Now Reading
Isithi khumu kwezamazwe inkosazane yekhilikithi
Dark Light

Isithi khumu kwezamazwe inkosazane yekhilikithi

Kuqinisiwe uma kuthiwa noma ikuphi kumele ushiye ngesikhathi bonke abantu besakulangazelele.

Lokho kubonakele ngesikhathi isihlabani seqembu lesizwe lekhilikithi kwabesifazane uShabnim Ismail (osesithombeni)ememezela ukuthi usethi khumu kulo mdlalo. Le ntokazi eyazalelwa eKapa eneminyaka yobudala engama-34 imemezela lokhu nje ibisabhekiwe ekutheni iqhubeke nokusiza iMomentum Proteas (Okuyiqembu lesizwe labesifazane).

UShabnim ulele endaweni yesibili kubadlali asebashaya amawikhethi amaningi emdlaweni ye-One Day International (ODI), ulandela uJhulan Goswami wase-India osethathe angama-255. Uphinde washiye ebeke irekhodi lokuba umdlali oseke washaya amawikhethi amaningi kunyaka owodwa angama-37 nyakenye okubalwa nali-14 awashaya kweYoMhlaba eyabe iseNew Zealand.

Uphinde wabeka irekhodi lokuba umdlali oshaye amawikhethi emdlalweni yosuku olulodwa enkundleni eyodwa, amawikhethi angama-24 emdlalweni eli-17 eJB Marks Oval ePotchefstroom.

Lo mdlali oshwiba ngesokudla, kwikhilikithi yamazwe ngamazwe ye-T20, umele iNingizimu Afrika emdlalweni eli-113 wathatha amawikhethi ali-123. Lezi zibalo zimenza abalwe njengomdlali wesine emhlabeni jikelele.

Eminyakeni eli-16 edlala eqenjini lesizwe uShabnim udlale imiqhudelwano yeNdebe YoMhlaba ye-ODI amahlandla amane kusukela ngonyaka wezi-2009 kuya kunyaka wezi-2022. Akagcinanga lapho udlale izindebe zomhlaba zeT20i amahlandla ayisishiyagalombili kusukela ngowezi-2009 kwazoba eyangowezi-2023 ebiyisingethwe iNingizimu Afrika yahlulwa kowamanqamu.

Kule midlalo yeNdebe YoMhlaba le ntokazi isize iNingizimu Afrika yafinyelela kowandulela owamanqamu kowe-ODI ngonyaka wezi-2017 nangowezi-2022.  Waphinde wenza esifanayo koweT20i ngowezi-2020 kwathi ngowezi-2023 yafinyelela kowamanqamu.

U-Ismail usize iNingizimu Afrika yafinyelela kuma-semi final amabili (2017, 2022) emqhudelwaneni wama-over angama-50, lo mdlali oneminyaka engama-34 ubudala naye wadlala indima ephambili ekuqondiseni isizwe sakubo kusemi-final kanye nokubonakala kokugcina ku-T20I. Indebe Yomhlaba ngo-2020 nango-2023.

Aseke akuzuza

ICricket South Africa (CSA) ngowezi-2015 yamqoka njengo mdlali wonyaka ovelele.

Ngowezi-2021 waqokwa eqenjini lonyaka le-International Cricket Council (ICC) kowe-ODI nakweyele-T2OI

Ukuphawula kwakhe uShabnim: “Ngemuva kweminyaka eli-16 ngimele izwe lami ngokuziqhenya, ngifinyelele esinqumweni esinzima sokushiya ikhilikithi yamazwe ngamazwe ngidlulele esigabeni esilandelayo sempilo yami. Isikhathi manje sokuthi ngichithe isikhathi nomndeni wami kakhulukazi abazali bami ngoba bekhulile.

See Also

Bahlale bengeseka kakhulu futhi ngifuna ukuthi ngikwazi ukubasiza ngendlela abebengisekela ngayo kule minyaka eli-16 edlule. Ukushiya kwami ukudlala eqenjini lesizwe ngidlale kumaligi kuphela kuzongisiza ngidlale ikhilikithi ngiphinde ngichithe isikhathi esiningi nomndeni wami,” usho kanje.

Eqhuba uthe: “Uma ngibheka emuva emsebenzini wami wamazwe ngamazwe, ngibonga kakhulu ngawo wonke amathuba kanye nolwazi engibe nalo. Ngikuthandile ukukwazi ukuqhudelana ezingeni eliphezulu ngiyaziqhenya ngokukwazi ukuba yingxenye yeqembu elimangalisayo labadlali abahole indlela kwabesifazane kwikhilikithi. Izinkumbulo enginazo zizohlala kimi kuze kube naphakade. Ngifuna ukubonga iCSA, ozakwethu, abaqeqeshi kanye nabasebenzi abangesekayo kwezokwelashwa ngakho konke ukungifaka nokwesekwa kwabo kule minyaka eli-16. Kubalandeli bami  ngiyabonga ngokungeseka kwenu,” kusho le ntokazi.

Umqondisi weCSA u-Enoch Nkwe uphawule kanje: “Lesi yisikhathi esibuhlungu kodwa esijabulisayo sekhilikithi yaseNingizimu Afrika kanye nomdlalo womhlaba wonke, njengoba sibungaza futhi sihlonipha umdlali wekhilikithi oyisikhondlakhondla uShabnim Ismail. Ushiya lo mdlalo kumazwe akekho umuntu obhethayo obefisa ukubheka naye.

Uzokhumbuleka kakhulu eqenjini nabo bonke abalandeli bekhilikithi baseNingizimu Afrika njengoba eqhubeka nokukhuthaza isizukulwane esilandelayo sabadlali bekhilikithi ngesikhathi esaqhubeka nomsebenzi wakhe wasekhaya kuzo zonke izingxenye zomhlaba simfisela okuhle kodwa,” kusho uNkwe.

Isikhulu esiphezulu seCSA, uPholetsi Moseki uthe: “Sivalelisa kumdlali wekhilikithi wangempela hhayi nje kuphela wekhilikithi yabesifazane, kodwa kumdlalo jikelele wekhilikithi. Sibonga asiphezi, uyibekile induku ebandla kwikhilikithi washaya amawikhethi alekelele izwe laba sesigabeni esiphezulu kakhulu kulo mdlalo,” kusho uMoseki.

Scroll To Top