Izimpi nodlame kuhaqe umhlaba wonke


Esikubonayo akusahambisani nokwabe kushiwo nguMdali, kubhala uMuntu Xulu
Kuthiwa uShaka wayengabathandi abantu ababi ebusweni, ababuso buyintshibongo, nabayizimbomothi. Wayengabathandi nabakheke kabi babayizimbaklaklana. Kuthiwa wayebabuka ababuke abantu abanjalo maqede aphubuke ahleko, athi bayamhlekisa! Uzozwakala esethi: “Mbambeni lona niyombulala, uyangihlekisa!”
Kube njalo lowo owehlelwe yithunzi lokufa ngenxa yokuba emubi, ehlekisa, uselibheka eligcina njalo, namabele kube usewadle okokugcina njalo ngoba esezokuya kwagoqanyawo, lapho engaseyikuhlekisa muntu khona.
Lendlela, yindlela eyayisetshenziswa uShaka okuyindlela ayehlunga ngayo, efuna ukuba isizwe sakhe sikaZulu kube yisizwe esibukeka sisihle, futhi siqinile, sinamandla, ngoba wayebona ukuthi uma engahlungi, kuyokwanda esinye isizwe esivamise izidalwa nezincekencekana, kuhle okwamakhikhizela amila axhantise emmbileni. Wayethanda abantu abahle, abakheke basuka emhlabathini, abaphilile, abanezihluzi ezikhombisa ukuthi banamandla, abazifuba zenyathi, nabangamaqhawe, abangesiwona amavaka, njengawoGala kaNodade nawoNozishada kaMaqhoboza, uMziqomela onjengesilwane! Laba kwakungamaqhawe ayedlule ngomkhonto kwaZulu ezikhathini zawoShaka nawoDingane.
Asazi-ke noma uNozishada kaMaqhoboza umfo wakwaNzuza, kwaze kwathiwa uMziqomela onjengesilwane nje, kwakushiwo ngoba emubi njengesilwane yini noma kwakushiwo ngoba enamandla okwesilwane? Noma amavakana amabi ayebulawelwa ububi bawo kusabusa uShaka, kuyabonakala ukuthi amaqhawe ansosha yawo imbi, kodwa abe edlule ngomkhonto kwaZulu ayephepha ekwenziweni isilo sengubo, ngoba uShaka wayewathanda amaqhawe, ewaxoshisa ngezinkomo. Noma lesosenzo sakhe sokubulala abamhlekisayo ngoba bebabi, kwakuyisenzo esishaqisayo, kwakungasho lutho lokho kokaNdaba ngoba wayehlose ukwakha isizwe esibukeka singasoleki ndawo ngokudaleka kwaso. Singathi ngokucabanga kwakhe uShaka wayedala isizwe sikaZulu sabantu abahle ebusweni, nabanesithombo esihle, nababukeka njengaye oweSilo uqobo, owayethe klwi, engumnyovu esiswini, ilamba lidlile uqobo lwalo, ezingalo zifanele ukuhlabana, esukile egadeni, ebonakala nangesihlangu ayesiphatha esilingana naye emile. Lokhu ukuhlunga wayekwenzela ukuba abahle bazale abahle; njengoba nabo bebahle baphinde futhi bazale abahle. Noma-ke yena ayehlunga ngendlela yokubulala, wayenza esenziwa emthini othenwayo ukuze uthele izithelo ezinhle, naphezu kwalokho, ngisho nasemasimini ukhula luyahlakulwa. Kodwa-ke singasho ukuthi yena wayehlunga ngendlela echitha igazi leze, futhi-ke unembeza wakhe ungenalo uzwela. Ukuba wayeqondisisa, wayezoyeka nje kube yimvelo ezihlungelayo, njengoba nanamuhla isahlunga.
Kulezizikhathi zenkolo, wayeyosolwa kakhulu uShaka ngendlela ayehlunga ngayo ngokubulala, ngoba umthetho wenkolo uyakwala ukuchitha igazi, ikakhulu ukulichitha ngeze. Naphezu kokuba umthetho kaNkulunkulu ukwala ukuchithwa kwegazi ngeze, sibona liyilokhu lichitheka ngeze ngisho naphesheya kwezilwandle. Uma umuntu efunda amaphephandaba, elalela umsakazo, ebukela ithelevishini, ubona ukucekela phansi kukuningi, ezwe nangezimpi zemibangazwe ezidlangile, ngoba abantu abadalwe nguMdali sebewushaya indiva umthetho owabekwa nguJehova Sebawothi, wokuba bangabulali, nowokuthi: “Wothanda umakhelwana wakho njengalokho uzithanda wena.” Iyaqhubeka.