Asimvume uBroos amava akhe kuBafana Bafana akhephuzela ingwebu



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Siyabonga ngokwenziwe iBafana Bafana ngoLwesibili, ukuthi izibekisele indawo kumqhudelwano walapha ezwenikazi i-Africa obizwa ngokuthi i-African Cup of Nations (Afcon).
I-Afcon izokuba ngonyaka ozayo e-Ivory Coast, okwenza kujabulise ukuthi kulo mqhudelwano odlule owabe useCameroon nyakenye yabe ingekho iBafana Bafana.
Leli qembu eliqeqeshwa uHugo Broos lizibekisele indawo emva kokuthi lihlule iLiberia ngamagoli amabili kwelilodwa, amagoli avalelwe phakathi uZakhele Lepasa noMihlali Mayambela.
Yize sikwazile ukuthi sizibekisele indawo ku-Afcon, kodwa nginokwethuka okukhulu ngeqembu lethu. Kungani njalo makumele sihlungele ukungena kumqhudelwano othize kube nzima, sihlale ngesinqa esisodwa njalo kakhulukazi emdlaweni yokugcina.
Ngikhuluma nje ngoLwesibili bekuyiso leso, siphume ngembobo yenaliti.
ILiberia ngokomlando kuvela ukuthi isayidlale kabili i-Afcon ngowe-1996 nangowezi-2002, kanti nomlando nje wayo awukho muhle kodwa sithwalisa ilabo bantu kanzima. Ngabe sizolunga uma sesibhekene noSenegal, Ghana, Morocco ne-Egypt.
Lokhu kungivezela isithombe sokuthi kusekude sidlale iNdebe YoMhlaba, ngoba njalo uma kuhlungwa sithwala kanzima. Lokhu kokuthembela ekutheni sokwenzelwa amanye amazwe uma sihlunga sekuyinto ejwayelekile.
Kodwa ngeke ngalokhu ngigxeka indlela esizibekisele ngayo indawo ku-Afcon, kukhona okuhle okwenziwa uBroos okanye iBafanaBafana.
UBroos uyiqaqa kubantu abaningi, kodwa irekhodi lakhe lihle kakhulu uyadinga ukuba anconywe. Emidlalweni eli-16 ehlezi ebhentshini leBafana Bafana unqobe imidlalo eyisishiyalolunye, udlale ngokulingana kwemine wahlulwa kwemithathu.
Ekuhlulweni kwakhe uBroos uhlulwe amazwe ahlonishwayo emhlabeni kunobhutshuzwayo okuyiFrance ehlulwe kowamanqamu kwiNdebe YoMhlaba ebiseQatar nyakenye, iMorocco eyaphuma kowandulela owamanqamu kuyona iNdebe YoMhlaba neGhana.
Okunye okuhle ngoBroos ukunikeza abadlali abancane ithuba, lapho ngibala uTeboho Mokoena , uSiphephelo “Toure” Sithole, uMihlali Mayambela noCassius Mailula.
Labadlali ibona esibadinga eqenjini njengamanje, kungcono ukuthi sidliselwe abadlali abasebancane.
Ngenhlanhla muva nje baningi abadlali abancane esinabo kuDstv Premiership nabadlala phesheya kwezilwandle, okungakhiwa iqembu eliqinile ngabo.
IGhana yo-Andrew Ayew no-Asamoah Gyan eyahlulwa kwiLast 16 kweYoMhlaba ngowezi-2010, yakhiwa besadlalela iqembu labaneminyaka engaphansi kwengama-23. Nathi asisike iphethini sidlalile abafana abancane.
Siyayibongela iBafana Bafana, okumele ikulwele manje ukungayi e-Ivory Coast iyovakasha kodwa ayilwelwe ukuqeda endaweni enhle.