Now Reading
Sekumi ngomumo ngemidlalo yezikole namuhla KwaMashu
Dark Light

Sekumi ngomumo ngemidlalo yezikole namuhla KwaMashu

Kulindeleke ukuthi isongwe ngegiya eliphezulu imidlalo yeligi yezikole zaKwaMashu.

Le ligi ebizwa ngeCity Logistics Safa KwaMashu Legends Schools League iqale emasontweni amahlanu edlule, ibidlala ezinkundleni ezehlukahlukene. Njengoba kuzodlalwa imidlalo yamanqamu, yomithathu izodlalelwa ePrincess Magogo Stadium namuhla ngoLwesihlanu.

Izoqala ngehora leshumi ekuseni lapho kuzotholana phezulu iKwesethu High School ne-iNqabakazulu Secondary abaneminyaka engaphansi kweli-16, kulandele abesifazane ngele-12:00 emini okuzobe kubhekene iSibonelo High School neNhlakanipho High School.

Umdlalo okuyiwona wosuku uzoqala ngehora lesibili emini, lapho kuzohubhana khona iDr John Langalibalele Dube neNqabakazulu Secondary.

Lo mdlalo kulindeleke ukuthi kuguge utshani kuwona, lezi zikole kuyo leligi nyakenye zatholana kuwona umdlalo wamanqamu nalapho iNqabakazulu Secondary kuyiyo eyagcine inqobe ngegoli elilodwa eqandeni. Nakulonyaka lezi zikole ziphinde zatholana kowamaqoqo nalapho kuyiyo futhi iNqabakazulu Secondary eyanqoba ngalo igoli elilodwa eqandeni.

Okugqamile ngalemdlalo ukuthi izikole zonke bezizinikele kusukela iqala, kubuye izikhathi zakudala lapho kwakuthi makudlalwa imidlalo yezikole izinkundla zigcwale phama.

Le midlalo ibe impumelelo nje kungenxa yokuthi yathola izibusiso kwinhlangano ephethe ibhola iSafa eThekwini eholwa uMazwi Mkhize, uMasipala weTheku kanye noMnyango WezeMfundo. Kanti inkampani okuyiyo exhase le midlalo iCity Logistics, ngeke zasala ngaphandle izinkakha zakuleli lokishi ezaba nombono wokuthi kube khona le ligi.

See Also

ElaboHlanga likhulume noMhlengi Nxele onguthisha nomqeqeshi waseDR J.L Dube, uthe bafuna ukuziphindiselela.

“INqabakazulu isisihlule kabili, kulokhu sifuna ukuziphindiselela. Amalungiselelo ahambe kahle kakhulu, ngoLwesibili sidlale umdlalo wobungani neMzuvele High School okuyisikole esiqinile kakhulu. Inhloso yethu bekuwukubheka lapho esibuthaka khona. Siyabonga kubona bonke abalule isandla ekutheni le ligi yezikole ibe impumelelo,” kusho uNxele.

Omunye okhulume nelaboHlanga uMtimande Ngwenya onguthisha waseNqabakazulu Secondary. “Sizimisele ukuthi siphinde sibe ngompetha bale ligi njengoba senza nyakenye, izingane zethu zidlale kahle kakhulu emdlalweni yamaqoqo nakowandulela owamanqamu. Bonke abadlali bawubheke ngabomvu lo mdlalo.”

Scroll To Top