Now Reading
Umlando womsuka wamaphupho usendulo
Dark Light

Umlando womsuka wamaphupho usendulo

Omunye wathi, uma ephuphe isikelemu, uyaye avuke ayodlala inombolo engu-7 kuMshayina — ufafi. Abaziyo bathi yingakho nje izinombolo zikafafi zifanekiswa nezinto ezithile, ukuze kuthi uma uphuphe into ethile efanekiswa nenombolo kafafi, uhambe uyofakela leyonombolo, kuyothi uma esedonsa inombolo uMshayina, adonse yona leyo oyiphuphile, njengayo lena ka-7 eqondene nesikelemu kumbe isigebengu.

Omunye umbhemi wake wanginika izinombolo zikafafi kanye nalokho ezikumele ephusheni, njengalezi nje: 1= inkosi, 2 = imfene, 3 = amanzi amaningi, ngoba amancane ngu- 29, 4 = indoda efile, 5 = ingwe, 6 = inkomo, 7 = isikelemu, 8 = ingulube, 9 = inyanga, 10 = amaqanda, njalo-njalo zize ziphelele ngenombolo yama- 36. Kodwa-ke mina uma ngikuphuphile konke lokhu, angimuwini ufafi, ngidliwa njalo nje.

Ngiyabona-ke ukuthi kimina awasebenzi amaphupho engiwadlala kufafi. Nasemjahweni wamahhashi basho njalo ophanta, bathi basebenzisa amaphupho uma bezobamba idabuli noma ijackpot.

Kodwa-ke omunye wakuphikisa konke lokho wathi yena uma ephuphe amanzi usuke ezocwila emjahweni wamahhashi, ngakho-ke uma ephuphe lelophupho kuzokusa kube umjaho wamahhashi akalokothi nje ayowabhejela ngoba uyazi ukuthi uzoluza.

Baningi asebehlume ngenxa yamaphupho. Baphuphe maqede bayodlala ufafi woMshayina, noma bayobheja emjahweni wamahhashi.

Baningi futhi asebeshonile, okuthi uma sebedliwe bahambe bedla amantongomane, bethi badliwe emjahweni abawuphuphe amahhashi abo ephume onembe-wani, basuke bayidulele yonke imali yabo kulelohhashi abathi baliphuphile nabathi lizophuma phambili, kanti ababuzanga elangeni, bashaye phansi kwashunqa, ihhashi labo lizoba yisiwasho!

Umlando wamaphupho waqala endulo yasendulo mhla umuntu wokuqala eqala ukuphupha. Amanye awo ngamaqiniso, amanye awo ngamanga.

See Also

Okusobala-ke ukuthi uphuphe ufile, awufi, ngoba uvuka ubatshele abanye ukuthi uphuphe ufile. Okusobala-ke futhi ukuthi uma uphupheinto yenzeka, lelophupho-ke ngeliyiqiniso elivela emthonjeni weqiniso, iphupho oliphuphe maqede alaze lenzeka lelophupho singathi livela emthonjeni ongesilona iqiniso.

Uma umuntu ephuphile kuphakathi kwezinto ezimbili — amanga neqiniso. Yingakho njena kukhona iningi eliwakhonzile amaphupho, elize lithenge nezincwadi ezichaza amaphupho, okusho ukuthi sebebuswa ngamaphupho, elinye iningi aliwakhonzile, ngoba likholwa yikuthi iphupho yiphupho, wonke nje umuntu uyaphupha.

Kuya-ke ngokuthi wena awakho abangamaqiniso yini kuwe noma aba ngamanga! Phupha-ke ngoba vele nje umuntu ungumphuphi.

Scroll To Top