Eminyakeni emibili uRamaphosa useshaye imithetho emibili yenhlekelele ezweni


Kungakapheli neminyaka emibili uMengameli uCyril Ramaphosa usememezele isimo sesibili senhlekelele kuzwelonke. Esokuqala kwaba isimemezelo senhlekelele yoKhuvethe ngoNdasa we-2020. Lokhu kwavumela uhulumeni ukuba ashaye imithetho ephazamisa amalungelo abantu. Amalungelo esithunzi, ubumfihlo, inkululeko nokuvikeleka komuntu kanye nelungelo lokuzikhethela kokufunayo.
Muva nje uMengameli ukhiphe esinye isimemezelo senhlekelele ngenxa yezinkinga ezinzima zokuhlinzekwa kukagesi ezweni. Izwe libhekene nokunqanyulwa kukagesi okubi kakhulu okrekhodiwe njengoba inkampani kazwelonke ephehla ugesi i-Eskom, isebenzisa ukucinywa kukagesi okuhleliwe okude nokujwayelekile. Ukucima kunemiphumela emibi kwezenhlalo, ezomnotho kanye nemvelo. Lesi simemezelo sihlose ukubhekana nemithelela yokucisha kukagesi kanye nokugwema ukuqhubekela phambili okungaba “kucime ngokuphelele”.
Le mithetho yokucinywa kukagesi ayinakungenela kumalungelo abantu ngezinga elifanayo nelenziwe ngezinyathelo zoKhuvethe njengoba zingavimbeli ukuhamba kwabantu noma ukuhweba.
Kwaba yisikhathi esinzima abantu bengakwazi nokuzinwaya ngenxa yemithetho eyayibaphoqa ukuba baphile impilo ethile.
Kukhulu ukukhuluma kubantu kuwona wonke amazinga ukuthi Izakhamizi uhulumeni uyehluleka ukubhekana nenkinga kagesi esineminyaka eli-15 yaqala. izakhamuzi zisola inkohlakalo kukhona konke lokhu.
Imithethonqubo yokubhekana nalolu bhubhane yaphonselwa inselelo emacaleni amaningi ezinkantolo. Ezimbili (ezibandakanya izinqumo ezintathu) zabekela inselele ukuvinjelwa kokuthengiswa kwemikhiqizo kagwayi. Icala elilodwa lalethwa yi-Fair-Trade Independent Tobacco Association. Ilalelwe eNkantolo eNkulu yasePitoli. Enye ilethwe yiBritish American Tobacco (BAT). Leli cala laqulwa eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape labe seliqulwa eNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uDkt uMaDlamini-Zuma (oseshintshelwe komunye umnyango)ubengummangalelwa kuwo womabili amacala.
Wonke amacala ahambisana nezimpikiswano eziphathelene nomgomo wokuba semthethweni, okuyisisekelo sentando yeningi yomthethosisekelo waseNingizimu Afrika. (Umthetho uvikela ukusetshenziswa kwamandla ombuso ngokungafanele, ngoba kudinga ubudlelwano phakathi kokusetshenziswa kwamandla kahulumeni kanye nenjongo amandla asetshenziselwa yona. Indlela izinkantolo ezisingatha ngayo ukuba semthethweni kwamacala kagwayi oKhuvethe izobopha ezinye izinkantolo ezingxoxweni zazo ngezindaba ezifanayo.
Lokhu kuhambisana nomgomo wesandulela sokwahlulela.
Izinhlangano ezintathu zimemezele ukuthi zizophikisana nesimemezelo sakamuva sezinhlekelele enkantolo.
Ngokusekelwe emacaleni kagwayi izinkantolo ezicubungula izinselelo zenhlekelele yokucishwa kukagesi kuzodingeka zinqume ukuthi kukhona yini “ukuxhumana okudingekayo nokunenhloso” phakathi kwezinyathelo uhulumeni azithathile nalokho ahlose ukukufeza. Lokhu kubeka izinga eliphezulu lobufakazi kuhulumeni.
Izimpikiswano
Abantu abayi ndawonye bengemanzi, kukhona abaphonsela inselelo isinqumo sikahulumeni ngalo mthetho wenhlekelele ngokucishwa kukagesi.
Izinhlangano ezibaphonsela inselelo zingaphikisa, isibonelo, ukuthi incazelo “yenhlekelele” kuMthetho Wokulawulwa Kwezinhlekelele ayidluleli enkingeni edalwe nguhulumeni yokucishwa kukagesi. Bangase bathi kumele kusetshenziswe eminye imithetho ukubhekana nenkinga kagesi. Nokho, njengoba kushiwo kwezinye izindawo, lezi zimpikiswano zingase zingaphumeleli.
Izinhlangano zingase futhi zithembele ekwephuleni amalungelo abantu njengembangela yesenzo. Kodwa mancane amathuba alokhu njengoba izinyathelo ezimenyezelwe kule nhlekelele kagesi zehlukile kunezoKhuvethe.
Ngaphandle kwalezi ezinye izindlela ezingenzeka, imbangela yesenzo esisekelwe emthethweni ingase ibonakale ngokuqinile emacaleni azayo. Izinkantolo zizocelwa ukuthi zinqume ukuxhumana phakathi kwesimemezelo kanye nemithetho kanye nenjongo enkulu kahulumeni esemthethweni.
Umbiko uSwelihle Buthelezi neThe Conversation