Incwadi yokwaba ifa ingagwema izinkinga


Ukufa yinto esingafuni ukuyicabanga noma ukukhuluma ngayo futhi abantu abaningi abasakunaki ngisho ukuhlela ukuthi kuzokwenzekani ngempahla yabo nasemalini uma sebedlulile emhlabeni. Lokhu nina boHlanga akulungile futhi kushiya abathandiweyo bethu besenkingeni ngezimali nangempahla yalowo osedlulile.
Ngenxa yalokhu kungahleleki, kuye kudale ukuxabana kwemindeni nemibango ngempahla kamufi futhi eminye yale mibango iphelela enkantolo. Lezi zingxabano zenzeka ngenxa yokuthi abantu bavame ukuba nomuzwa wokuthi banelungelo lokuthola okuthile ezimalini kanye nempahla kamufi, noma umufi ukhiphe impahla okungeyona eyakhe ngakho ke wayengenalo ilungelo lokuyinikeza ngendlela ebefuna ngayo. Kubuye kube nezingxabano ngesinye isikhathi ngenxa yokuthi abantu abaningi abaqondi ukuthi liyini ifa, ukusebenza komthetho noma ukuphathwa kwezinto zikamufi kusebenza kanjani nokuthi yiziphi izinqubo zomthetho okufanele zilandelwe.
Umthetho unikeza abantu ilungelo lokuzikhethela ukuthi yini okufanele yenzeke empahleni yabo uma sebedlulile emhlabeni. Lokhu bakwenza ngokubhala nokusayina incwadi yefa.Uma umuntu eshona engabhalanga incwadi yefa, ifa lakhe lizolawulwa yi-Intestate Succession Act 81 of 1987.
Uma ifa lomuntu oshonile selingaphezu kuka-R250 000 kumele kube nommeli. Lokhu kungenxa yokuthi u-Master unomsebenzi wokuvikela abakweletwayo ngumufi, izindlalifa kanye nabobonke abantu abanesicelo sefa.
Umabi wefa ngumuntu ophethe ifa. Akusho ukuthi ifa lingelakhe kepha uMabi wefa usuke engumxhumanisi wezinhlangothi zonke. Kunezinkulumo ezingelona iqiniso lapho aboHlanga bekholelwa ukuthi ukwabiwa kwefa kuphelela lapho umabi wefa ethola Incwadi Yokwaba, akusilona iqiniso lokho futhi kusemqoka ukuthi siqonde ukuthi, Indima yomabi wefa iwukuba, kuqoqwe zonke izimpahla zomufi. Lokhu kuhlanganisa impahla efana nezakhiwo, ifenisha, izimoto, amasheya, izimali ezitholakala kumshwalense, izikweletu ezisele ezikweletwa ifa, izimali zonke zikamufi kanye nazo zonke ezinye izinzuzo okungenzeka ukuthi umufi ubenazo.
Umabi wefa futhi kufanele ukuthi aqoqe zonke izikweletu ngefa futhi azikhokhele, ngemva kokuba sekuphenywe ukufaneleka kwazo. Bese ehlukanisa ibhalansi yezimpahla phakathi kwezindlalifa/abazuzi abafanelekile.
Lapho ilungu lesikhwama sempesheni lishona, izinzuzo ziyakhokhwa kodwa, ngokungafani nezinye izimpahla zomufi, izinzuzo zempesheni aziyona ingxenye yefa lomuntu oshonile. Imali yempesheni ilawulwa iBhodi Labaphathiswa lapho lisuke linikezwa amandla okwaba imihlomulo yempesheni kamufi ngendlela enobulungiswa nezwakalayo kubantu abebethembele kumufi ngokusemthethweni kanye nalabo abebengancike kumuntu oshonile ngokusemthethweni kodwa ukubasekela ngokwezimali
Lapho umufi eshiya incwadi yefa, impahla yakhe yabiwa ngokufisa kwakhe kodwa uma engenayo umabi wefa esehlukanisa ibhalansi yezimpahla phakathi kwezindlalifa noma abazuzi abafanelekile, nakhu umabi ekufanele akubheke:-
- Ngesikhathi umufi eshiya owakwakhe esaphila kodwa engenazo izingane. Umngane womshado osaphila nguyena yedwa oyindlalifa.
- Esimweni lapho umshado ubunesithembu, abashadile bayothola ifa ngezabelo ezilinganayo.
- Ngesikhathi umufi eshiya umlingani nezingane. Uma inani lempahla lingaphansi kuka-R250,000.00, umlingani osaphila uyothola ifa lonke futhi izingane ngeke zithole lutho.
- Ngesikhathi umufi eshiya umlingani nezingane kodwa inani lefa lingaphezu kuka-R250,000.00, umngane womshado osaphila uyothola u50% ngenxa yomshado wakhe nomufi bese ethola ifa lika-R250,000.00 noma isabelo sengane, kuye ngokuthi yikuphi okungaphezulu futhi izingane zizothola ibhalansi ngamasheya alinganayo
- Ngesikhathi umufi eshiya izingane kodwa kungekho oshade naye. Izingane kumele zibe izingane ezizalwa ngumufi, kungakhathaliseki ukuthi ezangaphathi noma ezangaphandle. Izingane ezatholwa ngumufi, Izingane zizozuza ifa ngamasheya alinganayo
- Lapho umufi engashiyanga umngane womshado noma izingane, kodwa washiya abazali. Abazali bayothola ifa ngokulinganayo. Akukhathalekile ukuthi abazali bangabazali abangabodwa, badivosile noma bashadile.
- Lapho umufi engashiyanga umngane womshado noma izingane futhi unomzali oyedwa kuphela ophilayo omunye umzali oshonile washiya izingane. Umzali osaphila uthola ingxenye yefa kanti izingane zomzali oshonile zizuza enye ingxenye yefa, ngezabelo ezilinganayo
- Lapho umufi engashiyanga umngane womshado noma izingane futhi enomzali oyedwa kuphela ophilayo omunye umzali oshonile engabatholi abantwana. Umzali osaphila nguyena yedwa oyindlalifa.
- Lapho umufi engashiyanga umngane womshado, izingane noma abazali, kodwa abazali banezinye izingane ezisele Izingane ziyothola ifa elilinganayo,
- Lapho umufi engashiyanga umngane womshado, izingane noma abazali, kodwa umzali oyedwa unezingane ezisaphila. Izingane ezisele zizothola ifa ngezabelo ezilinganayo.
- Lapho umufi engashiyanga umngane womshado, izingane noma abazali. futhi abazali babengenazo izingane ezisele. Isihlobo segazi esiseduze sithola ifa. Isihlobo segazi esiseduze sisho ubuhlobo ngegazi, hhayi isihlobo esasihlala eduze nomufi.
- Lapho umufi akashiyanga muntu futhi nezihlobo zegazi azitholakali. Ifa likamufi lizoguqulwa libe ngukheshi futhi imali ifakwe esikhwameni sikambheki nomgcinimafa. Imali izogcinwa esiKhwameni Sababheki isikhathi esiyiminyaka engama-30. Uma kungekho muntu ofuna imali ngesikhathi seminyaka engama-30, imali izophucwa umbuso.
Engosini yethu elandelayo sizoxoxa kabanzi ngokwabiwa kwefa ngoba hlezi kumqoka ukuthi siqwashisane ngakho ukuze kunciphe ukungaqondi nezingxabano emindenini ngempahla nemali kamufi.
Lombhalo awusona iselulekho ngezomthetho kodwa ulwazi olungajwayekile. Abafundi balenkulumo bayagqugquzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.