Nabesilisa abasazibekile phansi ngokuzicwala


Siningi isikhathi esichithwa ngabantu bezilungisa, kubhala uMuntu Xulu
Umuntu ubonwa ebusweni ukuthi muhle. Yingakho njena kuchithwa isikhathi esiningi kangaka kulungiswa isikhumba sobuso, sigqotshwa ngezinongo zezinhlobonhlobo. Okuyikhonakhona kukhathaza du, yikuthi onebala elimnyama akasalifuni, usefuna elikhanyayo neligqamile. Usefuna ukuba nesikhumba esithambile nesincwaba. Konke lokho-ke yimali. Imali yokhilimu abomile nabangamanzi, ophomede, nophawuda, nopende bamashiya nezinkophe, izigobhe, izihlathi, imilomo, ngisho nezinzipho imbala.
Uma owesifazane esenjalo, futhi esevunule eziconsayo, esezifafaze ngamakha neziqholo zaseGibhithe, esefana nempigogo emibalabala, esehambela phezulu, noma eyacaza, nalapho esekuthi laphalazi ngawejuba, uyobhema ukholwe uma wena owesilisa ukubonile konke lokho, wakufinyeza wakuhlanganisa ngazwi linye elithi: “Umuhle!” Wo, awuyikuconsa ungesiwona amanzi. Uyothwala inyongo nesinye, kube sengathi umnika impilo entsha. Naye-ke uyothi: “Ngiyabonga!” kumbe athi: “Thank you,” uma ngabe uyakwitiza. Ubuso bakhe buyobe sebuchachambile bubuhle futhi ebengezelela lobobuhle ngokumamatheka. Lapho-ke uyobe umthwalise idlokolo negwalagwala, kungesisona isidlodlo esakhalisa uthekwane.
Nakubantu besilisa sekukhona labo asebenakekela ukuba babebahle. Sesibona nangezinhlobo zawokhilimu abenzelwe abantu besilisa kanye nezinongo nezigqabo osekuthiwa ngezamadoda kuphela. Uzomfica-ke ubhuti esenebala elikhanyayo bha, ufice nezindevu nobuhwanqa sebubhubhuzela bumnyama buthe bhuqe, ngoba nabo sebugcotshwa ngemithi ebenza bubemnyama njengensizi. Uthini-ke ngabaqhakaze izinwele ekhanda, abangathandi ukuba nezimvu. Kubo-ke sekulula nje ukuba izinwele zabo zihlale zimnyama, kuphela nje uma bekhuthalele ukuzigeza bazigcobe ngomuthi omnyama ozenza zibemnyama.
Nabo-ke sebeyakuthanda ukugqoka izevatho ezimibalabala nezinezimbali njengabesifazane. Kuqala umuntu wesilisa wayegqoka umbala owodwa. Uma ihembe limhlophe, libe mhlophe lingaxubi; uma limnyama, libe mnyama lonke lingaxubi. Nebhulukwe elimnyama kwakuba ngelimnyama, nelinsundu kube ngelinsundu. Manje uzofica nabo sebegqoke abomvu, aluhlaza, ampofu, axube imibala, nahlotshiswe ngezimbali, namabhulukwe nawo sekungawemibalabala, abomvu, aluhlaza, aliphuzi, namagqabhagqabha. Konke lokhu sekukhomba ukuthi ayisekho imingcele ngenxa yokuthanda ukuba umuntu abemuhle.
Phezu kokuba bonke bethanda ukuba bahle, ngimangaliswa yilaba asebengene kulemfashini yobunuku, yobuHippie, abathi uma besho, bona baphindela empilweni yemvelo yokuba umuntu aphile njengoba adalwa. Izinwele azisagundwa, ziyekwa nje zibe zinde, zibe ngamadlokolo nezidlodlo zawothekwane, kwesinye isikhathi ziphothwe zibe nemiyeko, kuthiwe zifana nezeJamaica lodumo emculweni umufi uBob Marley. Ngisho nokuvatha kwabo sekuyilokhu kokuntayizela. Umuntu athenge ihembe elihle, maqede alisike imikhono ibe yizinjobo ezimalengelenge, nebhulukwe elinqunywe imilenze yaba yiminqini, nayo leyo minqini ingenelwe ngesikelo yenziwe izinjobo nemiyeko.
Nayo-ke impilo sekukhona abayithatha nje bukalu. Okuyikhona osekubabusa nosekusetshenziswa kakhulu ngamarekhodi omculo wepop, nokubungazana ngokuphuza utshwala nokukitazana ngezothando. Kuphela! Nithi-ke yimpilo yobuhle-ke leyo?