Now Reading
Ayibhekwe ngelibanzi indlela elandelwayo emaqenjini adliwa izembe
Dark Light

Ayibhekwe ngelibanzi indlela elandelwayo emaqenjini adliwa izembe

Isizini yeDStv Premiership iphelile emasontweni amabili edlule, yinye into eyabe ibhekekile okwabe kuwukuthi iliphi iqembu elizodliwa izembe.

Amaqembu okwakubhekwe kuwo ukuthi engagencwa izembe iMaritzburg United, iChippa United neMarumo Gallants. Ngenxa yemiphumela yemidlalo yokugcina izembe lagcina ngokugawula iGallants.

Ngokwesifiso sami ngiyafisa ukuthi izikhulu zePremier Soccer League (PSL) okuyinhlangano eholwa uDr Irvin Khoza, zihlale phansi bese kuqhamuka isinqumo sokuthi amaqembu amabili aqeda ekugcineni kuDStv Premiership kube ukuthi agawulwa izembe.

Kuwona wonke amaligi kuba ukuthi mabili okanye mathathu amaqembu agawulwa izembe, buka nje kuMotsepe Foundation Championship mabili amaqembu agawulwe izembe kule sizini esanda kugoqwa okube iBlack Leopards neTshakhuma tsha Madzivhandila (TTM).

Kuligi yase-England i-English Premier Legue (EPL), khona mathathu amaqembu adliwa izembe okugcine kube iSouthampton, iLeeds United neLeicester City kube sekukhuphuka iBarnley, iLuton Town neSheffield United.

Ngibona bungekho ubulungiswa kumaqembu adlala kuMotsepe Foundation Championship, ukuthi kumele libe lilodwa iqembu elinyukela phezulu mese kuthi amabili adlala amaPlay-Offs. Angiqondile ukusho kambi, kodwa iGallants bekumele ihambe neMaritzburg United eqede isizini ilele endaweni ye-15 kulogi yeDStv Premiership.

Lokho bekuzokwenza kukhuphuke iPolokwane City engompetha beMotsepe Foundation Championship neCape Town Spurs eqede endaweni yesibili.

Ngokwami ngibona lenzelelwa iqembu elisuke lidlala kuDStv Premiership makuthiwa phezu kokuthi lingabanga nesizini enhle, aliphinde lithole elinye ithuba futhi kumaPlay-Offs.

Kuyinto ejwayelekile ukuthi kube yiwo futhi amaqembu asuke kade edlala kuDStv Premiership anqobayo kweyamaPlay-Offs, kwazise asuke esebenzisa amava ngabadlali abanabo.

See Also

Impela ngiyafisa ukuthi izikhulu zePSL lokhu azikubuke ngeso elifanayo nelami lokuthi.

Njengoba kuhlongozwa ukuthi lungenzeka amaqembu anyuke abe li-18 ngesizini ezayo, kungayinto enhle kakhulu ekutheni nawo lomthetho (Ukuthi kube amaqembu amabili adliwa izembe) bese uyasebenza.

Iqembu elisuke lilale endaweni yesibili kuMotsepe Foundation Championship, lisuke lisebenze kakhulu liyadinga ukuthi likonyeliselwe ngokuthi linyukele phezulu nalo kwazise incane imali etholakala kule ligi kanti nensimbi iyashisa enkundleni.

Phezu kwakho konke uxhaso lakhona luncane, kugcina ngokuthi amaqembu ayi-8 adlale umqhudelwano weNedbank Cup kuphela.

Scroll To Top