Ahlukahlukene amagama eSintu okubizwa ngawo uMvelinqangi


Umqondonto, umcabangonto nenhlosongqangi, ukuveza kancane amagama aboHlanga ababebiza ngawo uMdali ngezilimi zebele lingakabikhona iBhayibheli nobuKhrestu e-Afrika.
Nokuyosho ukuthi ngokomqondo sesikhululekile asisabesabi abelungu laphaya emabandleni, emisakazweni komathelevishini uma sesibiza lawomagama, ngenkathi sesishumayela,siwabiza ngokwehlukeneyo emabandleni esingaphansi kwawo.
Njengoba asho uMnu uBantu Steve Biko encwadini yakhe ebizwa: I write what I like yangowe-1975, aveza khona ukuthi aboHlanga basabophekile ngokomqondo wokuzibukela phansi ngokuningi ngenxa yobukoloni.
Kuyobe igcagcele esokeni kokhuluma ulimi lwesiZulu, mzukwana kwaphindwa kwaba nesihumusho segama uMvelinqangi ngolimi lwesiZulu, abasemandulo ababebiza uMdali lingakafiki iBhayibheli nobuKhrestu.Lapho selifundwa kuGenesis, kuthi qekele: ‘Ekuqaleni uMvelinqangi wadala izulu nomhlaba’. Kungasabhaliwe ukuthi: ‘Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba’.
Sikuncome ukuhumushwa ngolimi lwesiZulu kwafakwa elithi uSomandla eBhayibhelini langowezi-2020, esikhundleni segama elithi uJehova.
Sibancome nabolimi lwesiNdebele ngokuhumusha elithi uJehova, balibiza ngolimi lwebele isiNdebele, bethi uSomnini. IBhayibheli lwesiNdebele enginalo endlini, isihloko salo sithi; iBhayibheli elicwengileko isiNdebele kowezi- 2012. ElikaMdali baqhubeka bethi uNkulunkulu nguZimu ngokweBhayibheli nobuKhrestu.
Kutholakale futhi amaNdebele ebiza uNkulunkulu ngokuthi uZumenu, uZimakhu laphaya encwadini yeBhayibeli uDeuteronomy elokhu evele njalo lamagama.
Emandulo aboHlanga baseNamibia abangamaHerero, babebiza uMdali ngokuthi uNdjambi (uMvelinqangi) ngolimi lwebele lwabo isiTjiherero, lingakafiki iBhayibheli nenkolo yobuKhrestu. Okwathi ngokufunda, kwabhalwa ngokweBhayibheli nangokobuKhrestu bethi uNkulunkulu nguMukuru ngesiTjiherero.
KukwesamaXhosa noma kuseKapa lapho okwaqalwa ukufakwa kwemfundo, kwemali, kwempucuzeko ngabezimishini namakoloni. Besafinya ngendololwane babebiza uMdali ngokuthi uQamatha (uMvelinqangi) ngolimi lwebele isiXhosa, lingakafiki iBhayibheli nobuKhrestu. Okumanje sekwabhalwa elithi uThixo.
AbaVenda bengakafundiswa iBhayibheli nobuKhrestu, uMdali babembiza ngokuthi uRhaluvimba (uMvelinqangi) ngolimi lwebele lwesitshiVenda. Ekufundisweni kwabo ngeBhayibheli nobuKhrestu sebethi uMudzimu.
Sithola ukuthi abeSuthu (boSotho) babebiza elithi uRamasedi (uMvelinqangi) ngolimi lwebele lingakafiki iBhayibheli nobuKhrestu. Njengoba sebebiza uModimo (Morimo) ngokubhalwe eBhayibhelini.
KunabeNguni okungamaSwati, amaNdebele, amaXhosa namaZulu ngenxa yokuhlobana kolimi lwebele. Yingakho ngolimi lwesiSwati, amaSwati, ayebiza uMdali ngokuthi uMvelichanti (esho uMvelinqangi), uMlentengamunye lingakafiki iBhayibheli nobuKhrestu. Asembiza ngoNkulunkulu ngokweBhayibheli nobuKhrestu.
Uyichaza kahle umbhali waseSwatini encwadini ebizwa; Chronicles of Tshabalala Clan in Mhlongamvula and its exodus, uNelson Makhubane Tshabalala, ebhalwe ngolimi lwesiLungu, ekhasini lamashumi amane nane. Lapho uNelson enaba khona kafushane ngokuthi: UngonaMandla onke, uMvelichanti (esho uMvelinqangi) noma uMlentengamunye, ungoMdala weziNsuku, okunguYena owazi konke phambilini.
AbeTswana sebebiza elikaSomandla ngokuthi uMorena ngolimi iseTswana esikhundleni segama elithi uJehova. Babize uNkulunkulu ngoModimo ngalo belu lwesiTswana ngokwaseBhayibhelini nasebuKhrestwini.
Ngachazelwa uMnuuMarco Makore waseZimbabwe engangisebenza naye kwaMthembu Tissue Converting, ukuthi uMvelinqangi bambiza uNkulunkulu (uMvelinqangi) ngokuthi uMusiki ngolimi lwesiShona lingakafiki iBhayibheli nobuKhrestu. Ekufikeni kweBhayibheli nobuKhrestu sebethi uMwari.
Kuyacaca ukuthi abantu bamqamba uMdali, uMenzi wezulu nomhlaba ngamagama ezilimi zebele zabo, ngokubuka imvelo, indalo, umhlaba,izenzeko ezinhle nezimbi ezazenzeka phambi kwabo bengakazalwa, singakazalwa.