UZuke uyabalisa ngokulimala okuzomhlalisa isikhathi eside engadlali
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Isitobha esiphinde sibe ukaputeni kuLamontville Golden Arrows uThabani Zuke, sithi ukulimala kwaso kusihlukumeze kakhulu.
UZuke ulimale idolo kanzima mhla zingama-31 kuZibandlela nyakenye ngesikhathi iLamontville Golden Arrows ibhekene neKaizer Chiefs koweDStv Premiership kowabe useMoses Mabhida Stadium kwanqoba Amakhosi ngamabili eqandeni.
Lesi sitobha esineneminyaka yobudala engama-24 esidabuka eMalagazi, silimala nje bese sidlale imidlalo eli-14 savalela phakathi igoli elilodwa.
“Ukulimala kwami kungihlukumeze kakhulu ngoba ngizohlala isikhathi eside ngingadlali. Benginamaphupho amaningi kule sizini elinye lawo ukuhlanganisa imidlalo eli-100 ngigqoke ijezi leLamontville Golden Arrows, ngiphinde ngikwazi ukushaya amagoli njengoba besenginalo elilodwa engalishaya sidlala neStellenbosch FC,” kusho uZuke.
Uthe ngokusho kodokotela uzohlala izinyanga eziyisishiyagalombili engabonakali enkundleni, kusho ukuthi uyoze abonakale ngenyanga uNcwaba.
UZuke ungomunye wabadlali abakhulele kulona iqembu likaManto Madlala, wagcine ethole ithuba eqenjini elikhulu ngonyaka wezi-2020.
Uthe njengoba elimele ayikho into ebuhlungu njengokubuka iqembu lakhe lingenzi kahle: “Kubuhlungu kakhulu ukubona ozakwethu bethwele kanzima enkundleni, kakhulukazi uma bedlala ekhaya lapho engisuke ngikhona enkundleni kuvele kuthi angingene phakathi ngilekelele lapho engingalekelela khona. Lokho kuvele kuvuse umunyu kumina ngoba impela kusekude ukuthi ngibonakale enkundleni,” usho kanje.
Kulogi i-Arrows ilele endaweni ye-12 ngamaphuzu angama-28 emva kwemidlalo engama-23.
Ebuzwa ukuthi ukulimala kwakhe akumvalelanga yini amathuba okuthola amadlelo aluhlaza uthe: “Ngeke ngivume noma ngiphike ukuthi akhona yini amaqembu amakhulu abengifuna, ngabe nginamanga. Bengibheke ukuhola i-Arrows nje okunye angikwazi,” kusho uZuke.
Njengoba amuhla iBafana Bafana izobhekana neLiberia kowokuhlungela ukungena ku-African Cup of Nations (Afcon) ezoba ngonyaka ozayo se-Ivory Coast, uZuke uthe uyakholelwa ukuthi naye igama lakhe ngabe likhona kwabangama-23 ababizelwe kwelesizwe.
“Ngokwami nezinkolelo zami ngabe ngikhona eqenjini likaHugo Broos, ngoba ngabe ngilandela kumyalelo ahlezi esitshela wona wokuthi akukho okungenzeki uma usebenza kanzima. Njengoba akwazi ukuthi abe owokuqala umqeqeshi ukungizibiza kwelesizwe, ngabe nakulokhu uyibonile into ayithanda kumina. Kodwa njengoba kungenzekanga ngithanda ukuhalalisela wonke umdlali okhona kwiBafana Bafana, bese ngithi ngiyafisa engathi bengasitholela amaphuzu agcwele kuyona yomubili imidlalo,” usho kanje.
Kwelesizwe umdlali obiziwe uNkosinathi “Bhodlela” Sibisi, odlale isikhathi eside naye uZuke kodwa manje osegijima ku-Orlando Pirates.
“Kusho lukhulu ukubona umfowethu omngani wami, ethola leli thuba bekuyiphupho lakhe ukudlalela iqembu elibalwa namakhulu kuDStv Premiership aphinde adlale eqenjini lesizwe. Njengoba sesifikile isikhathi ngikholwa ukuthi leli thuba uzolibamba ngezandla zombili, kwazise ungumuntu ohlezi esenza ngokuzikhandla,” kubeka uZuke.
Ebuzwa ngezifiso anazo uthe: “Ukwenza isiqiniseko sokuthi ngibuyela enkundleni ngesikhathi, ngibuye ngizolwela ijezi ngikwazi ukusiza iqembu. Ngikholelwa ukuthi iqembu esinalo, singakwazi ukunqoba inkomishi eyodwa. Ngeke ngakushiya ngaphandle ukuthi ngisafuna ukubizelwa eqenjini lesizwe. Ngiyakuqonda lokho ukuthi kusazothatha isikhathi kodwa, konke kulele ekutheni ngisebenze kanzima ngesizini ezayo,” kusonga uZuke.