Now Reading
Ukhwantalala seludale izibazi emiphakathini ehlukene
Dark Light

Ukhwantalala seludale izibazi emiphakathini ehlukene

Umbiko uveza ukuthi abantu abasha bazama kaningana ukuzibulala nsukuzonke ngenxa yengcindezi ngokomqondo  okudalwa yizinkinga ezahlukahlukene ababhekana nazo


Ekuqaleni nje ngiyafisa kakhulu ukuzwelana nomndeni wakwaMavhunga eVenda ngomshophi obavelele ngesikhathi indodakazi yawo uLufuno obengumfundi eMbilwi Secondary School enquma ukuzibulala ngenxa yeziqhwaga ebezimbhozomela, zimjivaza futhi zimshaya. Ibuhlungu kakhulu indaba yokuzibulala ikakhulukazi kubazali ngoba kusukela umzali ezithwele bese ehamba imitholampilo ngenhloso yokuthi ingane yakhe izokhula ibe ngumuntu ezweni. Akekho umzali ofisa ukungcwaba umntwana wakhe.

Njengoba uLufuno ezibulele esengumfundi eSecondary School, akugcini lapho nasezikhungweni zemfundo ephakeme ikhona le nkinga yikho phela ukuthi ifana nempi elwa buthule. Kuyacaca ukuthi cishe kuyoyonke iminxa yempilo nasemazingeni emfundo ephakeme le nzukazikeyi idla lubi. Ngaqala ukuvuleka amehlo mhla isifundiswa esasingaconsi phansi uSolwazi uBongani Mayosi owabe engumphathi wegunundu lezempilo eNyuvesi yaseKapa egcina ngokuzibulala ngenxa yezizathu ezazihlobene nomsebenzi. Uma ungahambela izikhungo zemfundo ephakeme ungathola ukuthi baningi abafundi abadlula emhlabeni ngakho ukuzibulala. UNks uKhensani Maseko owabe eneminyaka yobudala engama-23 futhi engumfundi eNyuvesi yaseRhodes wazibulala ngonyaka wezi-2018 ngenxa yengcindezi eyayihlobene nezinsolo zokudlwengulwa ayezibhekise esokeni lakhe. Nokho uNks uMaseko wayeseke wazama ukufuna usizo ezinhlanganweni ezisiza ngokweluleka ngokomqondo kulabo abasuke behlukunyeziwe ngezindlela ezahlukahlukene kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya.

Emkhakheni wezikaqedisizungu nakhona le ngwadla igadla kancane kancane njengokuhamba konwabu. Owabe engumculi wekwaito uMakhendlas wazibulala ngenganono eminyakeni eminingana eyedlule eqeda nje ukukhipha ingoma yakhe eyashisa izikhotha eyayithi “Emenwe”. Isizathu sokuzibulala kwakhe kwabikwa ukuthi wazidubula emva kokudubula ebhekise kulabo ayebe nengxabano nabo kodwa basinda kanti yena akabanga nayo inhlanhla yokusinda ngoba wazidubula maqede umphefumulo wakhe wehlukana nenyama. Umculi weHip/Hop uJabulani Tsambo nowayedume kakhulu ngelikaHHP kuthiwa wazibulala ngowezi-2018 ngenxa yengcindezi ayesenayo isikhathi eside nakuba-ke kuze kube manje amafa akhe esabangwa ezinkantolo amalungu omndeni wakhe kanye nengoduso yakhe uLerato Sengadi. UHHP wadlula emhlabeni esanda kukhipha izingoma eziphakathi kweziyisithupha kuya kweziyishiyagalombili (EP) esebenzisana ne-Universal Music. UThapelo Lehuleri owayedume ngelikaLara Kruger nowayesebenzela iMotsweding FM naye wazibulala ngayo njalo ingcindezi nalapho asola khona idimoni elamholela emgodini omnyama. UMnu uCeagan Arendse owabe engumlingisi emidlalweni ethinta ulimi lwesiBhunu wazibulala nokumanje umndeni usazikhotha amanxeba ngokudlula kwakhe isihheshe emhlabeni. UShoki Mokgapa naye wazibulala ngenxa yayo njalo ingcindezi. UMokgapa wayedlala emidlalweni kamabonakude efana no-Ashes to Ashes kanye ne-Intersexions. UNks uNichume Siwudla yena wayengakhombisi ukuba nezimpawu zengcindezi kodwa wazibulala ngowezi-2019 eneminyaka obudala engama-27. UNks uNichume wayesesebenze kakhulu noDJ Mobi Dixon ezingomeni ezifana noBhutiza.   

Ukuzibulala akusiyo nje inkinga ebhekene nabantu abasha kuphela kodwa nabantu abadala iyabaphatha ingcindezi egcina ngokuthi umuntu athathe umphefumulo wakhe. Kubantu abadala ingcindezi ijwayele ukuhlobana nomsebenzi, izimo zasemndenini, noma kube ubunzima emva kwempumelelo enkulu mhlawumbe nezinye izizathu ezahlukene. Umuntu ozibulala ngesizathu esithinta umsebenzi kungenzeka ukuthi usuke engaphathekile kahle emsebenzini mhlawumbe udiliziwe noma uxoshiwe okanye umphathi wakhe unokumdelela phambi kozakwabo. 

Omunye kungenzeka ukuthi wehliselwe esikhundleni esiphansi kade eyisikhulu esiphezulu. Ezinye izisebenzi zize zishiye phansi umsebenzi ngenxa yokungaphathwa kahle emsebenzini ziyaye zibamangalele abaqashi kwaCCMA zifuna amadameshe okududulelwa ekutheni zishiye umsebenzi, okuthiwa phecelezi iconstructive dismissal. Ngisekuzo izivuvaba ezithintana nomsebenzi, kujwalekile ukuthi uzwe emithonjeni yabezindaba ukuthi iphoyisa lizibulele kanye nezingane zalo. Amaphoyisa uma kunezimo eziphuthumayo kaningi ezinyantisa igazi kubizwa wona kuqala kodwa angiboni ukuthi ayakuthola ukwelulekwa ngokomqondo okwanele. 

