Now Reading
Ilukuluku lokunqoba kumele liqale emaqenjini: Zondi
Dark Light

Ilukuluku lokunqoba kumele liqale emaqenjini: Zondi

Useqhamuke neqhinga lokuqeda isihlava sokuhlulwa yiNdebe yoMhlaba kwamaProteas, uLinda Zondi oke waba yinhloko yethimba labaqoki emaqenjini esizwe eNingizimu Afrika naseqenjini lesizwe lika-Under-19 elidle ubhedu eNdebeni yoMhlaba ngowezi-2014.

Sekungumlando ukuthi amaProteas aphinde aphume kowandulela amanqamu eNdebeni yoMhlaba yosuku olulodwa eNdiya. Intatheli yelaboHlanga uZipho Singela ixoxe noZondi kwathi ingxoxo yabo yahamba kanje.

Zipho Singela (ZS): Yikuphi okuhle esingakuthatha kule Ndebe yoMhlaba yize siphinde sahluleka wukubuya nayo?

Linda Zond (LZ): Ngeke ngithi besiqala kodwa into engichazile wukuthi besingathembele kumdlali oyedwa. Iningi labadlali bethu ababhetha kuqala ohlwini lwababhethi bakwazile ukuthola ama-run. UQuinton De Kock uwatholile amakhulu, uRassie Van Der Dussen, Aiden Markram, David Miller noHeinrich Klaasen bonke bakwazile ukuthola ama-run. Sithole inqwaba yamakhulu, iqembu laphinde lakwazi ukubhalisa ebhodini izibalo ezinkulu zama-run.

Ngasohlangothini lwabashwibi siyibonile igenge encane (Marco Jansen noGerald Coetzee) yenza kahle. UKagiso Rabada ukhombisile ukuthi usangumshibi weqophelo eliphezulu. UKeshav Maharaj naye ocishe waphuthwa yiNdebe yoMhlaba ngenxa yokulimala wenze ezibukwayo okuholele ekutheni ahlale endaweni yesibili ohlwini lwabashwibi abahamba phambili kweyosuku olulodwa emhlabeni. Lezi yizona izinto esingazithatha.

ZS: Yini esiyidingayo ukuze siqede leli shobolo.

LZ: Sidinga abadlali abazethembayo, abanakho ngaphakathi ukuthi iNdebe yoMhlaba singayinqoba. Ikusasa liqhakazile. Sinenqwaba yabadlali abancane abanekhono abangena kumaProteas. Lapha ngikhuluma ngabadlali abafana noDewald Brevis. Nginenkolelo yokuthi ngowezi-2027 singayinqoba iNdebe yoMhlaba. Ukunqoba iNdebe yoMhlaba kudinga abadlali abanesibindi, abazethembayo ukuthi noma bangabhekana nezimo ezinzima kangakanani kodwa bazodlula kuzona bayiphakamise iNdebe yoMhlaba.

Uma ngibheka umdlalo esawudlala ne-Australia kwakungenzeka noma yini. Ukube sashaya ama-run angamashumi amathathu kulawa esawashaya, sasinalo ithuba lokudlulela kowamanqamu. Umuzwa nomqondo wokunqoba akumele uqala sekusele unyaka ngaphambi kokuthi kuqale iNdebe yoMhlaba. Umuzwa nelukuluku lokunqoba kumele liqale emaqenjini ngoba yilapho esakha khona abadlali beqembu lesizwe.

ZS: Yebo, kunjalo.

LZ: Uma ubheka uhlelo lomqhudelwano lwemidlalo yosuku olulodwa ayikho imidlalo eyandulela amanqamu. Amaqembu amabili aqede phezulu adlala eyamanqamu. Lokho kukodwa sekuyinkinga. Abadlali kumele bakujwayele ukubhekana nengcindezi yemidlalo yemikhumulajezi. Kumele bakujwayele ukulwela ukudlala eyamanqamu. Ngaleyo ndlela ukudlala lemidlalo yalolu hlobo kugcina kuwusiko kubona.

Ngizokwenza umzekelo nge-Australia. Buka indlela abavimba ngayo kweyamanqamu. Bheka indlela ababhethayo nabashwiba ngayo. Wawubona ukuthi akubathusi ukudlala kweyamanqamu ngoba sebekujwayele. Ukunqoba kubona sekuphenduke isiko. Ingcindezi yemidlalo yamanqamu ayisabathusi. Nathi usiko lokunqoba kumele siluqale emidlalweni yochungechunge. Uma sidlala imidlalo emine asinqobe yonke noma okungenani emithathu. Asakhe usiko lokucanasa uma sibhekene nezitha. Ukunqoba kumele sikwenze usiko. Akumele sinqobe kuphela uma sibhekene nengcindezi. 

See Also

ZS: UTemba Bavuma ugxekwa ngapha nangapha. Ukube ubusayinhloko yethimba labaqoki ubuzomdlalisa kowandulela amanqamu engekho efomini?

LZ: Ngiyabona uhlaselwe kakhulu ezinkundleni zokuxhumana. Ngeke sigxeke uTemba yedwa ngokuhlulwa wukunqoba iNdebe yoMhlaba. Akuwenzi umqondo ukugxeka umuntu oyedwa. Mina engikhathazeke ngakho yisimo sokulungela kwakhe umdlalo. Sibhekene ne-Afghanistan wathinteka kodwa saqhubeka samdlalisa. Sase sizibekisele indawo kowandulela amanqamu futhi noma kungathiwa i-Afghanistan sayihlula. Angazi kungani saqhubeka samdlalisa simbona exhunga.

Umbuzo uthi ngabe wayekulungele ukudlala umdlalo? Abantu abangaphendula nguyena uTemba, umqeqeshi (Rob Walter) nethimba lakhe lodokotela. Ngisayinhloko yethimba labaqoki sasixhumana kahle nethimba lodokotela. Mina ngangingeke ngimdlalise umdlali owu-50/50 noma owu-60/40 emdlalweni omqoka njengalowa. Nokho asinazo izimpendulo zale mibuzo okwamanje.

ZS: Siyabonga mfokaZondi ngesikhathi sakho.

LZ: Wamukelekile mfowethu.

Scroll To Top