Now Reading
Izikhulu azizihlole zona ngaphambi kokuxosha abaqeqeshi
Dark Light

Izikhulu azizihlole zona ngaphambi kokuxosha abaqeqeshi

Kunobhutshuzwayo babili abantu engibona ukuthi babanebhadi lokuthi kuphunywe nabo iqhubu, uma iqembu lingenzi kahle ngaleso sikhathi. Kuke kube ngumqeqeshi kanye nonozinti. Unozinti kwala noma engenza kahle kanjani emidlalweni emihlanu engangenelwa nelilodwa igoli, kuthi kumdlalo wesithupha enze iphutha usezogxekwa athukwe abalandeli. Okubuhlungu ukuthi ababe  besacabanga ukuthi uke wenza kangcono emdlalweni edlule.

Kodwa kule ngosi engigxile kukho ukuxoshwa kwabaqeqeshi, muva nje kugqashuke igoda phakathi kukaDan Dan Malesela neMarumo Gallants. Ngikuqonda kahle ukuthi iqembu lisemsileni kulogi, kodwa umbuzo enginawo ukuthi ngabe lokho kwenziwa uMalesela yini?

UMalesela uyena okumele engene enkundleni ashaye amagoli ashwetshwa abadlali, aphinde avimbe amabhola okusuke kungamaphutha enziwe izitobha. Iqiniso lithi iGallants noma bekhona abadlali kodwa kunzima ukuthi bengenza kangcono, ungalanda ngisho uPep Guardiola kunganzima kwayena ukubaqeqesha.

Ngamafuphi ngithi kwesinye isikhathi izikhulu zivele zithathe isinqumo sokuxosha abaqeqeshi kalula nje, zingazinuki zona amakhwapha ukuthi azibathengi abadlali abasezingeni. Phezu kwakho konke baphinde bengabaholeli abadlali, bazolilwela kanjani iqembu bengaphathekile kahle.

Okunye ukuthi kwesinye isikhathi amaqembu avele adedele izithenjwa bese athemba ukuthi azonqoba kalula nje. Eminyakeni edlule iMaritzburg United ibe nesizini enhle, kuthe kusenjalo yahambisa uSphesihle Ndlovu, Fortune Makaringe, Bandile Shandu, Evans Rusike kusukela lapho yabhedelwa izinto ishintsha abaqeqeshi.

Kungesifanayo nokwenziwa uSivuyile Chippa Mpengesi weChippa United.

Uma ngibheka kusukela ngowezi-2012 iChippa United isiqashe abaqeqeshi izikhathi ezingama-33, abanye sebaqeqesha kabili njengoba bexoshwa baphinde bebuyiswe. Kunabanye abaxoshwe kungakapheli ngisho inyanga beqeqesha.

See Also

UManqoba Mgqithi wahlala izinsuku ezingama-42, uJulius Dube ezingama-20, umufi uRoger Sikhakhane ezingama-45 waphinde wahlala ezili-160 kwaba ezingama-92, uFarouk Abrahams ezingama-93, uWilfred Mugeyi ezingama-72, uMark Harrison ezili-172, u-Ian Palmer ezili-111, uValdislav Heric ezili-152, uKosta Papic ezingama-64, u-Enrst Midderndorp ezingama-84, uMich d’Avray ezingama-92, uVelile Dyaloyi ezingama-56, uDan Malesela ezama-505, uMbuyiselo Sambu ezili-18, wabuya uMalesela wahlala ezili-120, uTeboho Moloi ezili-170, uHeric wabuya wahlala ezili-119, uMalesela wakhuza ibuya wahlala ezingama-52, u-Eric Tinkler ezili-102, uJoel Masutha ezingama-39, uClinton Larsen ezama-248, uDuran Francis ezili-13, uNorman Mapenza ezili-154, uRulani Mokoena ezili-123, uLehlohonolo Seema ezili-173, uMalesela ezingama-99, uSiyabulela Gwambi ezili-16, uHeric ezingama-29, uSeema ezingama-42 uGavin Hunt ezingama-45 owokugcina bekuwuLentjies yena wahlala ezingama-45.

Labaqeqeshi ingoba bebheda noma ingoba uMpengesi akabathengi abadlali. Lokhu  ngikubona kwehlisa isithunzi abaqeqeshi.

Ngisamile kwelokuthi izikhulu kwesinye isikhathi azizinuke amakhwapha, ekungenzini kahle kwamaqembu”.

Scroll To Top