UNgubo usakulobizela ukubuyela ekhaya azogijima kuPSL
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Uthi uphatheke kahle eBotswana nakuba umkhulu umehluko
Unesifiso sokubuya azogijima kuDStv Premiership uSiyanda Ngubo okuyimanje uyibamba kuligi yaseBotswana iBotswana Premier League eqenjini iTownship Rollers FC.
UNgubo enengxoxo ekhethekile nelaboHlanga ekhona eBotswana, uthe kubuhlungu ukuthi akaze alithole ithuba lokugijima kuligi enkulu yakuleli wagcina ukudlala kuNational First Division (NFD) esiyiMotsepe Foundation Championship.
“Iphupho lami elikhulu elokuthi ngibuye eNingizimu Afrika ngizozibonakalisa khona, ngidlale kuDStv Premiership. Ngingakujabulela ukubuye ngizodlala kwiRoyal AM okuyiyo eyanginikeza ithuba lokudlala esigabeni esiphezulu okokuqala isayiRoyal Eagles idlala kuNFD kumasizini adlule. Baningi abantu abangazi ngami ngikholwa ukuthi mangabuya ekhaya ngithole ithuba lokudlala bengangibona,” kusho uNgubo.
Lo mgadli oneminyaka yobudala engama-26 nodabuka KwaMakhutha, ujoyine iTownship Rollers FC ekuqaleni konyaka nasayine nalo unyaka nohhafu.
Leli qembu lingamanye amaqembu amakhulu eBotswana, kulogi lihlezi endaweni yesine emva kwemidlalo engama-25 linamaphuzu angama-45. Iqembu elihlezi phezulu iJwaneng Galaxy enamaphuzu angama-59.
Ebuzwa ngomehluko waseBotswana nakuleli kunobhutshuzwayo uthe: “Umehluko mukhulu kakhulu, izinga likhuphuke kuDStv Premiership ngeke ngaqamba amanga. Lapha kuleligi engidlala kuyona iyodwa indlela yokudlala ukushawa kwebhola. Ngaphandle kwenkundla ukhona nakhona, mancane amaqembu ahlelekile ngibala nalena engidlala kuyona. Amanye kuba nzima ukuthi afike kwezinye izinkundla, kuphinde kuzoba nezinkundla azikho ezingeni,” usho kanje uNgubo.
Uphinde wabalula ukuthi ngisho izinkulisa aziliboni elidlalayo makuqhathaniswa nezaseNingizimu Afrika, ngoba ngisho amaqembu adlala esigabeni sesibili okuyiMotsepe Foundation Championship kuleli adlala obhuqwini. Kodwa athe kumhasha inhliziyo ukuthi ibhola into ephilwayo kulelwaze, iwona mdlalo olandelwa kakhulu.
Ngaphambi kokuthi ajoyine iTownship Rollers FC lo mgadli ugijime kwinkulisa ye-Orlando Pirates, iRoyal Eagles, iRichards Bay FC ne-Al Sinaat Al Kahrabaiya SC okuyiqembu lase-Iraq.
Lo mgadli eqenjini ugijima noMogakolodi Ngele owazakhela udumo kuPlatinium Stars, iMamelodi Sundowns neBidvest Wits. “UNgele kukeli qembu ungamfanisa noLionel Messi, amathemba onke alele kuyena. Okuhle ngaye akaziphakamisi akakukhombisi ukuthi uke wadlala kuligi enkulu lapha e-Afrika wanqoba izicoco. Ngifika lapha ngilitholile ithuba lokuthi ngihlale naye wangifundisa okuningi ngempilo yalapha. Uyangikhulisa ngempilo yokuthi kumele ngiziphathe kanjani, noma ngingasadlali lapha. Kuyimanje yena unamabhizinisi, amakhulu,” kubeka uNgubo.
Esonga uthe: “Indawo yalapha ithule kakhulu, ungayifanisa namakhaya. Ubugebengu into engekho, umthetho uyahlonishwa. Igabe ngokuthi kuyashisa, kodwa into esengiyamukele ngoba kulesikhathi ngifikile ilanga ngiphila ngalo,” usho kanje.

