UToyana ulobizela ukubona uBavuma equkula iNdebe yoMhlaba
Nguye oseyithemba lokuthi leli qembu liyokwazi ukugqiba ihlazo leminyaka
Usedalule isifiso sakhe ngoTemba Bavuma umqeqeshi omazi ukusuka nokuhlala lokaputeni wamaProteas, uGeoffrey Toyana. UBavuma usefomini kulezi zinsuku emidlalweni yosuku olulodwa nasemidlalweni yamatest.
Muva nje usanda kushaya amaruns ali-172 emdlalweni wesibili lapho amaProteas abetholene khona phezulu neWest Indies kuchungechunge lwemidlalo emibili yamatest. UBavuma besekuphele iminyaka eyisikhombisa ephuthwa yikhulu lamarun emdlalweni yamatest. Kulokhu ukwazile ukuliqeda leli shobolo. Uliqeda nje usanda nokunikwa izintambo zokuhola iqembu kweyamatest.
Exoxa nelaboHlanga, uToyana okhulise uBavuma efika ezingeni elikhokhelayo njengomqeqeshi kumaLions uveze ukuthi uzimisele ngokubona uBavuma equbula iNdebe yoMhlaba.
“Ithemba liyaphilisa. Singabantu siphila ngalo emhlabeni. Ngijabule ukuthi uRob Walters nguyena osecija iqembu losuku olulodwa. Ungumqeqeshi weqophelo eliphezulu. Unolwazi olunzulu. Ubudlelwane bakhe noTemba kanjalo neqembu bungathola ithuba lokusibeka empumelelweni eNdebeni yoMhlaba. Kudala sizabalaza. Kumqoka ukuthi sileseke iqembu labayishumi nesishiyagalolunye elizosimela kweyoMhlaba (ngasekupheleni konyaka kwelaseNdiya). Leli qembu lizobe liphethe amathemba esizwe. Nginethemba lokuthi sizofika kweyoMhlaba sesilazi iqembu labadlali abayishumi nambili ezizobhubhisa ngalo izizwe ngoba kubanzima uma ufika kweyoMhlaba usahlanganisa,” kuchaza uToyana.
Nangesekuqaleni konyaka uBavuma uzitholele ikhulu lamarun emdlalweni yosuku olulodwa ngesikhathi amaProteas ethela othulini amaNgisi ngo-2-1 kuchungechunge lwemidlalo emithathu yosuku olulodwa lapha eNingizimu Afrika.
“Uma uya emiqhudelwaneni emikhulu udinga iqembu eliqinile nelihlangene. Kubalulekile nokuthi abadlali babambe umgqigqo ngesikhathi esifanele. Ngiyakholwa wukuthi ngelinye ilanga uTemba uyosibeka empumelelweni kweyoMhlaba,” kuqhuba uToyana.
AmaProteas awakaze ayinqobe iNdebe yoMhlaba eminyakeni engama-31 eyedlule.
“UBavuma nguyena umdlali ohamba phambili kwababhethayo eNingizimu Afrika kule minyaka emibili eyedlule. Izibalo aziqambi amanga. UTemba ungumholi. Ikhono lakhe lokuhola lahlaluka esamncane ngesikhathi ngisamqeqesha kumaLions. Akayisabi ingcindezi. Ubekwazi ukuhola ngisho enganikiwe inselelo yokuhola. Lapha ngikhuluma ngesikhathi engakaqokwa njengokaputeni weqembu. Ungumholi wokuzalwa. Ngijabule ukuthi uphuciwe izintambo zokuhola kuT20 ukuze ezogxila kweyetest neyosuku olulodwa. Irekhodi lakhe kweyosuku olulodwa lihle,” kuchaza uToyana.
Emdlalweni wakhe wokuqala njengokaputeni wamaProteas kweyamatest ukhishwe kabili ngamaqanda (0) kuwona womabili ama-innings okwenze wathola okukhulu ukugxekwa.
“Into enhle ngoBavumaa akalilahli ithemba. Akazange aqale kahle njengokaputeni kweyamatest ekhishwa engazange ashaye ngisho eyodwa irun kuwona womabili ama-innings. Ubuye ngamandla kutest yesibili wathola ikhulu lamarun. Loya nguTemba engimaziyo. Uma ethola ukugxekwa uyakwazi ukuziphendulela ngendlela efanele. Akavumeli ukugxekwa kumnethe amandla. Uqinile ngokomqondo. Yindlela akhiwe ngayo. Zike zamnetha ezinkundleni zokuxhumana kodwa akazange akuvumele lokho kumphazamise. Ngijabule ukuthi uzwakile ukubhekana nezinkulumo ezingezinhle ezinkundleni zokuxhumana ngendlela efanele. Okumqoka wukuqhubeka athole amarun. Okubi nje yindlela i-ICC ehlela ngayo imidlalo. Kulo nyaka sizodlala imidlalo emine nje vo. Lokho akukuhle. Njengamanje sesoze sidlale kutest ngoZibandlela okuyinto edabukisayo,” kubeka uToyana.
UBavuma akasesiyena ukaputeni kweyeT20. Izintambo zinikwe uMarkram. Yena uthathe izintambo kweyamatest kuDean Elgar.
“Iningizimu Afrika isezandleni ezimhlophe ngaphansi kokuTemba. Umhlaba udinga iNingizimu Afrika eqinile. Sizakhele igama eminyakeni eyedlule ngokukhiqiza abadlali beqophelo eliphezulu. Ngihlalele ethembeni lokuthi ikhalenda lemidlalo ye-Test lizobangcono. Angiyizwa le yokudlala imidlalo emithathu ngonyaka. Iyadida futhi iyamangaza lento. Nginethemba lokuthi nemidlalo ye-First Class Cricket izokwandisa okungenani sidlale eyishumi ngesizini esikhundleni seyisikhombisa.” kuphetha uToyana.

