Now Reading
Amazwe aphesheya athi ayihlale phansi ibambe umthetho
Dark Light

Amazwe aphesheya athi ayihlale phansi ibambe umthetho

ISaudi Arabia kanye ne-United States bacele ngeSonto ukuthi kwandiswe isivumelwano sokuyeka ukulwa eSudan esilethe ukuhoxa engxabanweni eyathatha amasonto ayisithupha phakathi kwamaqembu ezempi kodwa kuncane ukukhululeka kosizo kubantu.

Ukungqubuzana  kuzwakale ebusuku nangeSonto enhlokodolobha iKhartoum, kusho izakhamuzi, kuyilapho abaqaphi bamalungelo abantu bebika izimpi ezibulalayo e-El Fashir, okungelinye lamadolobha amakhulu esifundeni esisentshonalanga neDarfur.

Ingxabano phakathi kombutho waseSudan kanye ne-paramilitary Rapid Support Forces (RSF) eyaqubuka ngoMbasa zili-15 ishiye inhloko-dolobha inyakaza ngenxa yezimpi ezinzima, ukungabi namthetho kanye nokuwohloka kokulethwa kwezidingo zomphakathi, okuxoshe abantu abangaphezu kwezigidi eziyi-1.3 emizini yabo nokusabisa ngokudala umonakalo esifundeni.

Ukumiswa kwezikhali (ceasefire) lonke okusungulwe ezingxoxweni eziholwa yi-Saudi ne-US e-Jeddah kufanele kuqhubeke kuze kube uMsombuluko kusihlwa. Womabili la mazwe asiqaphe ngeso lokhozi isivumelwano, esephuliwe kaningi, futhi acele amasosha kanye neRSF ukuthi “baqhubeke nezingxoxo ukuze bafinyelele esivumelwaneni sokunweba ukumiswa kwezikhali”.

“Nakuba kungaphelele, ukunwetshwa kuzosiza nokho ukulethwa kosizo oluphuthumayo kubantu baseSudan,” kusho iSaudi Arabia ne-US esitatimendeni esihlanganyelwe.

See Also

IRSF ithe isikulungele ukudingida ukuthi kungenzeka yini ukuvuselelwa kabusha nokuthi izoqhubeka nokuqapha isivumelwano “ukuhlola ubuqotho nokuzibophezela kolunye uhlangothi ukuqhubeka nokuvuselela isivumelwano noma cha”.

Nombutho wezwe nawo ukuvezile ukuthi usuqalile ukudingida udaba lokunwetshwa kwesivumelwano.

Scroll To Top