Now Reading
Lapho abantu besasele nezibazi zoKhuvethe sekuhlasele isibili iKholera
Dark Light

Lapho abantu besasele nezibazi zoKhuvethe sekuhlasele isibili iKholera

INingizimu Afrika ayikabuyeli esimweni eyayikuso ngaphambi kukaNdasa wezi-2020 lapho uMengameli uCyril Ramaphosa amemezela ukuvalwa kwezwe ngenxa yemibiko ngoKhuvethe olwase ludle lufumuka ladla silaza emazweni amaningi.

Sekungumlando ukuthi ngesikhathi abantu kuleli bevalelwe emakhaya, kulahleka nemisebenzi kwabanye lesi kwaba yisikhathi sokuzicebisa.

Ngasekuqaleni kwenyanga edlule izwe liphinde laba sematheni ngemibiko yokutholakala kwabantu abebehambele eMalawi okuthe uma behlolwa emuva kohambo, kwatholwa izimpawu zohudo iKholera.  UNhlaba usongwa nje bese kunabantu abangaphezulu kwe-174 okusolwa ukuthi banalesi sifo. Izifundazwe ezithintekile okwamanje ngokombiko woMnyango Wezempilo kuZwelonke iLimpopo, iFree State neGauteng.

Ngokusho kukaNgqongqoshe Wezempilo uDkt uJoe Phaahla, sebemi ngomumo ukubhekana nekholera, futhi okuzobazisa ukuthi nomnyombo wayo sebewutholile. Ekhuluma esithangamini sabezindaba ngoLwesithathu uthe, nakulezi zifundazwe okungakabikwa lutho kuzo abazishiyile ngaphandle ezinhlelweni zabo zokuqinisekisa ukuthi uhudo aluphumi esandleni njengoba kwenzeka kuKhuvethe.

Esifundazweni iGauteng, kuhlonzwe iTshwane njengesizinda sokuhlolwa kwabantu namasampula athathwa kubona ukubheka ukuthi ayinaso yini lesi sifo. Uthe lapho kuvela khona imibiko ngalesi sifo bagxuma bahlale futhi bayabaluleka nabantu ukuba bangapholisi maseko. Uthi kumqoka ukuba banikele esibhedlela noma emtholampilo oseduze uma kukhona abakusolayo. Izimpawu zeKholera kuba ubuhlungu obungabekezeleki esinyeni, ukuhanjiswa isisu nokuphalaza.

See Also

UPhaahla uthe ngokombiko abawutholile umuntu wokuqala otholwe eneKholera eGauteng kwaye kuyiphoyisa elineminyaka engama-56 elidabuka eLimpopo, eMusina.

Sekungokwesibili eNingizimu Afrika kuhlasela iKholera. Ngeminyaka yawo-80 lolu hudo lwadlula nenqwaba yemiphefumulo okwaze kwadinga ukungenelela kweWorld Health Organisation.

Scroll To Top