Ukuzibulala komuntu into eshiya amanxeba abhibha iminyaka ngeminyaka emndenini wakubo. Omunye engathi mhlawumbe kubangconywana uma umufi ezoshiya noma incwadi echazayo ukuthi isizathu sokuthi athathe impilo yakhe kube isiphi. Nami ngiyavuma lokho kuyawuthoba umndeni amanxeba kodwa enye inkinga esuke isiqala ngaleso sikhathi ukuthi uma umndeni usuzwile ukuthi ilungu lomndeni walo lizibulale ngenxa yomuntu othile kungenzeka lowo muntu bafise ukumenzakalisa. Eminye imindeni isala igula isikhathi eside emphefumulweni ikakhulukazi uma isizathu sokuzibulala sigcine singaziwanga, kube ilowo nalowo muntu asole omunye. Ngalokho-ke asikuvume ukuthi ukuzibulala bese umuntu isizathu engasisho usuke edala olunye utavatava ngoba amanye amalungu omndeni asala ezisola wona kanti amanye asala ezibuza eziphendula ukuthi kungani bengazibonanga izimpawu zengcindezi umufi ayengaphansi kwayo.

UDaryl Brown owake wazama ukuzibulala kodwa wangaphumelela nosesebenzela inhlangano iSouth African Depression and Anxiety Group uthi abantu abazama ukuzibulala eNingizimu Afrika ngenyanga bangaphezulu kwamakhulu amabili. UBrown uqhuba uthi kunengcindezi enkulu ebekwe emakhanda amadoda yokuthi amadoda kumele afeze zonke izidingo zekhaya. Ngokwakhe uBrown uthi wayesekhathele ukulinda usuku lapho khona wayezoba nemali futhi akwazi ukwenza izinto zenzeke kodwa lolo suku lwalungafiki wayesebona ukuthi kungcono ahambe ayophumula ngokuthi azibulale. 

Izibalo zikhomba ukuthi abantu abalingaliselwa ezi-800 000 emhlabeni bafa ngenxa yokuzibulala futhi uhhafu walesi sibalo sisuke siphethwe noma singaphansi kwengcindezi nokumanje ihlasele abantu ababalelwa ezigidini ezingaphezulu kwamakhulu amabili. 

See Also

Mayelana nokuzibulala kwabantu abasha ithi iWorld Health Organisation (WHO) abantu abasha bazama kaningana ngosuku ukuzibulala. Indlela yokuzibulala okuthiwa ichume kakhulu eNingizimu Afrika ukuzilengisa ilandelwe ukuzidubula, ukuphuza inqwaba yamaphilisi, ukuzifutha ngegesi bese kugcina eyokuzishisa. Kubantu ababalelwa e-100 000 abashonayo kuleli zwe abali-17 bafa ngokuzibulala nokwenza uamaphesenti ayisi-8 wabobonke abantu abafayo eNingizimu Afrika. Ukuzibulala into engagwemeka inqobo nje uma kuzobakhona ukubambisana phakathi komphakathi, izikole, amaphoyisa, osonhlalakahle kanye nalabo asebeke bazama ukuzibulala kodwa basinda. 

Ngiyacabanga ukuthi kuningi esingakufunda kubantu asebeke bazama ukuzibulala ukuze basifundise ikakhulukazi ngezimpawu zomuntu ozulelwa ngamanqe. Nazi ezinye zezimpawu esingaziqaphela kumuntu ongase abenesifiso sokuzibulala: ukuba nokuzenyeza, ukuba inkomo edla yodwa, ukuzizwa njengesahluleki, ukuhlala ukhathele noma ukhathazekile, ukuqwasha, ukuncipha kothando lwezinto ebezikade ziligugu kumuntu, ukungazinzi komqondo nokwenza ukuthi umuntu ahluleke ngisho ukufunda, ukuthanda utshwala, izidakamizwa kanye nemidlalo enobungozi.

Iqiniso ukuthi ama-75% wabantu abagcina ngokuzibulala kuthiwa bayasinika izinkomba zokuthi banengcindezi futhi bangase bazibulale. Into elukhuni satshe ukuthi thina bantu asifundisekile ngezimpawu zengcindezi nokuyinto engamenza umuntu osesimweni sokuzibulala aqhubeke futhi aphumelele. ULufuno wabatshela abazali bakhe nokho asebethe ukukhula ngesimo abhekene naso esikoleni kodwa umama wakhe wamtshela ukuthi akangawanaki amabhoklolo kodwa akagxile emsebenzini wakhe wesikole nokuphethe ngokuthi umntwana abhale incwadi yokuvalelisa kubazali wabe esezibulala ngokugwinya izindodla zamaphilisi. 

Singayinqoba le nkinga uma nje sizoqala ngokuqonda ukuthi ingcindezi isifo esifana nezinye futhi esilaphekayo. Into esiyidingayo ukusazi kahle lesi sifo siphinde simlalele umuntu uma ekhuluma ngobunzima abhekene nabo. Ingcindezi ingaholela noma ubani ophathe lokuthi azibulale akukhathalekile ukuthi umdala noma umncane, unemali noma uhluphekile, ufundile noma uliqaba, owesilisa noma owesifazane, ingcindezi ayikhethi noma ngabe umuntu uphuma kwandlwana noma esithabathabeni uma isifikile idla fumuka idle sitshodo.

Scroll To Top