Izingane mazivikelwe ngandlela zonke


Sigubha Isonto Likazwelonke Lokuvikelwa Kwezingane, laqala zingama-29 kuNhlaba wezi-2023, lize liphele zingama-5 kuNhlangulana wezi-2023. Isonto lokuvikela izingane ligujwa ezweni lonke ukuqwashisa ngamalungelo ezingane njengoba evezwe kuMthethosisekeloweze kanye noMthetho Wezingane (uMthetho wama-38 wezi-2005). Kusezandleni zethu ukunqanda ukunganakwa, ukuhlukunyezwa, udlame, nokuxhashazwa kwezingane zethu, hhayi nje kuleli sonto kodwa nsuku zonke, njengoba umkhankaso uwumkhankaso wezinsuku ezingama-365.
Inhloso ukukhuthaza yonke imikhakha yomphakathi ukuthi ibambe iqhaza, inakekele futhi ivikele izingane zethu. Inhloso yaleli sonto ukuqwashisa ngokuhlukunyezwa, ukuxhashazwa, ukunganakwa kanye nazo zonke izinhlobo zodlame olubhekiswe ezinganeni. Kufanele sihlale sikhumbula ukuthi izingane zimqoka kakhulu njengoba kuyisibopho esibekwe ngokucacile ku-Article 28 yoMthethosisekelo waseNingizimu Afrika.
Sivame ukuhlomisa ngolwazi kodwa ngezinye izikhathi sisebenzise ulwazi njengezikhali zokulwa izimpi ikakhulukazi la kungenasidingo khona . Abanye abazali sebenomkhuba wokusebenzisa izingane njengethuluzi lokulwa izimpi zabo. Ubuhlakani obuhlomisa izingane zethu kusiphephisa ezintweni eziningi kakhulu kanye nokuhlukumezeka, empeleni kubalulekile uma sithi sivikela izingane zethu.
Kunolwazi olwaziwa noma olubizwa ngokuthi ama-5 P’s okuvikela izingane. Yenza ingane yakho yazi ngalawa 5 P’s ngoba kuyosilekelela nathi ikakhulukazi esimweni esingesihle engase ingane izithole ikuso futhi engasiqondi. Ama-5 (prevention, paramountcy, partnership, protection and parental responsibility): ukuvimbela, ukubaluleka, ukubambisana, ukuvikela, kanye umsebenzi nenesibopho somzali.
Kubaluleke kakhulu ukusho ukuthi kumayelana nengane ngaphezu kwakho konke okunye. Ziningi iziphakamiso zokuthi singazivikela kanjani izingane zethu, ngenhloso yokuqwashisa sizobheka iziphakamiso eziyi-5 kuphela zokuvikela izingane:
- Ukuqapha impilo nenhlala kahle yengane njengokuthi wazi abangane bayo, izinhlelo ezizibukayo, ukuxhumana nothisha esikoleni.
- Ungasabi ukubika icala, lapho usola ukuthi ingane idinga usizo.
- Lalela ingane, uma ukhuluma nayo.
- azise ingane ukuthi lonke ilungelo lihambisana nesibopho.
- Qondisa ingane ngendlela efanele futhi ungazibizi ngamagama, ukhombise izintuba zazo noma uzibukele phansi.
Abantu bavame ukubuza ukuthi zingaki izinhlobo zokuvikela izingane ezikhona. Iqiniso liwukuthi zinigi kakhulu kodwa singasho ngokuphepha kuhlanganisa ukondliwa kwengane, indawo yokuhlala, izingubo zokugqoka, imfundo, ukunakekelwa kwezokwelapha, nokusekelwa ngokomzwelo. Kuhlanganisa nokuvikela ingane ekulimaleni nokuqinisekisa ukuphepha kwayo ikakhulukazi ngoba amalungelo ezingane ahlanganisa ilungelo lempilo, imfundo, impilo yomndeni, ukudlala, izinga lokuphila elanele kanye nokuvikelwa ekuhlukunyezweni nasekulimaleni.
Ziningi izinto umuntu angazenza ukuze avimbele Ukuhlukunyezwa kwezingane.
Uma sonke siqonda ukubaluleka kokuvikela izingane zethu, wonke umuntu angafaka isandla. Nazi izinto esingazenza:-
- Ukwenza kahle kuqala ekhaya, ungaqala ngokuchitha isikhathi esiningi nezingane zakho, finyelela ezinganeni (eziswele) endaweni yangakini. Izingane ziswele ngisho umuntu ongazisiza zifunde izincwadi, ngamakhono ezandla, ukufunda ukudansa nemidlalo ethile.
