo zingamashumi amabili nesishiyagalombili kuMfumfu wezi-2022, eMoses Mabhida Stadium.
Kwabagxekayo kwakubukeka sengathi kwakungabefundisi ababebeka iSilo uMisuzulu esihlalweni sobuNgonyama.Kwakufanele kuqalwe ngokuqhathanisa kuqala, njengokuthi abakhumbuli bebona iKumkani yamaXhosa uMpendulo Calvin Sigcawu igcotshwa ngamafutha emva seyinikwe isitifiketi esigodlweni eNqandu ngowayengumengameli wezwe uJacob Zuma,ngaphansi kukahulumeni wedemokhrasi ngowezi-2015.
Kanjalo noKgosi (iNkosi) wabaVenda uToni Mphephu Ramabulana, angikhumbuli igcotshwa ngamafutha ngababhishobhi eThohoyandou Stadium, emva kokunikwa isitifiketi ngumengameli uJacob Zuma kowezi-2016.
Kwazoba ngababengomengameli bezwe boHlanga kuhulumeni wedemokhrasi kowe-1994, okwakunguMnu uNelson Rolihlahla Mandela, uMnu uThabo Mbeki kowe-1999,kwalandela uMnu.uKgalema Motlanthe ngowezi-2008, kweza uMnu uJacob Gedleyihlekisa Zuma ngowezi-2009 njengoba kunguMnu uCyril Matamela Ramaphosa kusukela kowezi-2019 noMnu uF.W de Klerk kowe-1989 kuhulumeni wamaBhunu, begcotshwa ngamafutha.