Now Reading
“Somandla sibonga isipho sempilo esiwunyaka wezi-2022!”
Dark Light

“Somandla sibonga isipho sempilo esiwunyaka wezi-2022!”

Besinqume ukubhala kabanzi ngamandla nobumqoka bokuthatha izinqumo ezintsha bese uziqopha phansi kabanzi ngokugqamileyo njengoba kuqala unyaka omusha. Sibone ukuba lesi sihloko sisigudlulele evikini elizayo sisibhulele umbethe ngentuba yokubonga kuSomandla ngokusibusisa ngethuba lokungena onyakeni omusha.

Kufanele silibonge siphinde silibongisise leli thuba ngoba aliwona umdlalo nomqhubasuku! Ngolunye usuku siyokuphendula ngalo nganeno kweliba nangale kwalo lapho sesifakwa imibuzo, sibuzwa ngezipho esagidlabezwa ngazo thina sazifela ngamathe okwengane eyisibozi nesiphoxi!

Ukubonga kwethu akulinganiseki futhi akuphelele. Uma sigebisa amakhanda sizotha, sicimeza, sibona uhide lwenhlabalujenga lwezinkumbi neziwici zabantu abasale osebeni lomfula wogwaqo. Kulele izinsizwa nezintombi! Kukhothame aMakhosi oselwa kwaguqa neZindlovukazi zohlanga. Kuwe izinsika zezwe nosondonzima eminxeni eyehlukene yempilo. Laba bantu bayinothisile impilo yethu balidlondlobalisa nezinga lethu lokwenza izinto. Babeyisihlonti esisikhanyisela kude le!

Kufanele ukuba sibonge sithokoze kuMdali ngokungena nokulunguza emfantwini wonyaka omusha. Ukungena kwethu sonke kuwo kusho lukhulu. Sibalwa nabaphilayo, sibalwa nabaphile kulo nyaka wezi-2022. Siyingxenye yalo nyaka. Kambe umusa ongaka singawulinganisa nayiphi intengo nohlobo lwempahla. Wedlula igolide nayo yonke inhlobo yomnotho nengcebo engaphansi komthunzi welanga nesemathunjini omhlaba!

Bekufanele ukwenza kwethu nenkuthalo esingaba nayo imumathe izenzo ezigqize ngokubonga ngokuba yizishabasheki ezikhwishizelela konke okuhle esifisa ukuba sikuqhakambise noma kuhlume ensimini yempilo. Asisafanele ukuhlehlela emuva silokhu sishaya uzamthilili noma sibamba siyeka.

Kufanele siqonde ngqo kulokho esifisa ukuba sikwenze futhi siphinde siphumelele kulo nyaka. Sibusiswe ngelinye ithuba elingasifanele labo abekade bengabanikazi balo ngezinhliziyo ezinhle, ngezinhlelo ezakhayo kanye namasu okuthuthukisa isintu, kabalitholanga kepha libaphunyukile ngezindle eziningi.

Abanye inkebenkebe yomlomo ogwinya konke okuyisintu ubagwinye wabamimilita sekusele amaviki nezinsuku, sekusele amahora nemizuzu ngaphambi kokuba bagxumele ohlangothini lonyaka omusha. Kungani sikuphebeza ukuthi sinenhlanhla eyisimanga nethuba eliyisibusisio nengqayizivele esiyizi-2022? Kuhle yini ukuba sithule sithalalise konke esikwenzayo, esinakho nesiyikho sengathi konke kusukela emakhanda ethu? Ukhona obengethande ukubona inhlamvu yelanga iphakama axhawulwe yimisebe yalo lapho kuzalwa usuku lokuqala ngqa onyakeni wezi-2022? Sithini ngamagogogo nezigubhu, imiqangala nokhehlegume nezihlonono zonyaka omusha ezidudulele olwandle owezi-2021 zimntshinga? Ubani obengefise ukululama avuke azithathe agqolozele ezinhlamvini zamehlo izinselelo zonyaka omusha? Ubani obengenawo amaphupho ngonyaka omusha okwengane ilindele ukuxebula iphepha elivunulise isipho sayo?

Ukubonga kwethu kusukela kukho konke okubi nokubuhlungu esedlule kukho. Ukujabula kwethu ngokungena onyakeni omusha kuletha umuzwa womunyu njengoba siphaphatha, samukela ngazo zombili inhlanhla esigidlabezwe ngayo ukuba siqhubeke nempilo.
Kusilethela izinhloni ngokubusiswa ngelinye ivenge lethuba ukuba sikhwezele izikhuni zenkuthalo eziko lempilo. Kasihambe ngokucophelela siqondisise ukuthi silapho esingafanele ukuba khona. Sitshelekiwe, siselwe lonyaka, uyisivivinyo esikhulu esizohlale sihlolwa, silandelelwa ngaso kuwo wonke amathuba esizobusiswa ngawo.

Lo nyaka uyisibusiso esinhlobonhlobo okwezimbali ezimibalabala ziqhakaza ehlobo! Uyithuba lokuqala phansi lokho ebesizama ukukwenza nokuba nakho ngonyaka ofile. Uyisisekelo esingasukela kuso ngohlobo lodonga lwendlu esifisa ukuyakha. Uwugodo esigawulelwe lona manje sekuyithuba lethu ukuba silubaze, silugwede, siluxhoze lonke ukuze lusinike uhlobo lwezinkezo nezingqoko esizifunayo.

See Also

Lufana nesikhumba esishukelwe sona sathamba sase sinikwa sona ukuba siqophe uhlobo lwebheshu nehawu esilufunayo. Lonyaka ufana namanzi ubuningi bawo obungangempophoma esinikwa wona ukuba sichelele isivande sethu semiplo ukuze amaphupho ethu angagqwali yikushazwa yilanga. Lonyaka yihubo logqozi ekufanele siliqambe ukuze izizukulwane eziyolandela kuqubuke amadlingozi uma zicabanga ngesibindi sethu nokwenza izinto ezazingacabangeki!

Okwethu ukubonga unyaka wezi-2022 akudondolozele ngezenzo, amazwi ewodwa awanasisindo esinohlonze. Okwethu ukudlinza ngonyaka omusha ukugijima ngesivinini sokhinka sengathi akukho okungale kwalonyaka othwasayo.

Sibonga ithuba lokunikwa ihora ukuba siphile ngenkathi sisaphila ngonyaka wezi-2022. Sengathi konke esikwenzayo, konke esikucabangayo, konke esizikhandlela khona kungaba yisu lokubonga ophethe itayitela lempilo yethu.

Sengathi intshisekelo yethu ingaba yisibuko sokukhombisa ukuthi siyawazisa futhi siyawuthokozela lonyaka. “Siyabonga Somandla ngesipho sempilo yonyaka wezi-2022.”

Scroll To Top