Iyawuzala nkomoni: INingizimu Afrika kuvuthondaba



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
UMalema emizamweni yokuba nguSobukwe wesikhathi sethu
Emazweni ase-Afrika kukhona umlando ohamba uhambe uziphinde. Lo mlando umayelana namaqembu ezombangazwe. Lawa maqembu aba ngumphumela womzabalazo weningi labantu boHlanga abasuke bevukela umbuso wabacindezeli.
Kuwo onke amazwe ase-Afrika lamaqembu ahamba izigaba ezimbili ezombangazwe lapho esuke ehola umzabalazo bese kuba yileso sombusazwe lapho esuka esesemandleni. Kepha kuthi lapho iqembu leli elibusayo selisemandleni iminyaka ecela kwengamashumi amabili bese luyaqala uqhekeko kulo nokuzala amaqembu amasha nakhiwe ngabantu abaqembuke kulo. Okulandela lapho wukugagaziswa kweqembu leli elibusayo noluphetha kumazwe amaningi seliguqile.
INingizimu Afrika kayihlukile emlandweni wamanye amazwe kulelizwekazi njengoba nayo kubukeka isizihambe zonke lezi zigaba ezinye osekusele wukubona ukuthi engabe iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) liyogcinaphi. Akukhona ngoba kungekho abaligagazisayo leli qembu , baningi.
NgoMsombuluko nje ozayo mhla zingama-20 kuNdasa amaqembu aholwa zitoyitoyi phambili azobe enokhukhulelangoqo ohlanganisa ukuqhinqa nokunqanda ukugeleza komnotho kuleli. Lo mkhankaso osungulwe yi-Economic Freedom Fighters (EFF) unezizathu ezahlukene kepha nenhloso eyodwa.
Phakathi kwezinto ezibalulwayo wukuphela nsuku zaphuma kukagesi, ukuswelakala kwamathuba emisebenzi nokunye. Inhloso noma isifiso seZitoyitoyi wukuba kwehle esihlalweni uMengameli uRamaphosa nabamsola ngazo zonke izinkinga ezikhungethe elakuleli. Kulokhu abe-EFF kabahambi bodwa njengoba sekukhona nabathe bazogqisha ngakubo. Ngokusho komholi we-EFF phakathi kwabo kukhona iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), iPan Africanist Congress of Azania (PAC) kanye neLand Party.
Okungaba yimiphumela
Mibili imiphumela elindeleke kulomkhankaso oholwa Zitoyitoyi. Owokuqala wukuba abantu bakuleli balalele ikhwelo nokuyothi uma kuba njalo igama le-EFF lingene emlandweni njengabaqala ukuqhumisa amasondo inqola kaRamaphosa. Okumqoka lapha wukuthi nazo izitoyitoyi ziyazi ukuthi ngeke konke kwenzeke ngomhla zingama -20 kuNdasa kepha lolu suku luyobe luqala into iZitoyitoyi nabacabanga njengazo beyokwakhela kuyo. Lendlela yokucabanga nokuhlela ibe yimpumelelelo kwamanye amazwe e-Afrika njengaseTunisia nase-Egypt lapho ukugcwala kwabantu emgwaqeni bekhononda ngababusi kulethe izinguquko kohulumeni.
Omunye umphumela kungaba wukuba khona kweziqubu zodlame lapho amaphoyisa ezotholana phezulu namalungu asemgwaqeni navimba abantu ukuba baye emsebenzini. Lokhu kungadala isimo lapho kucekeleka khona phansi ingqalasizinda kokunye nokuluthwa kwezitolo ezithile. Kwabaningi lokhu kuyobuyisa isithombe sezidubedube ezenzeka eminyakeni eyedlule lapho kwabe kutashwa khona ezitolo.
Lo mphumela uyobeka abe-EFF njengabaphehli bodlame neqembu elingakholelwa enqubeni yomthetho. Kepha omunye umphumela ongaba yihlazo kwabe -EFF yilapho abantu baseNingizimu Afrika bengeke bayingene kepha baqhubeke nezinhlelo zabo. Lokhu kungadweba isithombe sokuthi lenhlangano yande nje ngomlomo kepha abantu kabayilandeli ngale kwamalungu ayo.