Now Reading
Isiqephu Sokuqala: Asiqaphele singaholelwa Ophathe
Dark Light

Isiqephu Sokuqala: Asiqaphele singaholelwa Ophathe

I‘Christianity’ ayisizo izimfundiso zikaJesu, kanti i-‘Islam’ le yamaSulumane akusizo izimfundiso zikaMuhammad.’

Abafundisi balezi zinkolelo bazovumelana nathi embukisweni wokugcina ukuthi iChristianity kwakungesiyo inkolelo kaJesu, kanti ne-Islam le yamaSulumane, kwakungesiyo inkolelo kaMuhammad; ngoba inkolelo kaJesu noMuhammad kwakuyinkolelo yeSintu, kanti futhi kwakuyinkolelo kaMose nabo bonke abaprofethi baMveliqali, ngisho noprofethi u-Isaiah Shembe imbala.

IKhur’aani lifundisa ukuthi bonke abaprofethi babengenayo enye inkolelo ngaphandle kwenkolo yobulungiswa, nobulingani. Lokhu, amaKhristu akushumayela ngemilomo kodwa izenzo ziyaphikisana neqiniso, inkululeko kanye nobulungiswa nobulingani nathi thina bantu boHlanga.

Emva kokuthola ulwazi ngabo (abelumbi nezimpelesi), kasifuni ukuthi sibalandele ezinkolelweni zabo ngoba kabadalelwanga ukuthi baholele abantu ebulungisweni, iSintu.

Ukuphendukelana kwezizwe zebala elimpofu nesizwe soHlanga kudalwa umsebenzi kaMveliqali neqiniso lakhe phakathi kwabantu bakhe (abantu boHlanga).

Awukaze wabona ngaphambilini ontabakayikhonjwa benentshisekelo engaka yokugcina owoHlanga eduzane nobuhlobo bempucuzeko yabo, ikakhulukazi i‘Christianity’, umkhohlisi omkhulu, inkolelo yokwedusa aboHlanga.

Baze banikezele ngemali kulabo boHlanga abafanelwe ukuqaphelwa, ukuba bamukele isimo sabo ezindaweni eziphakeme. Masinya bayehliswa bavele ehlazweni elibangela amahloni.

Abaholi. thina, sizwe soHlanga, namuhla ngolwazi lweqiniso ngeke sivumele abaholi abakhiwe base bethunyelwa kithi ukuba basihole. Ngiyanikhuza ukuba ningamukeli abaholi abenziwe abelumbi noma abakhethwe abelumbi.

Lolu hlobo lwabaholi yilo olusigcina sibambeke emaketangeni obugqila bomqondo kusukela ngezikhathi zengcindezi. Abaholi bethu bakhethwa yibo ontamolukhuni.

Lolu hlobo lwabaholi yizimpimpi ezikhotha izinyawo zabelumbi, ukuze bajabule (futhi) bacebe ngokunganaki ukuthi kwenzakalani kimi nawe; ngoba kabanandaba nathi.

Isiprofetho sa-Abrahamu. Kodwa, ngicela ukhumbule lokhu: emazwini okufanekisa (ngokukaLuka 16, 19 no 21) ngesicebi noLazaru…okuchaza ubudlelwane phakathi kwezinhlanga zebala elimpofu nabantu boHlanga.

See Also

Isicebi safa sesimukwe igunya namandla. Osizini olukhulu lomjunju (isihogo). Osizini olukhulu lomjunju (torment) wokulahlekelwa umcebo namandla, isifanekiso sifanisa isicebi nomuntu oseHayidese (isihogo).

Kanti kulesi simo, isihlupheki (uLazaru) saphelelwa yithemba ekuceleni kuloyo owayeyisicebi ngoba engasenakho ukudla okulidili.

Wase ekhetha ukuzenzela yena (ngokwa-Abrahamu). Isiprofetho esamukelwa u-Abrahamu sichaza ukuthi emva kweminyaka engamakhulu amane (400) kusukela ekuthathweni kwabantu boHlanga lapha kwelengabadi, beyiswa ebugqileni (trans-atlantic slave trade) emazweni ezinhlanga zebala elimpofu.

Ngiyakunxusa ukuba ube sesikhathini futhi wamukele iQiniso, ungalilumbanisi namanga ube wazi ngoba uncenge ubungani obungebona obeQiniso.


Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079  842 4572.

Scroll To Top