Ukwanda kwezigameko zodlame lwasekhaya kulethe izinguquko kuMthetho


Umama oseshade iminyaka engaphezu kwama-20, nomkhwenyana wakhe, futhi eshada umshado ohlanganisa amafa uzithole esenkingeni eminyakeni emibili edlule lapho ethola ukuthi umkhwenyana wakhe usothandweni nomunye wesifazane futhi uzimisele ngaye. Usezame ngayoyonke indlela ukuwusindisa umshado wakhe, kodwa imizamo yakhe ibe nhlanga zimukha nomoya.
Akagcinanga ngokuthi amazise emndenini wakhe lowesfazane, kepha umkhwenyana wakhe usemlobolile, wamkhehla futhi kuyimanje balungiselela umshado wabo benemindeni yonke ngaphandle kokuxoxisana nomkake. Kuningi lo nkosikazi asedlule kukho kodwa ngeke alikohlwa ilanga lapho efika ekhaya lakhe, ethola lo wesifazane ekhishini lakhe epheka.
Lo wesifazane uthi uma ephendula, uphekela indoda yakhe nezivakashi ekuthiwa zizofika ntambama. Kwasukha umsindo omkhulu, lapho umkhwenyana wakhe wathi akahambe ayohlala ekameleni lakhe noma ahambe ashaywe umoya abuye uma esepholile ngoba akawufuni umsindo emzini wakhe, lona ophekayo angenzi ngathi akamazi futhi ubizwe nguye ukuthi alungisele yena nezivakashi zakhe ezizofikha.
Ibizwa ngani into enjena? Khumbula phela kwingosi yethu edlule sithe awukwazi ukushada omunye umuntu uma ushade umshado ohlanganisa amafa. Asikuyeke lokho kepha sibuke ukuthi ingabe loku kuhlukumezeka kungena ngaphansi komuphi umthetho futhi ngabe kukhona yini ukuvikeleka lonkosikazi angakuthola na? uMthetho Wodlame Lwasekhaya, owaziwa ngokuti (iDomestic Violence Act 116/1998) kanye noMthetho Wokuvikelwa ekuhlukunyezweni wona obizwa nge (Harassment Act 17/2011) mhlawumphe ingasinikha izimphendulo esizidingayo. Lemithetho yashaywa ukuze ivikele abantu abasengozini lodlame.
Ngaphezu kwalokho, lemithetho ihlose ukuqinisekisa ukuthi amalungelo afakwe kumthethosisekelo, njengelungelo lokulingana, ubumfihlo, isithunzi, inkululeko nokuvikeleka komuntu awaphulwa ngokungenangqondo nangokungenasizathu. Kulena ingosi ninaBohlanga asixoxe ngoMthetho Wodlame Lwasekhaya, owaziwa ngokuti (iDomestic Violence Act 116/1998) nezi nguqukho ezintsha zawo. Kwelandaleyo igosi sixoxe ngoMthetho wokuvikelwa ekuhlukunyezweni wona obizwa nge (Harassment Act 17/2011) nanokuthi ihlukha kanjani lemithetho.
Isicelo sokuthi umuntu athole ukuvikeleka, silethwa ngumkhalazi ngaphandle kwesaziso kulowo asukhe edinga ukuvikhelwa kuye. Udlame lwasekhaya ngokusemthethweni luchazwa ngokuthi, uhlukunyezwa okuhlanganisa ukuhlukunyezwa ngokomzimba, ngokocansi, ngokomzwelo, ngokwengqondo noma kwezomnotho, ukucekela pantsi ngokonakhalisa impahla kamangali, ukunika umuntu ukunakwa okungafuneki ngokuzigqaja, ukungena emzini noma endlini yomuntu ngaphandle kwemvume yakhe, ukuziphatha okungadala umonakalo empilweni yomuntu, ukuphepha, noma inhlalakahle yakhe kanye nanoma yikuphi okunye ukuziphatha okuhlukumezayo noma okulawulayo.
