Sihlomisana ngolwazi ngolwebele: Umthetho wenqubo ezinkundleni zamacala ezabasebenzi



UKhumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi.
Iningi laboHlanga bayazimela bona Ezinkundleni Zamacala Ezabasebenzi neMikhandlu yezimboni eyahlukene enelungelo lokuthetha lamacala. Onyakeni wezi-2019 sake sabhala ngezihloko ezahlukene mayelana namaqhingasu kanye namangwevu okuzimela kulezinkundla. Sabhala futhi ngendlela nezikhathi zokufaka amacala ezabasebenzi kulezinkundla.
Inhloso kwakuwukuhlomisa abafundi abakhuluma olwebele futhi abazithola bengamelwe zinyunyana noma ngabameli ezinkundleni zamacala ezabasebenzi. Kolwanamuhla siqhubeka kulolo daba.
Umthetho wenqubo yamacala enkundleni iCCMA isichitshiyelwe yengezwa ngokwesinqumo esisishicilelwe mhla zingama-21 kuMbasa kowe-2023 emqulwini unombolo 48445 weZaziso Zikahulumeni. Sichaza ngalezinguquko sibe sivuselela ulwazi lokuzimela nokufaka amacala ezinkundleni. Ngokomthetho neMikhandlu yezimboni isebenzisa yona imithetho yenqubo yakwaCCMA ngoba phela lenkundla yiyona engumgogodla wezindaba zokuqashwa. Sikhethe amaphuzu esicabanga ukuthi athinta futhi abalulekile kakhulu kumfundi ozifakela yena icala aphinde azimele ngoba engenammeli ozomsiza.
Okokuqala masikhumbuzane ukuthi lifakwa kanjani icala kulezinkundla
Ofaka icala kufanele makalifake ngokugcwalisa ifomu iLRA 7.11, alifake icala zingakedluli izinsuku ezinqunyelwe lolo hlobo lwecala. Ifomu lelo lithunyelelwa ummangalelwa kube nobufakazi balokho, bese lifakwa kwa-CCMA noma eMkhandlwini liphelekezelwa ubufakazi bokuthi ummangalelwa uthunyelelwe. Izinsuku ezinqunyelwe ukufaka icala yilezi:
- Elokuxoshwa: yizinsuku ezingama-30.
- Elemali Yeminyaka kodiliziwe: alinqunyelwe sikhathi esehlukile kwawombango ajwayelekile okuthiwa yi-prescription ngolweSingisi.
- Elokuphathwa ngendlela engenabulungiswa: yizinsuku ezingama-90.
- Elokubandlululwa nokuhlukunyezwa: yizinyanga eziyisi-6.
- Elezimali ezisemthethweni nemali yomholo kazwelonke oyisisekelo: alinqunyelwe sikhathi esehlukile kwawombango ajwayelekile okuthiwa yi-prescription ngolweSingisi.
Ifomu lokufaka icala kufanele lisayinwe ngummangali noma ngummeli wakhe ovumelekile ngokomthetho wenqubo esikhuluma ngakho kulombhalo. Lithunyelwa ngesandla asayiniswe lowo olemukelile, noma ngesikhahlamezi esikhipha ubufakazi bokuthi lihambile, noma nge-email) nalo olunobufakazi. Noma lifakwa ngobuxhakaxhaka bomoya (on-line).
Osedlulelwe yisikhathi sokufaka icala unelungelo lokulifaka lihambisane nesicelo sokuthethelelwa ngokwedlulelwa yisikhathi. Kanjalo ummangalelwa naye unelungelo lokuphikisa leso sicelo sentethelelo yokwedlulelwa yisikhathi. Nalapho futhi nguKhomishana onqumayo ngaleso sicelo.
Amaphuzu abalulekile, okusha nokwengeziwe njengoba sibhalile ngenhla, kumayelana nalokhu okulandelayo. Okokuqala esikuphawulayo okumayelana nokuvikela imininingwane yomuntu othintekayo ecaleni elifakwayo. Lo Mthetho Wenqubo ochitshiyelwe uthi makuqaphelwe kuqikelelwe ukuthi uma ufaka icala kawephuli uMthetho Wokuvikela iMininingwane Yomuntu unombolo 4 we2013. Kufanele kusetshenziswe imininingwane yomuntu njengesifiso sakhe noma ngendlela ebalulwe umthetho kuphela. Bonke abathintekayo ecaleni elifakiwe kufanele bagweme ukusebenzisa imininingwane yomuntu okuphambene noMthetho Wokuvikela Imininingwane.
Okwesibili osayina amafomu noma amaphepha okufaka icala kuba ngummangali noma ngovumelekile ngokoMthetho ukumela yena. Kodwa uma lamaphepha esayinwe ngongavumelekile esefakiwe, kufanele ummangali ezovela yena ngosuku lwecala egcizelele phambi kukaKhomishana ukuthi nembala nguye othume lona osayine amaphepha.
Okwesithathu, isiqinisekiso sokuthi icala lifakiwe, ngesobufakazi bokuthi amaphepha noma ifomu lawo atholakele afinyelela eNkundleni Yamacala okungeyakwaCCMA noma yoMkhandlu lowo okufakwa kuwo icala. Iyaqhubeka.
UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wezisebenzi. Ubuye abe ngumahluleli nomxazululi emacaleni ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene.