Now Reading
Isiqephu Sesithupha: Amandla emvelo nokudaleka kwabebala elimhlophe
Dark Light

Isiqephu Sesithupha: Amandla emvelo nokudaleka kwabebala elimhlophe

AboHlanga lwebala elimpofu kabasiwo umkhiqizo wemvelo, kanti futhi kabadabuki ndawo lapha emhlabeni. Kabadabuki e-Europe, ngoba yithi esabathumela lapho.

Kabadabuki e-Asia, kabadabuki eCentral neSouth America. Akukho ndawo ehlabathini lapho izinhlanga zebala elimpofu ezingathi zingabokuvela ngokwemvelo lapho.

Ngakho ke, zivelaphi izinhlanga zebala elimpofu na? “Masenze abantu.” Sizobenza kanjani na? “…ngomfanekiso wethu, basifuze.” Nguwe umuntu woqobo. Isithunywa uElijah sithi, ungabozibiza ngalokhu okuthiwa i’mankind.’ Uma izinhlanga zikhuluma nge’mankind’ zisuke zikhuluma ngabantu babo, “man-kind,” uluhlobo lomuntu. Akasiye umuntu woqobo, kodwa uyisithommbe nomfanekiso womuntu woqobo. Umuntu woqobo umuntu woHlanga noma umuntu omnyama.

 Nguwe lowo muntu woHlanga. Ungumfazi woqobo nendoda yoqobo, umama nobaba wazona zonke izizwe. Nguwe ukhokho wayo yonke impilo elapha emhlabeni. Noma ngabe uyaphika noma ngabe uyavuma.

Uma ngabe kuyithi okhokho bempilo yonke, pho kuza kanjani ukuthi sibe kulesi simo esikuso namuhla? Ibhayibheli lithi uMveliqali wadala ubusuku nemini, kanti (futhi) wenza ukuthi okunye kubaleke uma kufika okunye.

Kazikho izinto ezimbili ezihlala endaweni ngasikhathi sinye. Uma kufika ubusuku, imini iyahamba. Uma kufika imini, ubusuku buyahamba.

Nangokunjalo ke, uma kumele kubuse izinhlanga zebala elimpofu, ngaleso sikhathi umuntu woHlanga kumele alale ukuze izinhlanga zebala elimpofu zikwazi ukubusa.

Kodwa uma kufika isikhathi sokuphela kombuso wezinhlanga zebala elimpofu, uba nokuvuka (kwabafileyo) kwabantu boHlanga umhlaba wonke. Bayazimela, kanti amandla okubusa kwezinhlanga ezimpofu ayaphulwa ngohlelo namandla kaMveliqali.

Ukuvuka kwabafileyo, yiPhasika elisha leli. Sithola ukuqonda okusha.

Izimfundiso Eziyisikhombisa zaJesu Indodana kaMariya

1. Uthando loqobo ubunye bomqondo nenhliziyo.

2. Ukuze uye ePhakadeni, lapho kuhlala khona abantu Abadala, kumele uye ngokudlula kusizo lwendodana (aMakhosi) kanye nomoya oyingcwele (aBahluleli). Kayikho enye indlela.

See Also

3. Umuntu wesifazane woHlanga unguMveliqali njengomuntu wesilisa.

4. Amandla okwenza izimangaliso ngokuxhumana naMakhosi, wona aphethe amandla emvelo.

5. Ukubuyisa imithetho yeSintu.

6. Isiqalo, ubunjalo, kanye nesizathu sokudalwa kwezinhlanga zebala elimpofu.

7. Ukwenyuka.


Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079  842 4572.

Scroll To Top