Now Reading
Imibandela yokunikezwa ibheyili koboshiwe nokusebenza kwayo
Dark Light

Imibandela yokunikezwa ibheyili koboshiwe nokusebenza kwayo

Akubona bonke abantu abasolwa ngobugebengu ababoshwayo. Kuyenzeka uthole incwadi ekubizela enkantolo noma bakwexwayise ukuthi uvele enkantolo konke kuncike ecaleni  umsolwa asuke ebhekene nalo. Inhloso yokuboshwa komsolwa ukuthi ayovela enkantolo, bese kuqhubeka nophenyo esikhathini esiningi. Kusemqoka ukuthi nina boHlanga sikuqonde ukuthi umuntu akufanele aboshwe njengendlela yokumesabisa noma yokumjezisa. Njengoba sike sizwe abantu uma beyovula icala (ikakhulukazi kumacala odlame lwasekhaye) bethi “ ngifuna nimsabise, noma nimbophe nje kancane khona ezofunda. Lokhu kuphambene nomthetho futhi akufanele kwenziwe.

Ukuboshwa akwenziwa ngamaphoyisa kuphela kodwa namaphoyisa omgwaqo, amaphoyisa ophiko lwezokongiwa kwemvelo, kanti futhi nabezenhlalakahle yezilwane. Abantu abazimele bayakwazi ukubopha ngokusemthethweni umsolwa, kodwa ngaphambi kokwenza lokho kufanele baqinisekise ukuthi benza ngokusemthethweni.

Ungalokothi umelane nokuboshwa noma uzame ukubaleka. Uma wenza kanjalo, amaphoyisa avunyelwe ukusebenzisa amandla okungase kube ukudubula, bese umsolwa uyalimala kokunye bambulale. Kwesinye isikhathi ungaphinde ubekwe icala lokwenqaba ukuboshwa noma, phezu kwecala abezoboshelwa lona. Ilona phuzu  elisemqoka futhi leli uma usufakha isicelo kwebheyili .

Ukunikwezwa somsolwa ibheyili wudaba olubucayi. Kwamukelekile futhi kusemthethweni ukuthi umuntu kufanele anikezwe ibheyili ngaphandle uma ukunikezwa kwakhe inheyili kuphabene nobulungisa ngokusebenza komthetho.

Ibheyili yimali ekhokhwa umsolwa enkantolo, okuhloswe ngayo ukuqinisekisa ukuthi ummangalelwa uzolihambela icala futhi angephuli imibandela yebheyili ayibekelwe yinkantolo. Uma ummangalelwa ebaleka, noma eqa imibandela, imali iphucwa bese idliwa umbuso. Amaphoyisa anamahora angama-48 ukuthi umuntu oboshiwe avele phambi kwenkantolo, kwesinye isikhathi njengoba sikuvezile kuyenzekha bamexwayise ukuthi avele enkanto noma amdedele nawo ngebheyili. kunezinhlobo ezahlukene zamabheyili, ekuyilezi ezilandelayo.

Ibheyili Yamaphoyisa. Lolu hlobo lwebheyili lwenziwa esiteshini samapoyisa.lebheyili iinganikezwa yinoma yimaphi amaphoyisa anerenki ethile esipoyiseni futhi ngokuvamile lusebenza maqondana namacala amancane. Ibheyili Yamaphoyisa ayisebenzi esimweni esibucayi. samacala.

Ibheyili yomshushisi. Lolu hlobo lwebheyili lwenziwa esiteshini samapoyisa nalo. lapho ngumuntu engafaka isicelo ngaphambi kokuba avele okokuqala enkantolo. Abashushisi boMphakathi, bangakhulula abantu ababoshiwe ngebheyili ngemuva kokubonisana nomphenyi walelo cala. Ibheyili yomshushisi isetshenziswa kakhulu emacaleni abucayi kodwa hayi kakhulu njengodlame emphakathini.

Isicelo sebheyili enkantolo. Lolu hlobo lwebheyili lusebenza lapho kuyiMantshi kuphela okufanele yaneliseke ukuthi umuntu owenza isicelo sokudedelwa ngebheyili uyaphasisa izidingo ezingokomthetho zebheyili. Isicelo sebheyili enkantolo senziwa ngezindlela ezi-3. Iicala ezikhathini eziningi elinquma indlela isicelo sebheyili esizokwenziwa ngayo. Lezizindlela enkantolo zibizwa ngama (Schedule) ukusho uhlelo, ekungu Shedule 1, 5 kanye no 6

See Also

Lezi zinhlobo zezicelo zebheyili ziyehluka ngokuthi, uma isicelo sihambisana nohlelo-1, umuntu oboshiwe akumele abe namacala akhe amlahla ngeskhathi esadlule noma kukhona amanye asawahamba. Umphenyi wecala kumele abe useqinisekisile izimo zokuphila zomuntu oboshiwe, ngenkothi uhlala kuphi nokunye okuningi. Uma izimo zomuntu oboshiwe zingakaqinisekiswa umphenyi isicelo sebheyili singahlehliswa izinsuku eziyi-7, enkantolo. Uma isicelo sihambisana nohlelo-5, lolu hlobo lwesicelo sebheyili yilapho intshisekelo yezobulungiswa ingakuvumeli ukuthi umuntu akhululwe ngebheyili. Ezikhathini eziningi kulapho umuntu agwetshwa khona ngaphambilini noma kunamanye amacala asamlindile

Uma isicelo sihambisana nohlelo-6, lolu hlobo lwesicelo sebheyili yilapho intshisekelo yezobulungiswa ingakuvumeli ukuthi umuntu akhululwe ngebheyili futhi kufanele anelise inkantolo ukuthi uphila ngaphantsi kwezimo ezingavamile ngengokhugula okuthile noma ukukhubazeka, yikho ukuthi agciniwa ngaphathi ngekhe kumlungela. Kulolu uhlelo kusukhe kubhekhe amacala abucayi ngemphela, nge ukudlwengula ingane encane noma umuntu okhubazekile, ukuphanga esebenzisa izibhamu.

Okubaluleke kakhulu ukuthi sikuqaphele ukuthi ukudedelwa ngebheyili akusho ukuthi lowo muntu ukhululekile noma ukuthi icala liphelile kodwa kusho ukuthi umuntu uphumelele isivivinyo somthetho sebheyili futhi ufanele ukuthi adedelwe ngebheyili.


Lombhalo  awusona  iselulekho ngezomithetho kodwa izi zolwazi olungwayekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.

Scroll To Top