Now Reading
Isiqephu Sokuqala: Alaziwe iqiniso ngoMvelingqangi
Dark Light

Isiqephu Sokuqala: Alaziwe iqiniso ngoMvelingqangi

Ukwazi iqiniso ngobukhona bukaMveliqali, nokuthi ubukhona bakhe kusho usindiso kuzona zonke izimvu zolahleko (aboHlanga), kungukwazi impilo nenjabulo yakho.

Iqiniso livuna mina nawe; ngokuba iqiniso ngezitha esesiphile ngaphansi kwazo iminyaka engaphezu kwamakhulu amane, yiqiniso elithi owoHlanga kumele abe nolwazi oluzomenza ukuba angaweli konoxhaka (benkohliso) ababekwe yizitha ukuze engabambeki endleleni yazo, indlela ephikisana nendlela yobulungiswa, le ndlela esingamalunga ayo.

Umkhohlisi Omkhulu. Siyexwayiswa kulo lonke iBhayibheli leli neKhur’aani ukuba sibalekele lo mkhohlisi uma singamalunga esizwe soHlanga (isizwe sabalungileyo). Akukho lutho olusele mayelana neqiniso la labantu uMveliqali angalidalulanga obala. Kanti nginifundisa mihla namalanga ngemisebenzi yalaba bantu.

Kunalabo boHlanga abazokuthi emva kwalolu lwazi, babe nokuzwelana nomkhohlisi omkhulu (the devil) ngenxa yokufuna ukuthola inzuzo. Ngisho nezifundiswa imbala zizokwamukela ukukhuluma amazwi avikela lo mkhohlisi omkhulu ngoba bencenge ukuthola izikhundla. Abanye (babo) bazotshela mina nabantu abakholelwa eqinisweni ukuthi kabanayo inkolelo (ethiests) futhi kabakholelwa kuMveliqali.

IBhayibheli liyasexwayisa ngokufika kwalabo (bantu) abakhuluma lolu hlobo lwenkulumo uma sekufika izinsuku zokuphetha kwesikhathi sombuso wezinhlanga zebala elimpofu. Lezi ziwula zithi ngaphakathi, “akekho uMveliqali” (Amahubo 14:1). Lesi siprofetho siyafezeka njenga manje (ngisho) kubantu abazibiza ngezifundiswa.

Ngeke silibone izwe lesithembiso ngaphandle uma sikholelwa ebulungisweni futhi sikhonza uMveliqali, oyisiqalo sabona bonke ubuntu (ubulungiswa), ngoba ubulungiswa wuhlobo lomhlaba okuzomele siphile ngaphansi kwalo emva kokushabalaliswa kwalomhlaba wobubi nenkohlakalo.

Isonto LamaKhristu. Kunamaphikankani emasontweni amaKhristu. Kodwa kancane kancane umoya kaMveliqali uyabonakalisa kumuntu woHlanga ukuthi isonto kanye nenkolo le eyethiwa ngeChristianity, yakhiwe ngamaketangu abopha umqondo womuntu woHlanga ngaphansi kobugqila (mental slavery).

See Also

Bafuna usindiso lapho lungekho khona, bese becabanga ukuthi kumele bafe ngaphambi kokuba baye ezulwini. Lokhu kubangwa ukungaqondisisi (kahle) ngoba izulu yisimo sempilo, hhayi indawo thizeni. Izulu ukuthula komqondo kanye nokwenama nomveliqali wobulungiswa nesizwe sabantu bobulungiswa.

Lingaba lapha kwaZulu, lingaba phesheya kwezilwandle noma e-Asia, noma kunanoma yiliphi izwekazi. Kodwa liyisimo sempilo. Abantu boHlanga abangamaKhristu bayaxwayiswa (lapha) eBhayibhelini encwadini yeSambulo 18:4 ukuthi “Phumani kulo.” U-‘kulo’ lo uchaza indlela nenkolelo yezinhlanga zebala elimpofu kanye nenkolelo le ekuthiwa yi‘Christianity’ kanye ne-‘Islam’, ukuze singahlanganyeli nabo futhi singamukeli okwezinhlupho zabo (devine plagues). Lezi yizinkolelo abaprofethi abaziprofetha kithi ukuthi isitha sizozama ukusedusa ngazo. Iyaqhubeka.


Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079  842 4572.

Scroll To Top