- Ungaqala ngokwazi abangani bezingane zakho nemindeni yazo. Hayi ukuthi ingane iyodlala lapho ungazi muntu khona nempilo ephilwa kulowomuzi.
- Ukunikela ngezingubo ezindala nokudla okusemathinini esontweni, noma ezindaweni zokukhosela izingane eziseduze nawe.
- Khuthaza ingane zakho ngokuhhlezi uyincoma uma yenze kahle, uxhase imibono yayo noma uyibonise kahle uma ungahambiselani nemibono
- Hlola ukuziphatha kwakho njengoba ukuhlukunyezwa akukhona nje ngokomzimba.
Kokubili amazwi nezenzo kungabangela amanxeba ajulile, ahlala njalo enganeni. Sebenzisa izenzo zakho ukukhombisa izingane kanye nabanye abantu abadala ukuthi izingxabano zingaxazululeka ngaphandle kokushaya noma ukuhlambalaza.
Abazali bangaba indlela engcono kakhulu yokuvimbela ukuhlukunyezwa kwezingane. Yebo, akulula futhi cishe kunzima kakhulu ukuya emisebenzini ubuye ubekhane nezinhlelo zengane yakho zangemva kwesikole, kodwa yilokho kuhlanganyela okuyokusiza ukuba uqaphele ukuziphatha kwengane yakho futhi ukwazi ukusheshe ubone uma ingasenzi kahle, ilimele noma izipawu ezingajwayelekile.
Fundisa izingane amalungelo azo. Lapho izingane zifundiswa ukuthi zikhethekile, ziyathandwa, uyayethemba futhi uyaythanda. Izingane zazise futhi ukuthi zinelungelo lokuphepha, ngokwenze njalo mancane amathuba okuthi zicabange ukuthi ukuhlukunyezwa kuyiphutha lazo, futhi maningi amathuba okuba zibike umenzi wobubi. Yazi ukuthi kuyini ukuhlukunyezwa kwezingane.
Ukuxhashazwa ngokomzimba nangokobulili ngokusobala kubonisa ukuphathwa kabi kwengane. Izingane nazo zingahlukunyezwa lapho ziqhathwa, zithethiswa, noma zihlukaniswa ngokuqhubekayo. Yazi izimpawu, ukulimala okungachazeki kulandelele.
Ukucindezeleka, ukwesaba umuntu omdala othile, ubunzima bokwethemba abanye noma ukwenza abangane, ukushintsha okuzumayo endleleni yokudla noma yokulala, ukuziphatha okungafanele kobulili, ukungahlanzeki, imfihlo, nobutha ngokuvamile kuyizimpawu zezinkinga zasekhaya futhi kungase kubonise ukuthi ingane ayinakwa noma iyahlukhumezekha ngendlela tizeni nangokomoya, ukuhlukunyezwa ngokobulili, noma ngokomzwelo.
Kuyisibopho sethu sonke ukubika ukuhlukumeza ikakhulukazi okuthinta ingane. Uma ubona ingane ilinyazwa noma ubona ubufakazi bokuhlukumeza, yenza umbiko kumnyango wezinsizakalo zokuvikela izingane wesifunda sakho noma emaphoyiseni endawo.
Lapho ukhuluma nengane ngokuhlukunyezwa, lalelisisa, qinisekisa ingane ukuthi wenze okufanele ngokutshela umuntu omdala, futhi uqinisekise ukuthi akanacala ngalokho okwenzekile. Kukhuthaza abaholi emphakathini ukuthi beseke izingane nemindeni.
Ziningi izikhungo umuntu angazithinta uma ebona ukuthi ingane iyahlukhumezekha: Amaphoyisa, Inkantolo, iChildline, Umnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi, iChild Welfare; i-Legal Aid. Esontweni, Inkantolo Yesondlo, Ezenhlalakahle Yezingane, uThishanhloko wesikole lapho ingane ifunda khona.
Ikusasa lethu lisezandleni zethu ngokuthi sikhulise izingane zethu ngothando, ukuzivikela, ukuzinaka, ukuzeseka ngokuthi sinqaphe ukuthula lapho kunezinsolo zokuhlukunyezwa kwengane, ngokuba kuwumsebenzi nomthwalo wethu sonke ukuvikelwa kwezingane.
Lombhalo awusona iselulekho ngezomithetho kodwa izi zolwazi olungwayekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.