Now Reading
Izoba bomvu yimali iPSL kulokhu ngomdlalo womkhaya baseSoweto
Dark Light

Izoba bomvu yimali iPSL kulokhu ngomdlalo womkhaya baseSoweto

Lona ngumdlalo othanyelwa yizinkulungwane namathikithi awo adayiswa aphele


Izokwenza izigidi ezilinganiselwa kwezingamashumi amabili nanhlanu iPremier Soccer League (PSL) ngomdlalo wabakhaya baseSoweto ophakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kusasa ngehora lesithathu eFNB Stadium, eSoweto, eGoli.

Intatheli yelaboHlanga, uZipho Singela isibhekela amaphuzu amqoka athinta inzuzo ezokwenziwa yiligi ngalo mdlalo.

Izindleko zokusingatha umdlalo:

IPSL iyona ethwala  izindleko zokusingatha imidlalo yemikhumulajezi. Lapha sibala izindleko zokulala ehhotela, ezokufinyelela enkundleni, ukudla kwabadlali ehhotela, ezokuphepha enkundleni, ezobumnandi, ezokudayiswa kwamathikithi namajezi azosetshinziswa amaqembu zizothathwa yiPSL.

Emidlalweni yeligi amaqembu asebenzisa imali yesibonelelo eyizigidi ezimbili nohhafu wesigidi ukusingatha izindleko zomdlalo noma zokufinyelela lapho kudlalwa khona uma iqembu lidlala ekuhambeni. Iligi iyona ezophinde ikhokhele imali yokusebenzisa inkundla engaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu.

IPSL izokonga:

Womabili la maqembu azinze eGoli. Iligi izokonga izindodla ebizozisebenzisa igibelisa la maqembu ukube abedlala kwamanye amadolobha.

Inzuzo ethinta amathikithi:

Amathikithi alo mdlalo abiza ikhulu ikhanda lomuntu. Uma edayiswa wonke amathikithi angu-86 000 okuyisibalo esizodayiswa yiFNB, iligi izokwenza izigidi eziyisishiyagalolombili nezinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha (R8,6 million) ngamathikithi nje ewodwa.

Amathikithi ezicukuthwane:

IFNB ishaya ngenqwaba yendawo yezicukuthwane. La mathikithi aqala ku-R1 200 ukubiza ikhanda lomuntu. Kubhekwe ukuthi kudayiswe ayizinkulungwane eziyisithupha.

See Also

Lokhu kuzosho ukuthi awezicukuthwane azokwenza imali ebheke ezigidini eziyisishiyagalombili ngoba aze afike ku-R2 200. Sekuhlanganiswe awezicukuthwane nakawonke wonke iligi kubhekwe ukuthi yenze izigidi eziyishumi nesikhombisa (R17 million).

Iziphuzo:

Idambi likabhiya obandayo eFNB liqala  ku-R25. Uma uhhafu wabalandeli uzothenga ubhiya owodwa inkundla uzohlomula (ngo-R 1 075 000). Nakanjani umlandeli ngeke athenge owodwa. Mhlawumbe umuntu ngayedwa uzothenga iziphuzo eziyisithupha okuthatha imali izokwenza yinkundl kuyibeke ku (R6 450 000).

Ikani likaneminathi libiza u-R20 ngokujwayelekile eFNB. Uma omunye uhhafu wabalandeli uzothenga unemenathi inkundla izohlomula (ngo-R860 000).

Ngaphandle kwalabo abazobukela umdlalo bukhoma enkundleni iFNB, nasezindaweni ezihlukahlukene ezweni kusuke kuthe shayi, abalandeli ezindaweni zobumnandi bebukela lo mdlalo.

Scroll To Top