Now Reading
Imisebenzi yakhe emphakathini iyomlandela umufi umama uNzuza
Dark Light

Imisebenzi yakhe emphakathini iyomlandela umufi umama uNzuza

Akudingekile ube ngusombusazwe, inkosikazi yebhantshi, yisifundiswa, kade wenze okusukumisa abantu phansi badumise uNkulunkulu ngawe.  Lena yindlela abephilela ngayo abantu umufi  uNkk uThandaza Winnie Beatrice Nzuza, uMaMthimkhulu, wafika eMahlabathini, ngeminyaka ye-1970 waba yisibonelo nensika komama egqugquzela ukuba bakhuthale, balime, bahwebe, besekele izingane zabo ekufundeni.

Umama uNzuza wafundisa eNanda Seminary, waba yilungu leNational Teachers Union,  wasekela umyeni wakhe uMnu Mudliwamafa Ambrose Nzuza (osamendulela), owayenguthisha  eDundee High School, eSwazini,  waba ngumhwebi, waba nguMfundisi. Ekuphumeleleni kwabo ekuhwebeni bakha indlu yesonto eMashona, eMahlabathini. Babuye banikela futhi ekwakheni ihholo laseSt Aidens Anglican Church kwaNongoma. Kukuleli sonto lapho umama ezophumela khona eseya endaweni yakhe yokugcina.

Uma wonke umuntu angabamba ngokugcwele iqhaza lakhe empilweni, ngeze kwaba nomgqamu cishi, kusondelele ekutheni iziguli zihlinzwe kukhanyiswe ngamakhandle. Ngeke kuphele amanzi izingane ziye ezikoleni zingagezile. Kakunakuba nazingozi emgwaqeni ezidalwa ukungathobeli umthetho. Ngeke kube nendlala ngoba amasimu esaba ngamafusi. Ngeke kube nezingane ezingamabhobhodlelana osekwemukelekile ukuthi ziyimihambima.

Umama Nzuza ubeyisibonelo nemfakazo yalokhu:  Inhlonipho, inhlanzeko, ukuzimisela, ukukhuthala, ububele, ukunikela. Esathatha impesheni ubehambisa ukudla nezilimo ezimishini zamasistela ngisho okungewona awebandla lakhe. Ubenza ngoba ekhuthaza echelela okuhle. Makalale ngoxolo, nokkhanya kwaphakade kumkhanyele.

See Also

Ushiye izingane ezine (Mlungisi, Sethenjwa, Nokukhanya kanye noJean)  nabazukulu abane.

Ufihlwa namuhla eSt Aidens Anglican Church kwaNongoma ngele 9h30.

Scroll To Top