Imantshi izobe isibuka isicelo esifakiwe, uma yanelisekile ukuthi kunobufakazi obanele, ikhiphe umyalelo wokuvikela wesikhashana, nosuku lapho umhlukumezi ebizwa khona ukuba aphendule isicelo leso esifakwe umkhalazi nokuthi kungani umyalelo wesikhashana kungafanele wenziwe umyalelo wokugcina wenkantolo ukuze umkhalazi athole ukuvikeleke. Umyalelo wokuvikela udlame lwasekhaya uvimbela noma uqanda umhlukumezi ukuba:
- angenzi isenzo sodlame lwasekhaya;
- nanokuthi akavumelekile ukucela usizo lomunye umuntu ukwenza noma yisiphi isenzo esinjalo, ukungena endaweni yokuhlala eyabiwe ngumkhalazi, ukungena engxenyeni ecacisiwe nje ngendawo yokuhlala yakhe, ukungena emzini womkhalazi, ukungena endaweni yokusebenza komkhalazi, ukuvimbela umkhalazi ukuba angene noma ahlale endaweni yakhe yokuhlala, ukwenza noma yisiphi esinye isenzo njengoba kuchaziwe odabeni lokuvikela.
Umyalelo wokuvikelwa uchazwa njengomyalelo wenkantolo odinga ukuthi umhlukumezi agweme ukwenza izenzo ezithile. Kudingeka siqonde ukuthi udlame lwasekhaya akulona udlame kuphela phakathi kwabantu abasebudlelwaneni bothando kodwa ukuthi udlame olubhekiswe kunoma ubani onobudlelwano basekhaya nomhlukumezi. Lokhu kusho ukuthi ukuhlukunyezwa kudingeka kube phakathi kwabantu abahlala ndawonye, njengomfowabo nodadewabo, noma umama nobaba, noma umama nomtwana, kanjalo kanjalo.
Ngenxa yobuningi bodlame olusabalele olubhekiswe ebulilini kanjalo nomonakalo owenziwe ezinganeni ngaphakathi emakhayeni ethu, kuye kwadingeka ukuthi uMthetho wodlame lwasekhaya ube nezinguquko ezinkulu futhi ezamukelekile zokusiza ukusabalala kodlame lwasekhaya. Izinguquko zikhuphula izinga lokuqapha elibekwe abenzi bobubi futhi zivumela izicelo zemiyalelo yokuvikela ukuthi zilethwe ngabanye abantu egameni labahlukunyezwayo. ngakho-ke umuntu oletha isicelo akudingeki abe ngumuntu oqondiswe kudlame, isibonelo wukuthi manje umakhelwane angaletha isicelo kumyeni ohlukumeza umkakhe. Ezinye izinguquko zihlanganisa ukuhlelwa komlamuli ukusiza abantu abadinga umlamuli ngesikhathi sokulalelwa kwanoma yisiphi isicelo. Enye inguquko ukuthi izisulu zodlame lwasekhaya zingafaka isicelo somyalelo wokuvikela ngemuva kwamahora ezinkantolo zethu.
Amacala odlame lwasekhaya awabikwa esiteshini samaphoyisa kodwa abahlukumezekile kumele bahambe bekhononda ngqo enkantolo. Manje sekuyinto eyaziwa futhi ekhathazayo ukuthi uma izisulu zokuhlukunyezwa zihamba esiteshini samaphoyisa, zibuyiselwa emuva ngaphandle kokucacisa ukuthi yinkantolo ebhekene nabakhalazayo ngodlame lwasekhaya hayi amapoyisa. Izisulu zodlame lwasekhaya kumele ziye enkantolo njengoba nomabhalane enkantolo ebekelwe ukusiza.
Lombhalo awusona iseluleko ngezomithetho kodwa izi zolwazi olungwayekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.