Now Reading
Sonke thina esisondelene neSihlalo kasiphenywe
Dark Light

Sonke thina esisondelene neSihlalo kasiphenywe

UZulu kumele ube nendaba ukuthi ngobani laba abahlala eduze kweSILO nokuthi bavelaphi


“NgokweHhovisi lami ngijube uMnu uNhlanhla Mtaka enimazi nonke kuleNdlu ukuba ahlanganise konke lokhu bese ezinyangeni ezintathu sethule uhlelo oluqondile lokusebenza kwazo zonke izinhlaka zoBukhosi zodwa  kanye nendlela yokusebenza phakathi kuka hulumeni nezinhlaka zoBukhosi.”

Lena yingxenye yenkulumo yeSILO esayethula mhla kuvulwa iNdlu yesiFundazwe Yobuholi Bomdabu, oNdini mhla ziyi-7 kuNdasa wezi-2023.  Emuva kwenkulumo yaso ISILO ngathola izingcingo ezahlukene zabantu kusuka eNdlunkulu, aMakhosi , abaholi namalungu omphakathi. Esimweni esejwayelekile lokhu kwakumele nami kungenze ngijabule kepha akunjalo.

ISILO esidala uBhejane wabe enamagama ayewasho njalo kimi uma kunezingqinamba sekukhona engikhala ngakho. Wayesho lamagama kakhulu uma kade kuhubhuzwa amanga ngokuthile okufika kuye sithi iSilwane uma sesikuphenyile sabona ukuthi ngamawuwa sithi kimi “Mfana wami lapha eNdlunkulu kukafela ubala, kuyenzeka usuhambe kahle bese kuqhamuka nje umuntu akuninde, uthi unganuka  baqhele bonke abantu ungatshazwe nabakwaziyo”. Lama gama kaBhejane angelapha kokuningi.

Ukuqokwa kwami yiNdlulamithi yaMakhosi angikuthathi njengelungelo (kuthiwe ngoba ngasebenza noyise bese kuthiwa kungifanele) kepha ngikuthatha njengesibusiso nokungethemba kweSILO noZulu.  Nokho sengikushilo lokho ngiyafisa ukuba Omdala enze into engikhuleka ukuba ibe ngumthetho – ngifisa kube ngumthetho ukuthi bonke abasondelene neSihlalo neSILO kube yimpoqo ukuba baphenywe.

Luhlukene kabili uhlobo lwabantu olusondelene neSILO ngaphandle kweNdlunkulu. Kufike kube yilabo abaqashwe nguhulumeni abasebenza ezinhlakeni ezimbili; ehhovisini likaNdunankulu kukhona iKing’s Support and Royal Household kanye neRoyal Household Trust. Kulamahhovisi womabili kuqashwe abantu abahambele inhlolokhono bahlungwa kwavunyelwana ukuthi esigabeni sikahulumeni lokho abaqashelwa khona bakulungele. Kube sekuba khona ihhovisi laso iSihlalo elibizwa nge-Office of His Majesty the King. Leli lidala ngoba lingeleSihlalo kanye naloyo ohleli eSihlalweni lawa amanye njengokuhlelwa kwawo akhelwe ukulekelela iSihlalo noSesihlalweni. Kube sekuba khona elinye yize lingeyena uhulumeni ngqo kepha lilawulwa yimithetho yephalamende okuyi Ingonyama Trust (neneBhodi, iNgonyama Trust Board)

Lithi elami wonke lamahhovisi amqoka ngoba yiwo asondelene neNkosana kaZulu kanye neSihlalo. Kimi amqoka ukwedlula ngisho ihhovisi likasopolitiki thizeni ngoba asondelene kuNomthebe wethu okungathi manxa kuba khona okungalungile bese kubhidlika umphongolo lo wethu wesivumelwano okuyiSihlalo.

Kungalesi sizathu ngiphakamisa ukuba wonke umuntu osondelene neSihlalo neSILO aphenywe, kungonakele lutho nje. Kulolu phenyo kumele kubhekwe ukuthi kanalo yini iphunga elimlandelayo nokungathi uma selivumbuka kunukele iSihlalo neSILO. Kaphenywe umuntu lona ukuthi engabe ngakubo bamazi ngokuthini ngoba kuyenzeka lapha phandle abantu baziwe ngokunye koMkhulu kanti kwabo bangokunye. Baphenywe laba ukuthi kabaze yini bathinteke ezenzweni zokukhwabanisa noma amacala anzima nokumele kwenziwe ngamaphoyisa.

See Also

Bakhona ke nalabo abasondela koMdala neSihlalo bengaqashiwe nguhulumeni. Laba bafika bethi bazokwenza izinto ezinkulu. Ngoba kade sasibona kukhona nje abafika ubone ukuthi yize isiZulu sithi kayihlabi ngakumisa, ubone ukuthi kusondele umhlola lapha, umadakeni ozishaya inkinsela uqobo!

Nalaba ngithi kabangayekwa kabaphenywe ngoba empeleni abanye basebenzisa izithombe lezi abazishutha koMkhulu ukuhweba nokuwaka abantu. Akubhekwe izinkampani zabo uma benazo ngoba abanye bazakha uma sebehlangene neSihlalo. Kubhekwe ukuth ‘lezindodla’ abathi banazo bazithathaphi.

Lokhu Zulu kuzokwenza nazi ukuthi sizungezwe ngobani iSihlalo, ngobani abeluleki ngobani imihlalandlini. Ukuthi ngobani amadoda alesisizwe nomama abaqaphe umphongolo wenu wesivumelwane.

Lokhu kungakuhle kuqalwe ngami mina lona olobe lapha ngoba akusho ukuthi ngoba ngangimuhle kwiSILO esidala   sengiyoba muhle namanje. Ngiphenyeni Zulu nibaphenye nabanye ngoba iSihlalo lesi sifana nenhlamvu yeso. Uma sike sathinteka kabi isizwe siyokhubazela.

Scroll To Top