Izibuko zamehlo zaba ngumalamulela kwabanye


Kwabanenkinga yamehlo ziyasiza zigqamise imibhalo, kubhala uMuntu Xulu
Kuthi uma egange engazifakile, uma esefunwa ngamaphoyisa azifake. Yena-ke wayengehlula ngoba nasendlini ebusuku wayengazikhumuli noma kwakungezelanga njalo. Bakhona-ke laba abafaka izibuko ngenxa yokugula. Labo-ke abahlobi ngazo. Bazifaka ngoba sebeye kudokotela wamehlo kuqala.
Udokotela-ke abaxilonge ewahlola ngomshini ukuthi asaphila yini amehlo abo. Udokotela wamehlo uwahlola ngezindlela eziningi umohlo akho uma udinga izibuko. Ubeka umshini ozobuka ngawo phambi kwamehlo akho, ede eshintsha izingilazi kuwona, ekhetha leyo ezovumelana namehlo akho. Ukwenza lokho njalo ude ekubuza ukuthi lokho okubukayo kumbe amagama owafundayo aphambi kwakho eshadini elikhulu elinamagama amakhulu amnyama namancane angafundekiyo uma ungafakanga izibuko, uwabona kahle yini na? Uyaye akubuze ukuthi: “Ulibona kahle igama elithile na?’’ Wena-ke usho-ke uma ulibona kahle noma lapho ungaliboni kahle. Uma ungaliboni kahle uzoshintsha ingilazi olibuka ngayo, afake enye. Uyokwenza lokho aze aqondane nengilazi ekubukisa kahle.
Hhayi-ke, kuyothi uma eseyitholile evumelana namehlo akho, abese ekwenzela izibuko ozobuka ngazo ezivumelana nezinhlamvu zamehlo akho. Mhlawumbe ufuna ezokufunda, ezigqamisa amagama kahle, noma ufuna ezokuhamba, kumbe ezikuhlanganise kokubili ukufunda nokuhamba, abazibiza ngokuthi zine-‘double lens’, phela, lezi zinokubuka okubili engilazini yinye. Zilungele ukufunda nokubuka, noma uhlezi noma uhamba. Lezi-ke zibekelwa isikhathi ukuthi uzozisebenzisa izinyanga noma iminyaka emingaki, ebese uphindela futhi kudokotela ayokuhlola amehlo, akunike ezinye futhi. Yimali-ke leyo!
UJohnny Walker wenkantini, isilomo sikagologo kawhiskey, owazalwa ngo-1818, kodwa nanamhlanje usaphila njengosheleni omusha sha, futhi usenamandla khona edla ugologo njalo, naye unkabi ufaka izibuko. Uma ungakholwa, thenga nje ibhodlela likawhiskey abathi yiJohnny Walker, uzibonele ngo-si. Uzoyifica insizwa yakwabo edle imbilijisi, yadla amagomazi ashaya ngezansi kwamadolo, yafaka umjiva obomvu womdanso, yathwala umgxushakazi wesigqoko esinophahla olude.
Lapha ngaphansi kwekhwapha ayigodlile unyuziphepha, kodwa igodle indukwana esengathi yilena ephathwa ngojoki abagibela amahhashi eGreyville, nami engibona ukuthi omdala kuyacaca ukuthi uyingibeli yangempela, ngoba nakhu nokuhamba kwakhe uhamba ngokugxala sengathithi omdala uhambela phezulu nje ujahe khona impela ezinyembezini zikaKhwini. Naye-ke okaWalker lona ufake izibuko kodwa zohlobo’ lwawoShakespeare, ezikubamba kwazo kude, ezibuka ngasolinye. Asazi-ke ukuthi yena wazifaka ngoba ayekhathazwa ngamehlo yini, noma uzifakela khona ukuswenka.
Sengibona ukuthi isigcino ochwepheshe besayensi sebezokwenza izibuko ezilungisa amehlo omuntu oyinxemu noma oyichide, okuyokuthi uma ezifakile ziwaqondise amehlo ngqo, angafani nawenkalankala. Mhlalokho, sonke sesiyokwazi ukuthi sizifakelani izibuko, noma sizifakela ukuba silungise okuthile kithi, noma sizifakela ukuba zisenze sibukeke sibahle, noma sizifaka ngoba sigula ngempela. Sebeyosenzela izibuko zamawindi zokubukela ithelevishini!