Nasendulo abesifazane babeziphophotha


Ukwedlula lapho, sekukhona izindawo ezibizwa ngokuthiwa yizitudiyo lapho kulungiswa khona ubuso babesifazane, izinwele zabesifazane, nalapho benikwa khona amasu okuhlala bebahle njengezimbali eziqhakazile ezinephunga elimnandi elidonsa inyosi izedlulela. Kulezizitudiyo kukhona ochwepheshe nawompetha ekwenzeni ubuso “obenziwe” ukuze umuntu abe muhle.
Angikhohlwa mhlazane umkami ayevela kwesinye salezizitudiyo kade eyokwenziwa muhle, ukuze ubuso bakhe bukhange – engangingazi ukuthi wayebusolani, lokhu muhle noma egcobe uvaselina nje uwodwa. Wabuya enje: amashiya ayependwe ngensizi emnyama khwishi, aze athi ukudonswa lapha emachosheni awo enza into esengathi umsila kafezela ukugoba. Izinkophe lezi zizinde njengamashoba amnyama futhi zigotshelwe phezulu lezi ezingenhla kwamehlo, ezingezansi zona zigotshelwe ezansi. Lapha ezigobheni zamehlo kuluhlaza uhlaza oluthe ewe, lapho ungafunga uthi amehlo kaqhothetsheni okhanda liluhlaza. Kuthi lapho ecimeza, ufice esengathi ubheke ngamehlo aluhlaza, kuthi lapho ewavula amehlo kube sengathi yimibala iyaguquka lapha ezigojeni kuhle okwemibala yenhlwathi isisondela kumuntu efuna ukumgwinya.
Lapha ezihlathini wayegcotshwe ngesikhupha esibomvu, esengathi kwakungaseyizo izihlathi zakhe zesidalo kwase kungotamatisi abavuthiwe, esengathi zizoputshuka uma ngizibamba. Emlonyeni egcotshwe ngesibhuda esibomvu ngokugqunqile esasenza umlomo wakhe ufane nowentshiyane. Kwathi uma ngimbheka ezandleni ngafica ukuthi nezinzipho zigcotshwe ngalo ibomvu elisemlonyeni. Angizibonanga-ke izinzwane ngoba wayecathulele. Ngiyakholwa ukuthi nazo zaziyogcotshwa ngensoyi, kwala khona ukuthi wayecathulele.
Lokhu ukudiya ubuso kwabantu besifazane yinto yasendulo. AbeSuthu bona benza izingonywana eziyizindingilizana ezihlathini abazibiza ngokuthi ‘amatubatuba’, abanye-ke lezozingonywana bazizungezise ngamachashazana amancanyana amnyama. Abanye bala benawo amatubatuba, bedlule ngokwenza amatomu asuka ngasemlonyeni aze ayokuma ngezindlebe. Nabo-ke bayasho ukuthi yiwo amatomu. Lamatomu afana ncamashi nalokhu kokubhala umzimba womuntu abakubiza ngokuthi yi‘tattoo’. Ufice umuntu ezidwebe izimvemvane, izimbali, abantu, izinyoka, izipokwe, izimoto, izinyamazane ngisho noSathane imbala. Konke lokho kwenzelwa ubuhle njalo.
Abesifazane bamaNdiya bona haze bafake izinkanyezana ezicwebezelayo phezu kwamakhala, bese benza ibala eliyindingilizana ebunzi. AmaBhaca-ke wona ubuhle bawo busekusikeni ubuso. Athi-ke yisiko lawo. UZulu yena obakhe ubuhle wabubona ezindlebeni. Uklekla maqede afake iziqhaza ezimibalabala ezindlebeni. Naye-ke uthi ukuklekla lokhu kuyisiko. Uma umuntu engakleklile kuthiwa igazi elibi akalikhishwanga, futhi umuntu onjalo udla amaphela. Mina ngiyakwala lokho ngoba baningi abangakleklile abawadli amaphela, negazi elibi abanalo. Ngisho nabo abakhishwa igazi elibi ngokuklekla, nabangawadli amaphela, sengibabona sebethunga izindlebe manje, banengiswa yilaba abangalikhiphanga igazi elibi nabandla amaphela ngokuyilokhu bebachwensela ngokuthi: “Zulu, sithini isikhathi endlebeni?”