Now Reading
Ukusithela kweLembe kwenza kwavuka abasimbambatha amakhanda
Dark Light

Ukusithela kweLembe kwenza kwavuka abasimbambatha amakhanda

Impela noma ngabe ukhonza kuliphi ibandla, kubalulekile ukuthatha umzuzu uncome utuse igalelo lomuntu onsundu noma ngabe uvela kuphi nezwe. Ngabe uyagwexa umuntu ongabuza ukuthi qhaza lini elibanjwe uMphrofethi uIsaiah Shembe ekulondweni kwamafa namagugu esizwe sikaPhunga noMageba.

Ukukhothama kweSilo sakaDukuza kwaba ukuqala kokubuna kwembali eyayiqhakaze ubusika nehlobo. Leyo-ke kwakuyimvelaphi yethu. Sizokhumbula ukuthi iLembe lwakubona kuqala ukufika kwabakhunkuli nabahunguli kulelizwe. Waze wabaqamba igama wathi abeLumbi.

Ngokukhothama kweLembe kwavuleka intuba yokuthi kucanase abezizwe, beshuthekake amasiko mpilo abo nezinkolelo zabo. Lokho kwaba nemithelela emculweni, emvunulweni, nasendleleni yokukhuluma imbala.

Ingxenye eningi yabansundu yabe isithutheleka ukuyofunda ezikoleni zasemishini. Indlela yokucula nokugqoka yayivuna isiko lasentshona. Saphinde sakhungathwa uvuvatha lwezimpi phakathi kwabezizwe nalaba abangumsinsi wokuzimilela kuleli lengabade. Lokhu kwaba nomthelela wokuthi silahlekelwe umhlaba, isikompilo kanye negqabho ngobuthina. Ngoba labo abasebehabule ubuthi ezikoleni zamazemtiti babuya sebecokofula imvelaphi yabo.

Ilapho ke esibona iqhaza likaMphrofethi Isaiah Mudliwamafa ka Mzazela ka Mayekisa. Waba isikhonzi senhlupheko esabutha konke okwakungokwendlu kaPhunga noMageba. Lapha ngikhuluma ngemvunulo, ukudumisa uMdali ngendlela yokuhuba kwasendulo, isizotha Kanye nokukhunjulwa kwezidalwa.

Phela ukukhunjulwa kwabaphansi kusuke kuyimizamo yokulondeka kwemvelaphi ngoba uma kuhlatshiwe egcekeni yilapho kutholakala khona ithuba lokufundiswa ngolibo. Sibabonile abantu befakaza ngemisebenzi abenzele yona. Uma ungavakashela ibandla lamaNazaretha ngoLwesithathu, oLwesine nangeSonto ungafunga ukuthi umgubho womkhosi wamasiko kanti cha, impilo yabo nje.

Konke loku esengikubalile ngabe kwasilahlekela ukuba uShembe akasumunga walwela imvelaphi yethu emazingeni ahlukene: empilweni yansukuzonke kanye nakwezikamoya. Kuningi okuhlonyulwa ilelizwe ngenxa yamagalelo aleliqhawe. Izindimbane zabavakashi besuka emazweni aphesheya kwezilwandle bezobuka lokukuhloba kwama Afrika kuyinkomba yomthelela abe nawo noma esaba ngowendele kwelimagade.

Wabe esebhala izihlabelelo azimukeliswa emkhathini ezaziqhukethe imiyalezo eyayidumisa, yexwayisa, iyala, iduduza iphinde yengule ungwengwezi olwase luqaqele emehlweni ethu sedukelwe ngisho nayinyathuko ebheke ekhaya.

Uma ngingacaphuna esinye sezihlabelelo azibhala esithi:

Ngiyalithanda ngokulizwa,

Lelolizwe Elizayo,

Ngokhululwa ngilibone,

Wenhliziyo yami.

Lapha uShembe simbona entantathekisa ingqondo nomphefumulo uze uyofika phezulu esibhakabhakeni uthi mawubuya uyothi gxu ngaphansi kotwa lwamanzi. Ecabanga ngalelizwe sonke esingalazi ekuthiwa siyakulo uma inyama ihlukana nomphefumulo.

Ngokujwayelekile lelikhono livamise ukubonakala kubantu abake balunguza egumbini lokufunda. Lapha ngikhuluma ngobunkondlo, nokuhleleka kolimi nokujula kwalo. Loku kubambe iqhaza elikhulu ekunonophalisweni kolimi kanye nokuzika kwalo. Leli ilo lodwa ibandla elikhonza ngesintu, lihube ngesintu, likhuleke ngesintu kulezi zikhathi ezinzima kangaka lapho isizwe sikhungethwe ubumpoqa-bulungu.

Uma sibheka umlando webandla laseRoma elasunguleka eminyakeni yasendulo ngabo 345 A.D. Ladlondlobala kwaze kwafika isikhathi lapho liklayeka phakathi khona ngenkathi uMartini Luther engasaboni ngasolinye nobuholi bangaleso sikhathi. Wabe eseqembuka ke nokuyisizathu sokuthi namhlanje sineSonto lamaLuthela.

Kanjalo-ke nebandla lamaNazaretha elikhungethwe ukuqembukelana, asothi uma silihleka usulu sikhumbule ukuthi umlando uziphinda wona. Awukho umuzi ongenakukhuluma.

Scroll To Top