U-Akhona uphakathi konompempe abayofutha indweba kweyoMhlaba yaBesifazane


Uhleka yedwa ngengqayizivele yethuba lokuyodlalisa kweyeNdebe yoMhlaba unompempe wakuleli u-Akhona Makalima ozoba yingxenye yonompempe abazofutha indweba kweyoMhlaba yabesifazane, e-Australia naseNew Zealand kusukela zingama-20 kuNtulikazi kuya zingama-20 kuNcwaba nonyaka.
UMakalima utshele elaboHlanga ukuthi sekuthela izithelo ukusebenza ngokuzikhandla yonke le minyaka. Njengamanje ungomunye wonompempe abaqavile kuPremier Soccer League (PSL).
E-Afrika bayishumi nambili onompempe besifazane abaqokelwe ekutheni badlalise kweyoMhlaba. UMakalima odabuka eNqamakwe, e-Eastern Cape ungomunye walabo nompempe abazophakamisa ifulengi le-Afrika.
Abanye abaqokwe no-Akhona uBouchra Karboubi waseMorocco, uVincentia Amedome waseTogo noSalima Mukansanga waseRwanda onomlando wokuba ngowesifazane odlalise iNdebe YoMhlaba yabesilisa nyakenye.
“Baqinisile uma bethi amaphupho ayafezeka. Nami elami lifezekile ngokuqokwa ukuthi ngiyodlalisa kweyeNdebe yoMhlaba. Phela alikho izinga elidlula leli ebholeni likanobhutshuzwayo. Noma kungathiwa usuka kuphi kodwa ungavumeli izimo okhule ngaphansi kwazo zikuvimbe ekutheni ufeze amaphupho. Izimo okhule ngaphansi kwazo kumele zikuqinise. Nami ngikhule ngaphansi kwezimo ezibucayi kodwa lokho akuzange kungivimbe ekutheni ngijahe amaphupho ami,” kuchaza uMakalima owaqala ukudlalisa ezingeni elikhokhelayo ngowezi-2014.
“Ngifuna ukuthatha leli thuba ngibonge iSafa neCaf ngokuhlale bephokophele ukuthuthukisa izinga lonompempe eNingizimu Afrika nase-Afrika yonkana. Njengamanje lezi zinhlangano zivuna izithelo zokufaka umfutho ekuthuthukiseni onompempe nabesifazane. Yingakho nje i-Afrika imeleleke kahle kanje ngokonompempe,” kuqhuba uMakalima.
Emasontweni amabili edlule ubehambele ingqungquthela yeFifa eDoha lapho bekuhlanganyele khona bonke onompempe abazoba yingxenye yeNdebe yoMhlaba.
“Ngizimisele ngokwenza kahle uma sengithola ithuba kweyoMhlaba. Leli yithuba engingalithathi neze kancane. Uma ngenza kahle ngicabanga ukuthi ngizobe ngisethubeni lokudlalisa nemidlalo yemikhumulajezi okuyinto engilangazelele ukuyenza. Uma ngizimisele angiboni okuzoma endleleni yami ekutheni ngifeze leli phupho,” kubeka yena.
Le ntokazi eneminyaka yobudala engama-34 isizakhele ugazi ngokuthatha izinqumo ezinkulu ngaphandle kovalo emidlalweni yeDSTV Premiership.
“Akulula ukwenza lo msebenzi kufuna isibindi nokuzethemba. Umsebenzi wethu usemehlweni abantu. Ngakho iphutha elincane olenzayo libukwa ngumhlaba wonke. Lokhu kuphoqa ukuthi uhlale usezingeni eliseqophelweni eliphezulu. Okunye okusizayo wukuhlaziya yonke imidlalo osuke uyidlalisa evezwa kuthelevishini. Ngaleyo ndlela uyakwazi ukubona lapho oshaye khona into ecokeme nalapho okusamele uqinise khona amabhawodi,” kuphetha yena.
Usedlalise kuzona zonke izigaba kusuka kuSAB League, i-ABC Motsepe League, iGladAfrica Championship/Motsepe Foundation Championship nakuDStv Premiership. Isifiso sakhe ukuthi ngelinye ilanga adlalise iSoweto Derby.
Nyakekenye ibiyingxenye yonompempe ababedlalisa kowe-African Women’s Cup of Nations (AWCON), eyayibanjelwe eMorocco neyagcina inqotshwe iBanyana Banyana.