Now Reading
Awuvuthe umlilo wokweseka abesifazane kwezemidlalo
Dark Light

Awuvuthe umlilo wokweseka abesifazane kwezemidlalo

Kusukela ngoLwesine odlule kwaze kwaba uMsombuluko bekuphithizela kakhulu kwazise bekuyimpelasonto ende, okunye bekuphela nenyanga.

Ilabo nalabo abantu bebehambele izindawo ngokuhlukana kwazo. Mina ngiqoke ukuthi ngihambele i-UKZN Campus, eHoward College lapho kade kunomqhudelwano kanobhutshuzwayo wabesifazane obuhlelwe inhlangano ephethe unobhutshuzwayo iSouth Africa Football Association (Safa) esifundazweni iKwaZulu-Natal obizwa ngeSafa KZN Provincial Women’s Cup.

Lo mqhudelwano uqale mhla zingama-27 kuya mhla lulunye kwephezulu. Kuwona bekudlala amaqembu ali-18 angaphansi kweSasol League.

Njengoba kuhlezi kukhulunywa nsuku zaphuma ukuthi kumele nabesifazane basekwe ngendlela efanayo nabesilisa lapha kweszemidlalo, lokhu okwenziwe iSafa esifundazweni iKwaZulu-Natal kudinga ukuba kushayelwe elikhulu ihlombe impela.

Kulo mqhudelwano ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi impela ikhono kubadlali abaningi yinto ekade igqamile.

Ngalo mqhudelwano mina ngibe nombono, lo mbono uthi njengoba sinamaqembu amahlanu esinawo kuDStv Premiership okwaMazulu FC, iMaritzburg United, iRichards Bay FC neLamontville Golden Arrows ngibona la maqembu engazuza ekutheni nawo akhande amaqembu awo abesifazane. Engafuni ukuthi aze athenge iDurban Ladies edlala kuHollywoodbets Super League, cha awasebenzisa naba abadlali abadlala esigabeni esiphansi.

Nayo iRoyal AM yize inalo iqembu eligijima kuHollywoodbets Super League kodwa nayo ayithi uma ifuna abadlali ibabheke kulamaqembu adlala kuSasol League, ingalokhu iya eGoli.

Akhona amaqembu anjengeSunflower WFC, esikhiqize inqwaba yabadlali asebedlale eqenjini lesizwe abanye babo badlala emaqenjini ahlonishwayo kweHollywoodbets Super League. Kuyimanje umdlali wayo u-Asanda Hadebe ukhona eqenjini leBanyana Banyana. Elinye iqembu iLindelani Ladies okuthe ngesizini edlule kwaba yiyo eyomela isifundazwe iKwaZulu-Natal kweyokuhlungela ukungena kweHollywoodbets Super League kodwa yehluleka.

See Also

Okungihlabe umxhwele ukuthi ebengagijimeli amahhala kodwa nawo abenqoba imali, njengoba kuhlale kwenzeka kwabesilisa. Amaqembu amane ahlomule wonke, elinqobile lithole izinkulungwane ezingama-R30, olandelayo ezingama-R20, olele isithathu ezili-R10 kwathi oqede kweyesine wagoquka nezinhlanu.

Okuhle ukuthi kukhona konke abesifazane bayaphumelela muva nje, nyakenye iBanyana Banyana yanqoba indebe ye-Women’s African Cup of Nations (Wafcon), iqembu lekhilikithi lahlulwa kowamanqamu eNdebe YoMhlaba.

Elokugcina lami lithi: Akuqhutshekwe kusekwe abesifazane kwezemidlalo!

Scroll To Top