Ukungalingani kwamandla kunawo umthelela odlameni olungokobulili


Kunezincazelo eziningi ezahlukene maqondana nodlame olusukela ebulilini, kodwa singaluchaza njengodlame olwenzeka ngenxa yamandla angalingani ebudlelwaneni phakathi kobulili obungafani. Lolu dlame luyahlukahluka emphakathini ngenxa yezizathu eziningi.
Ziningi izizathu zalo, njengakho ukuthi emiphakathini eminingi, lapho abesilisa bebonwa njengabancono futhi benamandla amakhulu kunabesifazane. Yilapho abesifazane bengakwazi ukuzivikela khona. Ilapho abesilisa benza udlame olubhekiswe kwabesifazane ngokungajeziswa futhi kuyinto ejwayelekile neyamukelekile.
Udlame lungaba ngokomzimba, ngokocansi, ngokozwelo, lwezezimali, futhi lungenziwa ngabalingani abasondelene, abangani, abantu ongabazi kanye nezikhungo. Izenzo eziningi zodlame olubhekiswe ebulilini phakathi kwabantu zenziwa ngabesilisa ngokumelene nabesifazane, lapho amadoda enza khona udlame. Yize luqondiswe ngokungalingani kwabesifazane namantombazane, kungenzeka ukuthi abantu bonke bazithole bebhekene nodlame lobulili. Isibonelo, ukutholakala ngabantu ababonwa njengabangahambisani nezindima zabo zobulili.
Udlame lomlingani osondelene naye luyindlela ejwayelekile, futhi lubandakanya ukuhlukunyezwa futhi kungenzeka kubalingani abathandanayo bobulili obuhlukile noma bobulili obufanayo. Udlame lwasekhaya olwenziwa ngabalingani noma amalungu omndeni, futhi luhlanganisa nodlame olubhekiswe ezinganeni noma kwamanye amalungu omndeni.
Kanti futhi lokhu kuqukethe udlame lwezocansi. Lolu dlame luchaza, yinoma yisiphi isenzo socansi, njengokuzama ukuthola isenzo socansi, ukufuna imibono yocansi komunye umuntu, noma izinkulumo zocansi, ngokumelene nobulili bomuntu, lapho ezithola enengcindezi. Lesi senzo singenziwa yinoma yimuphi umuntu kungakhathaleki ubuhlobo bakhe nesisulu, kunoma yisiphi isimiso, kufaka phakathi kodwa kungagcini ekhaya nasemsebenzini.
Udlame lwezikhungo lukhona. Ilapho amaqembu athile, abantu abathile, ubulili noma izizwe zikwazi ukufinyelela noma zithola izinsiza kanye namathuba ngaphezu kwabanye ngenxa yobulili, futhi ilapho le nzuzo engalingani yakhiwa ezinhlelweni zenhlalo, ezombusazwe nezomnotho ezilawula izimpilo zabantu. Kuyiqiniso elibuhlungu futhi elikhathazayo ukuthi yize izibalo kunzima ukuzithola ngezizathu eziningi okubalwa kuzo ukuthi izehlakalo eziningi azibikwa, iNingizimu Afrika inezinga eliphezulu lwalolu hlobo lodlame.
Luvame kakhulu emiphakathini lapho kunesiko lodlame, futhi lapho ukuphakama nokuphathwa abantu besilisa kuyinto ejwayelekile. Inkolelo yokuphakama kwabesilisa ingabonakala emadodeni azizwa enelungelo locansi nabesifazane, lapho umbono womuntu wesfazane ungasho lutho, lapho umuntu wesfazane ethathelwa khona izinqumo kanye nokulawula abesifazane.
Imizamo yethu yokulwa nodlame idinga ukusekelwa futhi iphelezelwe ukuvimbela ngokubhekana nezimbangela zalo ukuze sizokwazi ukuvimbela ukuthi kungenzeki kwasekuqaleni. Izinqubomgomo nezinhlelo zokuvimbela udlame kufanele zaziswe. Kubalulekile ukuthuthukisa isisekelo sobufakazi ngokwengeziwe ngokuhlola uhla lwezinye izindlela zokungenelela ezinamandla kanye nokwenziwa kohla lwezinye izindlela zokungenelela ezinamandla okusebenza esimweni saseNingizimu Afrika.
Sonke singadlala indima emqoka ekufakeni isandla ekuvimbeleni ukusabalala okubanzi kwalolu hlobo lodlame nokuhlukumeza ngezindlela ezilandelayo: –
Fundisa abantu abasha ngokulingana ngokobulili; ukwesekwa kwabesifazane namantombazane abayizisulu zokuhlukunyezwa; ukwakhiwa kwezindawo eziphephile zabesifazane ukulwa nodlame; ukubikwa lezi zenzo ezinkantolo zodlame lwasekhaya; Uhulumeni wethu uphoqelela imithetho eqinile futhi elinganayo ngokumelene nodlame ikakhulukazi lapho lubhekiswe ebulilini; lzikhungo nabantu abathile abafanele ukwenza izinhlelo ezisiza ukuvimbela ukuphindaphinda kwabenzi bodlame olubhekiswe ebulilini; ukufundisa umphakathi jikelele ngodaba lodlame olubhekiswe ebulilini; kanye nokufundisa abantu ngamalungelo abo nokusebenza komthetho.
Lombhalo awusona iselulekho ngezomithetho kodwa izi zolwazi olungwayekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.