Bavumele i-USA neSaudi Arabia ukuba bagxambukele kweyaseSudan
UNgubane ungungoti wezindaba ezimayelana ne-Afrika nezokubusa.
Kunomkhuba ongafuni ukuphela wokuthi izingxabano zasegcekeni noma zomuzi owodwa kuthiwe azidingidwe kwamanye amagceke. Okuyaye kuxake kakhulu ukuthi lo muzi unegceke elikhulu ngendlela eyisimanga kepha abanikazi bawo ababonanga sidingo sokuthi okwasegcekeni akulungiswe kuwo lamagceke.
Lligceke nalomuzi esikhuluma ngawo yiSudan kanye nezwekazi i-Afrika, ingxabano esiphekwayo yilena efaka abomndeni okungu Al-Burhan noHemedti. Emveni kokuqubuka kwengxabano phakathi kwalezinkunzi ezazanayo nesibe nomthelela omubi kulomuzi i-Afrika nasemagcekeni awo, kuqhamuke imizamo eyahlukene ebihlose ukuthi kutholakale ikhambi lokwakha ukuthula egcekeni laseSudan.
Kuthe uma kuphakama abaseSouth Sudan, beholwa uSalva Kiir beyikhuza lempi esiqalile, anyuka amathemba okuthi amaqhingasu okuyiphetha azoqhamuka kuwo lomuzi namagceke ngoba yiwo vele ayazi kahle ukuthi isukaphi futhi iyophelelaphi. Aphinde enyuka uma iKenya, kanye ne-Uganda beyikhuza futhi bekhombisa ukuzimisela ekungeneleleni ukuze kutholakale isisombululo.
Lawo mathemba okuthi lengxabano izodingidwa ekhaya ashabalele kuleli sonto uma kudalulwa ukuthi kuzohanjwela eNhlokodolobha yaseSaudi Arabia, iJeddah ukuyoqala indlela yokwakha ukubuyisana phakathi kwalezinkuzi ezimbili nezibuya egcekeni elilodwa.
Lezingxoxo, nokuthiwa zigqugquzelwe ngokubambisana uHulumeni waseSaudi Arabia nowase-United States of America (USA) kumele zithathwe njengeziyingxenye yemikhuba egcina ingasizi ngalutho kwizingqinamba lomuzi obhekene nazo.
Umlando wezwekazi ikakhulukazi ophathelene nezokudala ukubuyisana nokuthula ukhombisa ukuthi ayikho okungeyethu eyake yalunga efaka lamazwe amabili. Kunalokho, ukungenelela kwawo kuvame ukubhebhethekisa isimo.
Ukuvuma kuka Al-Burhan noHemedti ukuthi udaba oluthinta bona ngqo noselukapakele kumazwe angomakhelwane maliyodingidwa eSaudi Arabia ngokukhombisa ngokusobala ukuthi abakazimiseli ukuthola isisombululo. Lokhu esikushoyo singaphinde sikuqinisekise ngoba uma kubhekwa izigaba zamathimba abawathumele ukuba ayobamela eJeddah, awaholwa amanxusa abo aqavile.
Kumele kungakhohlakali nokuthi lamazwe womabili yiwo abesedalule kwazwe kwaba kasithupha ekamaluju ongazange wenzeke, lokhu bekumele bakuthathe njengokugcizelela ukuthi ayikadelani.
Okunye okumele sikugcizelele ukuthi lezingxoxo angeke ziye ndawo uma lamazwe nalabaholi ababili besazikhohlisa ngokuthi yibo kuphela abanekhambi lokuqeda lempi.
Akuphikwa ukuthi baneqhaza elikhulu okumele balibambe ukuze kuqale umgudu wokwakha ukubuyisana kepha ukunganiki ithuba izinhlaka ezahlukene eSudan ukuba zibe nezwi kulezingxoxo kuveza ukuthi inhloso yalomhlangano eJeddah bekungekona ukuza nesisombululo.
Kepha, okumele basolwe kakhulu ngalesenzo abaholi bamazwe ase-Afrika – abangamalungu alo muzi – ngokuthi bathule bathini uma udaba okumele baluphathe ngokwabo selusezandleni zabakude. Izwekazi linamazwe evile kwayi-50 abekulungele futhi engakwazi ukuthi engamele lezingxoxo.
Ukwehlukela kwalamazwe emangaka ukwenza lokho kukhombisa ukuthi impela siyimihlambi ezalusile, seswele abaholi. Okubi ukuthi laba abathi bangabaholi e-Afrika bavumele lamazwe ukuba enze lomkhuba ngenyanga nonyaka obalulekile kumlando wezwezaki ngoba kugujwa iminyaka engama-60 kwasungulwa i-Organisation of African Unity (OAU).
Bona labaholi balamazwe bazohamba phambili nezitatimende, izinkulumo nemibhiyozo yokubungaza lolu suku lokusungulwa kwe-OAU nalapho bezogqamisa ukubaluleka kwe-Afrika ezimele nebumbene, kepha zolo lokhu yibo abehluleke ukwenza okulindelekile ngokuthi babambane ekutholeni isisombululo kweyaseSudan.
Sinesiqiniseko sokuthi abanye balabaholi sobezwa bekhononda ngokugxambukela kwamanye amazwe ezindabeni zase-Afrika, kodwa bazi kahle kamhlophe ukuthi inkukhu yanqunywa umlomo ngenkathi i-USA neSaudi Arabia bezifaka kweyaseSudan.
Uma lesinyathelo salamazwe singafakelwa izibuko nokungenza ukuthi elokhu eqhubekile nokohola imizamo yokwakha ukuthula eSudan, lokhu kuzonciphisa amathuba okuthi izakhamuzi zalelizwe zibone ukuphuma kwelanga lentando yeningi nosekuphele iminyaka zililangazelela.
I-USA neSaudi Arabia abanantshiseleko yokubona kunokuthula obunobulungiswa eSudan, kodwa uma nje izintambo zombuso zibanjwe abangakwazi ukusebenzisana nabo kobe kulungile. Ngakho ‘isisombululo’ abangase baqhamuke naso koba yibo kuphela nalabaholi ababili abayosithatha njengegalelo elibanzi kwezepolitiki ezweni.
Ezinye izinhlaka ezikhona eSudan kanye nezakhamizi ezisakuwo lamagceke nesezizithola ziyimihambima kwamanye amazwe angeke zivumelane nento ephambene nezifiso zokwakha izwe elingabuswa ezempi.
UMnu Senzo Ngubane, uNgoti kwezocwaningo lokudala ukubuyisana nokuthula ezwenikazi i-Afrika