Uthele izithelo ezinhle umzabalazo wezisebenzi zasezindlini



UKhumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi.
Masikhumbuzane ukuthi Kwelabohlanga lomhla zingama 27 kuLwezi kuya zi 3 kuZibandlela kowe 2020, sabika sachaza kabanzi ngesisinqumo esiyinqophamlando seNkantolo Yomthethosisekelo esakhishwa mhla zili19 ku Lwezi kowe 2020. Uma isikhipha isinqumo iNkantolo enkulu ezweni yazichaza ngalamazwi alandelayo izisebenzi zasezindlini:
“Zingamaqhawe ku ecaleni lika Mahlangu and Another v Minister of Labour and Others [2020] ZACC 24 esikhishwe mhla zili19 ku Lwezi walonyaka lelizwe nasemhlabeni wonke, kodwa zibe zingahlonishwa ngokuzifanele. Ziyithimba labesifazane elinamandla amakhulu, elinekhono lokuphumelelisa wonke umuntu osebenzayo ukuthi aqhubeke nokusebenza enethemba lokuthi izingane zakhe, abazali nabakhubazekile nasebekhulile, bayanakekelwa futhi baphephile ngoba besezandleni zezisebenzi zasezindlini.”
Asikhumbuzane futhi ukuthi kwakuyisinqumo ecaleni lika Mahlangu and Another v Minister of Labour and Others [2020] ZACC 24 esakhishwa mhla zili19 ku Lwezi ngonyaka we 2020. Kulelicala iNkantolo yayibheka ukubandlululwa kwezisebenzi zasezindlini ngokoMthetho Wezinxephezelo Zokulimala Nezifo Ezisuka Ekuqhashweni uNombolo 130 we-1993. Phela kwaselokhu kwathi nhlo, loMthetho wawuzikhipha izisebenzi zasezindlini ekuvikelweni nasekuhlomuleni izinxephezelo zokulimala, zokukhubazeka nezokufa ezikuthatha emsebenzini.
NgokwaloMthetho lezisebenzi zazingabaliwe njengezisebenzi ezinesabelo ngaphansi kwaloMthetho. Lokho kwakusho ukuthi kazinalungelo lokunxeshezelwa uma zilimalela noma ziguliswa umsebenzi eziqashelwe wona. Nokukhubazeka kanye nokulimala kwazo okudalwa ngumsebenzi eziwenzayo kwakungabanikezi lungelo lokucela isinxephezelo ngaphansi kwaloMthetho njengazo zonke izisebenzi ezisebenza kwezinye izimboni. Kulesisinqumo sayo iNkantolo enkulu ezweni yakuthola kuphambana noMthethosisekelo wezwe ukubandlululwa kwezisebenzi zasezindlini. Kokunye eyakusho ngesinqumo sayo iNkantolo yabe isikhipha isilawulo sokuba loMthetho mawubuyekezwe kulungiswe lelophutha.
Zibonakele izithelo zalomzabalazo owamelelwa nguMama uMahlangu owavunwa yiNkantolo uma usuchitshiyelwa loMthetho. UMongameli wezwe usesicikicile wasigcizelela isichibiyelo salomthetho esifezekisa isinqumo seNkantolo Yomthethosisekelo. Izisebenzi zasezindlini nazo sezinelungelo lokunxeshezelwa ngaphansi kwaloMthetho uma zehlelwa ukulimala, ukugula noma ukufa okubangwa umsebenzi wazo njengazo zonke izisebenzi. Siyababongela abafowethu nodadewethu abasebenza kulemboni yasezindlini. Kufanele futhi smbonge uHulumeni wethu ngaleligalelo elitshengisa ukukhula nokuthuthuka okuhambisana nokwamanye amazwe.
Ziningi futhi zehlukile izinselelo zokwenabelo kwaloMthetho embonini yasezindlini. Kufanele kubhekwane nazo zingasetshenziswa njengezaba zokubambezela ukuhlomula wonke amalungelo alesisichibiyelo. Embhaweni wethu womhlazingama 27 kuLwezi kuya zi 3 kuZibandlela kowe 2020 saziqagula lezinselelo ezidalwa ubunjalo balemboni okwehlukile kwezinye izimboni.
Lezonselelo ezibhekene nabaqashi nezisebenzi balemboni kanye noMnyango kahulumeni yilezi ezilandelayo. Okokuqala ukubhalisa ngaphansi kwaloMthetho, kwabo bonke abaqashi bezisebenzi kulemboni. Okwesibili ukukhokha umnikelo wonyaka esikhwameni sezinxephezelo. Okwesithathu yimibiko yabaqashi nezisebenzi okufanele ithunyelelwe umnyango ngezingozi, ukugula, ukukhubazeka nokushona okudalwa ngumsebenzi noma isikhwama. Okwesine ukuqikelela ukugwema izingozi nezifo ezenzeka emsebenzini noma ngenxa yomsebenzi.
Okwesihlanu, ukusebenza endlini okuyikhaya lomndeni othile, kwasakhona kuyinselelo ngoba eziningi izisebenzi zihlala emakhaya abaqashi lapho kunemicimbi yamasiko neyokuzijabulisa, izifo ezahlukene, amakhemikheli ayingozi eziwasebenzisayo noma eziwabonayo mhlawumpe ziwahogele. Udlame nobugebengu obubhekiswe emakhaya abaqashi noma okwenzeka khona, kuyazichaphazela izisebenzi ezihlala kulamakhaya. Umbuzo –ke kuzoba ngothi iyovunywa yini imbangela yokulimala kulezizimo noma ukuguliswa yilezizimo ezenzeka emakhaya ukuthi nembala kwenzeke ngenxa yomsebenzi noma kwenzeke emsebenzini eziqashelwe wona izisebenzi?
Kufanele zelekelelwe zixhaswe zombili izinhlangothi eyabaqashi neyezisebenzi ukuqonda nokubhekana nazo zonke izinselelo zaloMthetho kulemboni yasezindlini. Ngiyaluncoma uhlelo lomthetho lokukhuthaza abaqashi ukuthi behambisane nokugcwele bengakubalekeli ukufeza okudingwa yiloMthetho. Kungathi lungahambisana nomkhankaso oholwa nguMnyango, wokubeluleka abaqashi nezisebenzi ukuba beqondisise kahle bengawexwayi lomthetho.
Okokugcina ngibona usemkhulu futhi nomsebenzi ozobhekana neziNkantolo ngoba lezizinselelo ezilethwa ukwenabela kwaloMthetho embonini yasezindlini ziyophelela kuzo, zilanyulwe yiziNkantolo. Sekuyodela uMakhasana.
UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wezisebenzi. Ubuye abe ngumahluleli nomxazululi emacaleni ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene.