Now Reading
UMgazi ufisa ukugeza igama lakhe ngemuva kokubhacaza
Dark Light

UMgazi ufisa ukugeza igama lakhe ngemuva kokubhacaza

USiphelele “Stashi” Ntshangase usayine kuMakhosi ethwelwe ngeqoma ukuthi uzofika agile izimanga ePhefeni. Ufike eNaturena wagixabezwa ngeshumi. Akapholisanga maseko wafika wathembisa ukwenza into yamehlo. Uqale kahle emidlalweni yokuqala kodwa wabuya wehlelwa yifomu.

Ngemuva kwalokho akaphidanga walinuka ijezi. Ugcine esephenduka ukudla kwebhentshi. Njengamanje akakalitholi ikhaya elisha kodwa imenenja yakhe uJazzman Mahlakgane ikubeke kwacaca ukuthi uNtshangase uselambele ukubuyela efomini yakhe aziwa ngayo.

“Kunento enhle ethembisayo ngoNtshangase. Ngesonto elizayo ngizobe sengisesimeni esihle sokudalula yonke imininingwane egcwele. Ngikhethe ukuthi singandi kakhulu ngomlomo singakaqedi yonke into ngoba ziningi izinto ezingezinhle ezike zakhulunywa ngaye. Yingakho sithathe isinqumo sokuthi sishayele phansi size siqede yonke into,” kusho uMahlakgane.

UNtshangase uhlukane neChiefs ngaphambi kokuthi kuphele isizini edlule. Uhlale eNaturena amasizini amathathu. Ujoyine uhla lwabadlali abafike kuleli qembu bashaya udaka ngemuva kokunikwa ishumi.

“Njengamanje usesimeni esihle kakhulu ngokomqondo. Usekulungele ukwenza adume ngakho enkundleni. Ulunge kuyimanje njengoba ngikhuluma nawe. Umi ngomumo ukukhombisa abantu ukuthi usenalo ikhono abamazi ngalo,” kuqhuba uMahlakgane.

UNtshangase ukhonjwa kuMarumo Gallants yaseLimpopo okuyilapho aqala ukuzakhela khona udumo esagijima kuBlack Leopards eminyakeni eyedlule.

Ngendlela ayeshisa ngayo ngaleso sikhathi wagcina ebizwa kuBafana Bafana edlala kuNational First Division (NFD) esiyaziwa ngeGladAfrica Championship manje.

Kwelesizwe udlale imidlalo eyisithupha. Uke wayibamba naseqenjini lesizwe lika-Under-23.

“USiphelele ufundile emaphutheni akhe. Ikhasi lakhe elisha empilweni yakhe lizomangaza inqwaba yabantu. Bazobona into abangakaze bayibone ngisho esadlala kuBlack Leopards.” kucacisa uMahlakgane.

IGallant amataniswa nayo iyodlala kuCaf Confederation Cup ngesizini ezayo kulandela ukuba ngompetha beNedbank Cup.

See Also

Uma egcina evumelana ngakho konke naleli qembu, uNtshangase uzozithola esegijima e-Afrika kule sizini ezoqala.

ELimpopo uke wadlala nakwiBaroka FC ngaphambi kokuthi abhekise amabombo ePhefeni.

Ngakho usethubeni elihle lokuphinde ageze igama lakhe esifundazweni azakhele kusona igama ebholeni elikhokhelayo.

“Usebenze kanzima kakhulu kulezi zinyanga ezedlule. Ubengahlezi nje elinde iqembu elizomsayinisa kodwa ubenohlelo lokujima abelulandela. Yingakho ngingangabazi ukuthi usekulungele ukwenza izimanga.” kuphetha uMahlakgane.

Scroll To Top